UmNyango weziMali uthi i-Independent Electoral Commission yabelwe imali eyanele ukwengamela ukhetho lwango-2024. Isithombe: Sithunyelwe

Amanqampunqampu

IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko izolo njengoba lithe isazoqhubeka ibe wu-8.25%. 

Ikomidi elenza lesi sinqumo belihlangene kanti livumelene ngo-elethu. Leli komidi lithe ukwehla kwamandla emali kube kubi kakhulu kunaloku obekulindelekile ekuqleni konyaka.  

Khonamanjalo, umNyango weziMali uthe yize iSabelomali sincishisiwe ngo-2024, okungenye yemizamo yokwehlisa isikweletu sezwe, kodwa akulona iqiniso ukuthi ikhomishini yokhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC), ayabelwanga imali eyenele ukusingatha ukhetho lwalo nyaka. 

Lo mnyango uthe i-IEC yabelwe uR250 million, ivunyelwe ukuthi igcine uR1.5 billion oyinzuzo ebinawo futhi yabelwe uR350m ukubheka ezokuphepha ngokhetho. – Intatheli yoMbele

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page