Month: July 2021
Uvala igebe embonini yezimali ogxile enkampanini elekelela osomabhizinisi abaphila ngamathenda kahulumeni ukuthi bangawi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KWAKUMKHATHAZA ukuzwa inzalo emba eqolo abantu abayikhokhiswa ngomashonisa. Okunye obekumphatha kabi wukuwa kwamabhizinisi abantu abamnyama abathembele kakhulu ekutholeni umsebenzi kuhulumeni ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi noma ngenxa yokuthi uma sebekhokhelwe imali eningi igcina iphelele komashonisa.
Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika
IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.
Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika
“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”
SENZIWE UMHLATSHELO
CISHE nomuntu owayengaqondi kahle ukuthi izinhlaka zomnotho zisebenzelana futhi ziphakelana kanjani ukuze yonke into isebenze ngomumo ubesekuqonda kahle loku emva kokuvalwa kwezwe ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19 kusukela ngoMashi ka-2020. Ukubona kume … Read More
Lafa elihle kakhulu isizwe esimnyama sivukelana sodwa, kuloba uNtokozo Biyela
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami igobhoza igazi ngezenzo zobelelesi nokulinyazwa kwempahla esizibone KwaZulu-Natali naseGauteng. Sesivaleleke ezindlini njengeziboshwa ezweni lobabamkhulu. Okubuhlungu kakhulu wukuthi umnotho waseNingizimu Afrika usuwile futhi kusazoba nobubha nokukhala nokugedla kwamazinyo okukhulu.
Uxamu ugeje umgodi ngaloku kuvalwa kwezwe, kuloba uBusi Mavuso
NGISHILO ngesonto eledlule ukuthi ukunqunywa kwesikhathi esithile sokuvalwa kwezwe kukhombisa ukuthi uhulumeni ucabangisisile ukuze abhalansise ubungozi nemihlomulo yemizamo ehlukene. Loku kungcono kunokuvalwa kwezwe okunganqunyelwe sikhathi, okuvele kuvale amabhizinisi ngisho kungasabhekwanga ubungozi bawo nemiphumela yaloko kuvalwa.