‘Imali idinga ubuchule ukuze ingapheleli esandleni’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMazwentombi Dladla, umculi kamasikandi. Udume ngamaculo okubalwa kuwo eMaplazini, Iyakhala, Abanye, Injani iMpilo ne-Eyasekhaya. Useke wasebenzisana nabaculi okubalwa kubo uNcwasimende noMavela. Maduze nje uzokhipha i-EP yakhe entsha
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangingaphiwa.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?
Ngiqale cishe eminyakeni eyishumi edlule. Ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kubalulekile ukuthi uyonge.
Waqala nini ukusebenza futhi wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngo-2018, ngathenga izinto zokwakha.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukwakha ekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Alikho ngoba ngangiyithola vele sengidonse kanzima isikhathi esiningi, ngakho yayifikela kumuntu oyidingayo nosehlele kahle izinto zakhe ngayo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha, angikaze.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/12/qinisa-emsebenzini-uma-imali-isangena/
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali awuyisebenzisi noma yikanjani.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingayitshala ngibone ukuthi yiziphi izidingo eziseduze engingazenza futhi ngisize nabadonsa kanzima engisondelene nabo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Abayisebenzise ngobuchule nangokucophelela ngoba ihamba kalula kanti itholakala kanzima.
