UNksz uWandipha Sotsaka, umnikazi we-The Basket Studio yaseThekwini, KwaZulu-Natali, edayisa izikhwama nobhasikidi kwelala okukhangayo. Izithombe: Zithunyelwe

Isonto lamvula amehlo ngezimpahla ezisheshayo

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

WAKHULA efisa ukuba wummeli. Yingakho enza izifundo zomthetho e-University of South Africa, aziphothula ngo-2018.

Nokho kwashintsha konke eseqede ukufunda uNksz uWandipha Sotsaka langa limbe esesontweni mhla amalungu ebandla lakhe encoma isikhwama ayesiphethe.

Umsungulu we-The Basket Studio, edayisa izikhwama nobhasikidi kwelala, uthi wayengakaze aziphuphe nakanye echuma ngebhizinisi ngelinye ilanga. 

 “Amalungu ebandla ayengawuvali umlomo ngalesi sikhwama engangifake izipho kusona. Angibuza ukuthi ngingawatholela yini sona nokuthi singawabiza malini, ngabona ithuba lokuqala ibhizinisi khona lapho,” kusho le ntokazi edabuka eMatatiele, eMpumalanga Kapa, kodwa esizinze eThekwini, eKZN.

Waqala kanjalo ngo-2022 efaka ama-oda alezi zikhwama komama abamdayisela zona baseMbazwana, enyakatho yaKwaZulu-Natali. Ubiza kusuka kuR250 kuya kuR950 umkhiqizo wakhe wezikhwama nobhasikidi.

“Lezi zikhwama nobhasikidi engikudayisayo kwenziwe ngendlela okwakwenziwa ngayo wogogo bethu kudala, okwenza amakhasimende ami, ikakhulu ayintsha, akuthande kakhulu ngoba ethi kuwakhumbuza ezamzukwana.

Izikhwama nobhasikidi i-The Basket Studio engenise ngazo

“Okunye futhi okwenza izikhwama zethu zidlise kakhulu wukuthi zenziwe ngendlela elungele ukuthi uziphathe noma yikuphi, ziyamesha ngisho ngabe uya emcimbini noma uyongcebeleka,” kusho uNksz uSotsaka.

Uthe ibhizinisi lakhe liyadlondlobala njengoba selinamakhasimende ezweni lonke, kodwa futhi nezinselelo zikhona. “Angikachumi ngendlela engifisa ngayo futhi angikabi nayo indawo yokusebenzela ngokukhululeka,” kusho yena.

Nakuba umthamo womsebenzi webhizinisi ubuye ube ngaphezu kwamandla kodwa akakaqashi muntu. 

UNksz uSotsaka ukhuthaza intsha ukuthenga nokusebenzisa imikhiqizo eyenziwe ngendlela yakudala. Muzwe echaza.

Ngokwezinhlelo zangomuso, ufisa ukukhulisa ibhizinisi aze agcine eqashe intsha engasebenzi bese esebenzisa lona ukukhuthaza abantu ukuthi bangakhohlwa yindlela okwakwenziwa izinto ngayo kudala. 

  • Facebook: The Basket Studio
  • Instagram: the.basketstudio 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/01/27/ukuziphantela-ngokudayisa-amasekeni-angavamile-kumzalele-ibhizinisi-lobhasikidi-engahlosile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page