Ukudla okunongwe kakhulu nezibiliboco kwandisa amathuba okuphathwa yizifo eziyisimbelambela, ngokusho kwezazi zezempilo. Izithombe: Zithunyelwe

Ziyabhubhisa izifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

IMINININGWANE esanda kukhishwa yinkampani yomshwalense iSanlam iveze ukuthi siyanda isibalo sabantu ababulawa yizifo eziphathelene nokusebenza kwenhliziyo, imithambo yegazi nezinye ezidalwa yindlela osekuphilwa ngayo. 

Lolu hlobo luyingxenye yezifo ezingathathelani ngoba onaso akakwazi ukusidlulisela kumuntu oseduze naye. Ngenxa yaloku zihlukile kwezidalwa amagciwane angadluliselwa kwabanye.

Lolu hlobo lukhungethe wonke amazwe omhlaba kangangoba inhlangano eyengamele ezempilo emhlabeni iWorld Health Organization ithi lingumbhubhisi ohamba isinyenyela, phecelezi i-silent killer.

Luyinkinga lolu hlobo lwezifo ngoba lungathatha isikhathi eside ukubamba umuntu, okunyusa izindleko zokwelapha futhi kwehlise izinga lempilo umuntu ayiphilayo nomndeni wakhe.

Luvame ukuhambisana nezinga lempilo yomuntu. Abantu abahluphekayo bavame ukungatholi ukudla okunomsoco, bathembele kakhulu kokunezibiliboco nokunongiwe. 

Ake silinganise nje. Inyama esiyithenga ezitolo noma emabhusha iyehluka ngezinga nentengo yayo. Eyezinga ephezulu iyabiza. Abahluphekayo bayaphoqeka ukuthi bathenge eshibhile kodwa edinga ukunongwa kakhulu. Lezi zinongo ziyingozi njengoba zigcwele usawoti nokunye ososayensi bokudla okunomsoco ababika ukuthi kuyingozi uma kudliwa kakhulu.

Okunye okuvelile wukwehla kokudliwa kwezithelo namaveji nezidlo ezinhlamvana. Konke loku kuthathwa njengokudla okungabanomphumela omuhle empilweni yomuntu. 

Okunhlamvana kubikwa ukuthi kunomphumela omuhle ekusebenzeni kwesisu somuntu. Isisu sibalulekile empilweni yomuntu njengoba siyikhaya lamagciwane abalulekile ekusebenzeni komzimba, (ama-bacteria). 

Uma uhlobo oluthile lwawo lungasebenzi ngendlela, ososayensi bezempilo bathi umuntu angagcina esengenwe isifo sokuvaleka kwemigudu yokuhamba kwegazi, okungadala isifo senhliziyo uma iphoqeka ukuthi iphampe igazi ngamandla amakhulu. Kungadala nesifo sohlangothi, uma igazi elanele lingafinyeleli ebuchosheni.   

I-Sanlam ibike ukuthi kuR6 billion ewukhokhele abantu abanemishwalense ngo-2023, u-18% kubengenxa yezifo zenhliziyo nemithambo yegazi, kulandele umdlavuza (u-15%), izifo ezihambisana nokuphazamiseka kokusebenza kwamaphaphu (u-12%), kuthi izingozi, udlame nokunye ukulimala kona kwaba wu-12%.

I-chief medical officer yeSanlam uDkt uMarion Morkel uthi iNingizimu Afrika ayiphumeleli ukunqanda ukwanda kwezifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo. Ngakho-ke izwe lisazobhekana nokwanda kwalolu hlobo lwezifo. Yizifo lezi ezidalwa wukwanda kwabantu abakhuluphele ngokweqile nabanesisindo somzimba esikhulu.

I-chief medical officer yeSanlam uDkt uMarion Morkel ithi iNingizimu Afrika ibhekene nokwanda kwezifo eziyisimbelambela

Ngokombiko oshicilelwe yiStatistics SA ngo-202, iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe anabantu abaningi abakhuluphele ngokweqile nemizimba yabo enesisindo esikhulu.

I-Sanlam ibika ukuthi sanda kakhulu isibalo sabantu besilisa abafaka izicelo zokukhokhelwa umshwalense ngenxa yezifo zenhliziyo nemithambo yegazi. Lolu hlobo lwezifo lwande kakhulu kwabantu besilisa, okuvela ukuthi bawu-33 kwabawu-100 abahlaselwa yilolu hlobo ngaphambi kokufa. Kwabesimame, bawu-25 kwabawu-100  abanele nkinga.

Le mininingwane yeSanlam ilandela umbiko weStats SA ngonyaka odlule owaveza ukuthi inani labantu ababulawa izifo ezingathelelani, ezifana nesenhliziyo, umdlavuza, esikashukela nezifo zokuphefumula, lenyuka ngo-58.7% phakathi kwango-1997 nango-2018, lafinyelela ku-164 205. Nalapha abaningi ngabantu besilisa.

Uma isibalo sabantu ababulawa yilolu hlobo lwezifo eminyakeni ewu-20 (ngo-1997-2018) lihlanganiswa lifinyelela ngaphezu kuka-3 million. Abawu-1.6m  ngabantu ababulawa yizifo zenhliziyo nemithambo yegazi, umdlavuza (bangu-770 856), isifo sikashukela (bangu-429 578), kugcine ezamaphaphu (bangu-305 964). 

NgokweStats SA, lolu hlobo lwezifo lubulala abantu abangu-41m emhlabeni jikelele, abaneminyaka ephakathi kuka-30 newu-69. Lena yingxenye ewu-80% yabantu abathathwa ngokuthi badlule emhlabeni kungakafiki isikhathi. U-85% walaba bantu ababulawa yilolu hlobo lwezifo basemazweni asemazingeni aphansi asathuthuka.

Isizathu wukushintsha kwendlela abantu abaphila ngayo. Ukwanda kokubhema ugwayi ngokweqile, ukuphuza utshwala kakhulu nokudla ukudla okukhubaza impilo. Kuloku kudla kubalwa usawoti noshukela omningi, ukudla okunamafutha amaningi. Lezi zinhlobo zokudla zandisa amathuba okuhlaselwa yilezi zifo.

Ucwaningo olwenziwa ngo-2016 lwathola ukuthi abantu  besilisa abawu-61%, nabawu-26% besifazane babika ukuthi bake bahabula utshwala. Kwatholakala ukuthi kubona, abesilisa abawu-26% nabesifazane abawu-5% babenezinkomba zokuphuza ngokweqile.

Esinye isizathu wukuncipha kwamathuba lapho abantu bevocavoca imizimba, njengokuhamba ngezinyawo, ukujima nokudlala ezemidlalo.

Yingakho nje amanye amazwe enezinhlelo ezibanzi zokukhuthaza izakhamuzi ukuthi zivocavoce imizimba, zidlale ezemidlalo, zihambe ngezinyawo uma ziya ezitolo noma zivakashela izihlobo nabangani noma ziya esontweni. 

Okunye okubalulekile wushintsho ezinhlotsheni zokudla. Nokho yonke le mizamo iyaphazamiseka uma abantu bengaphephile ngenxa yobugebengu, zingekho izindawo zokuzivocavoca nezinkundla zemidlalo. Okunye, uma ezinye izakhamuzi zingenamandla okuthenga ukudla okunomsoco.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/23/bazolwa-nenhi-ezokwenza-ama-medical-aid-izichuse/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page