UKhomishana weFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana uhlaba ikhwelo lokuthi imboni yezimali ibumbane ukufundisa abantu ngokuphatha imali. Isithombe: Sithunyelwe

Ukhukhulelangoqo wemboni yezimali wokufundisa abantu 

WUSLINDILE KHANYILE 

 IZINHLAKA ezihlukene zemboni yezimali zizobuthana engqungqutheleni ngenhloso yokuqhamuka nendlela ezophucula indlela efundisa ngayo abantu ukuphatha imali. 

I-Financial Education Summit yango-2024 ihlelwa wumlawuli wezinkampani ezihlinzeka ngemali, i-Financial Sector Conduct Authority (iFSCA), ngokubambisana neVisa, iJohannesburg Stock Exchange neFinancial Services Consumer Education Foundation (iFSCEF). Izoba ngomhlaka-28 ngo-Agasti, isonto elibizwa nge-Money Smart Week South Africa.

Ngokusho kweFSCA, le ngqungquthela kuzobe kungeyokuqala yalolu hlobo kanti ingqikithi yayo ithi “Ukwenza indlela yokufundisa wonke umuntu ngemali eNingizimu Afrika”. 

Kuzobuthana bonke abaholi embonini yezimali ukuze baqhamuke nendlela yokuphucula indlela okufundiswa ngayo abantu ngemali ngokuhlanganisa umqulu wokuqala ozobe usho ukuzibophezela kuloku, i-Financial Empowerment Commitment Charter.  

Lo mqulu yiwona ozocacisa le mboni ezibophezela kukona ngokufundisa ngemali ukuze abaholi bayo bakudingide ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokusayinwa kwawo. 

I-FSCA izimisele ngokuthi umqulu ozogcina kuvunyelwene ngawo usayinwe yizikhulu eziphezulu ezikubonayo ukubaluleka kokufundisa ngemali ukuseka abathengi. 

Ephawula ngobumqoka balo mkhankaso, uKhomishana weFSCA uMnu u-Unathi Kamlana uthe: “Kubalulekile loku ekukhuliseni imboni ngoba uma amakhasimende enolwazi olufanele ngezimali, maningi amathuba okuthi onge, asebenzise, aboleke futhi athathe nemishwalense ezinkampanini ezisebenza ngokusemthethweni, into engenzeka ngokubambisana.” 

Kule ngqungquthela kuzoba khona ongoti baseNingizimu Afrika nabaqhamuka kwamanye amazwe abazobe bebhunga ngasebekufundile nezinselelo ezithinta leli zwe. Bazothola nethuba lokuveza imisebenzi nezinhlelo abazenzile ezithinta ukufundisa ngemali. 

I-FSCA ithe kubantu abazokhuluma kuzoba khona abomNyango wziMali, oweMfundo eyisiSekelo, abalawuli, izinkampani zezimali, nezinhlangano zamazwe omhlaba ezifana ne-Organisation for Economic Development ne-International Network on Financial Education. 

“Njengabanye babantu abanesandla esikhulu emnothweni waseNingizimu Afrika, iJSE iyakubona ukubaluleka kokufundisa ngemali ekuletheni uguquko nasekuhlanganiseni abantu baseNingizimu Afrika. I-JSE izimisele ukuseka imizamo nezinhlelo zokufundisa ezizosiza ukufinyelela kubantu abaningi. Ukubambisana kwethu neFSCA kuwubufakazi baloku kuzinikela kwethu,” kusho uNks uLeila Fourie, isikhulu esiphezulu seJSE.

Kunekomiti longoti abahlukene ekufundiseni ngemali elihlela izinto okuzoxoxwa ngazo ezithinta nokuthi kungafakwa kanjani ukufundisa ngemali ezikoleni, ukusebenzisa ubuchwepheshe nezinye izindlela.

“Le ngqungquthela yokuqala yokufundisa ngemali ibalulekile eNingizimu Afrika. Ngokuhlanganisa izinhlaka ezihlukene, sibeka isisekelo esizolekelela ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ezimalini. Le ngqungquthela akuyona nje eyokwabelana ngolwazi kodwa eyokuqala ukusebenzisana nokuthi kuthathwe izinyathelo ezibonakalayo ukufundisa abantu ngemali. Sizibophezele ekufukuleni bonke abantu baseNingizimu Afrika ngabakudingayo ukuze baqonde kahle ezezimali,” kusho uNks uLineshree Moodley, ophethe iVisa eNingizimu Afrika. 

Enye yezinkinga ezikhona eNingizimu Afrika ezithinta abathengi wukwanda kobugebengu obaziwa ngokuthi “amabhanoyi” noma ama-ponzi scheme, ukulutha abantu kusetshenziswa ubuchwepheshe, ukucwila kwabathengi ezikweletini nokungakuhleli kahle ukuthatha umhlalaphansi. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/16/abantu-abawongeli-umhlalaphansi-ucwaningo/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page