Usizo lokuthi uhulumeni ubaxhasa kangakanani abampofu lukalwa yisimo sepolitiki nesomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

ZIBALULEKILE izikali zamazinga enhlupheko ezweni. Zibayizikali zenqubekelaphambili yezwe; ukuthi liyasimama noma cha. Futhi ziwusizo olukhulu kuhulumeni ekusunguleni izinhlelo zokuxhasa abantu abahluphekayo.

Kuhlwanyelwe imbewu yentuthuko nobambiswano kwi-reSURGEnce Durban 2025 

OSOMABHIZINISI abebekwi-reSURGEnce Conference Durban 2025 ephothulwe ngoLwesibili e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali bazibophezele ukuqinisa ukusebenzisana ukuletha uguquko ebantwini. 

Kuphele amahlathi okucasha esikhwameni sempesheni ebesigweva nemali yesisebenzi esashona

ISIKHWAMA sempesheni semboni yezinsimbi  iMetal Industries Provident Fund siyayelelwe yiphini lomXazululi wezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop ukuthi sikhokhele umndeni wesisebenzi esashona imali yaso yempesheni efanele. 

Ziyethembisa izingxoxo ngezohwebo neMelika kodwa asikwazi ukulinda izixazululo zangaphandle, kuloba uBusi Mavuso 

IMIZAMO yokulungisa ubudlelwano bethu bokuhwebelana neMelika iqinile njengoba ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau evakashele khona ngesonto elidlule futhi kunamalungiselelo okuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa aye khona kuleli sonto. 

UMasipala waseThekwini usayine isivumelwano sokunciphisa umonakalo esizindeni somnotho esiseningizimu

UMKHANDLU kaMasipala waseThekwini weseka imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbhele ngesivumelwano sokusebenzisana neTransnet ukulungisa umhubhe oseningizimu yedolobha, okuzohlomula ngaso isizinda sezimboni esiseningizimu.

Imboni yokugembula eNingizimu Afrika ikhula ngesivinini, nokho kuletha usizi kweminye imindeni, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUKHULA kwemboni yokugembula kukhomba ukwanda kobunzima obuthwelwe ngabantu baseNingizimu Afrika njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe. 

Umbiko weB20 uqhubeka nokubukela phansi abamnyama – iBlack Business Council

INHLANGANO emele osomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) isinxuse uhulumeni ukuthi ungawamukeli umbiko weB20 ohlanganiswe yiBain neMcKinsey, izinkampani ezimbili ethi zibandakanyeka ekugwamandeni amandla ombuso okucekele phansi umnotho wezwe nezinye izinhlaka zikahulumeni.  

Umfana waselokishini wenza izimpahla ze-denim ezikhanga ngisho osaziwayo

UCWANINGO olukhombisa ukuthi iningi labantu besifazane base-Afrika banenselelo yokutholi usayizi wama-jean abalingana kahle lwenza ukuthi insizwa yaseTsakane, e-East Rand, eGauteng, ibone ithuba lokuqala ibhizinisi lokuthunga afanele imizimba yabo.

Usimeme umnotho wezwe ngekota yesibili – iStatistics SA

UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhuphuke ngo-0.8% ngekota yesibili yango-2025. Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo ziveze ukuthi izimboni ezibe nesandla esikhulu kulokhu ngezokukhiqiza, izimayini nezohwebo kanti nabathengi balekelelile njengoba inyukile kancane indlela abathenge ngayo. 

Lusukile ushikishi ngeDurban Fashion Fair yangalo nyaka

ASEQALILE ukudayisa ngokusemthethweni amathikithi ombukiso wemfashini waminyaka yonke owenziwa wuMasipala waseThekwini iDurban Fashion Fair (iDFF), okuzobe kungunyaka wesi-14 wenzeka kulo nyaka. Uzoqala ngomhlaka -17 kuya kumhlaka-19 wale nyanga eDurban Exhibition Centre.

Isimo sezulu ngenye yezingozi ezinkulu emnothweni waseNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu okuhambisana nokwanda kwezikhukhula noma isomiso kuzokwenza amabhange aseNingizimu Afrika angabimagange ukubolekela izinkampani ezithathwa ngokuthi ukusebenza kwazo kusengcupheni ngenxa yalezi zinguquko.

Olima ngezindlela zesimanje uqhuba igama lomndeni kwezolimo

UMA kukhulunywa ngezolimo eNingizimu Afrika, kwesinye isikhathi kunabantu abafafaza inkoleloze yokuthi abantu abamnyama baqale ukubanentshisekelo yale mboni ngesikhathi okuqalwe ngaso uhlelo lokubabuyisela umhlaba ababephucwe wona ngesikhathi sobandlululo, okungelona iqiniso.  

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page