Ukwehla komnotho ngo-0.1% esinye sezizathu kufanele uhulumeni wobumbano uphuthume ukufingqa imikhono, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu baseNingizimu Afrika badinga uhulumeni ozozibophezela ukusebenza, kuloba uBusi Mavuso

KUFANELE sihlanganise uhulumeni wobumbano futhi siqhubeke sisebenze. Kuyaphuthuma ukuthi izinhlangano zihlanganise isivumelwano esizokwenza abantu baseNingizimu Afrika babenethemba lesisekelo sikahulumeni osebenza kahle.

SiyiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) siyalamukela ikhwelo elihlatshwe yi-ANC ngesonto elidlule lokuthi kufanele kucatshangelwe izwe futhi kuvikelwe intando yabantu esekelwe wumThethosisekelo. Siyathemba izozithola izinhlangano engabambisana nazo futhi lezo zinhlangano zifise okufanayo ezingxoxweni.

Okuningi kuncike ekubambisaneni okuhle kanti umhlaba ubhekile. Asikwazi ukuchitha isikhathi. Ukugcizelela esikushoyo, ngesonto elidlule izibalo zitshengise ukuthi umnotho wehle ngo-0.1% ngekota yokuqala kulo nyaka. Kwehle izimboni eziningi zomnotho okufaka ezokukhiqiza, ezokwakha nezimayini.

Nemali etshaliwe ibincane njengoba imali etshalwe yimboni ezimele ibiphansi kakhulu kusukela ngo-2016. Loku kutshengisa ngokusobala ukuphela kwethemba ngokubhekwe emnothweni.

Abantu abazobumba uhulumeni banethuba lokuvuselela lelo themba. Ukwenza loko kufanele basheshe bazibophezele ezinguqukweni ezimqoka ukukhulisa umnotho. Ngicabanga ngezinsuku eziwu-100 zokuqala zikahulumeni omusha. Nazi izinto okufanele zibe seqhulwini ukubuyisela izwe lethu esimweni: 

Okokuqala, wukulungisa ukucinywa kukagesi nokwehlisa amanani kagesi. Kufanele siphothule izinguquko ezimqoka embonini kagesi, okufaka ukuhlukanisa i-Eskom ukuze kubenenkampani ezimele elawula ukusebenza kukagesi nokusungula imboni kagesi evulelekile. Ukuchibiyela umthetho olawula ugesi kwaphuthunyiswa ePhalamende ngaphambi kokhetho kanti manje usulinde ukusayinwa wumengameli. 

Ekuwuphuthumiseni, ezinye izinto ezingasizi zangena emthethweni okufaka namandla okuthi kubewungqongqoshe onquma ngezinto ezithile. Ezinsukwini eziwu-100 zokuqala lezi zinto kufanele zixazululwe futhi umthetho usayinwe. Kufanele kube sekukhathulwe indima enkulu ukuhlukanisa uphiko lokusabalalisa ugesi e-Eskom.

Okwesibili wukulungisa ezokuthutha eseziwile, kufanele kube nenqubekelaphambili kumhlahlandlela ohlanganiswe yikomidi elisungulelwe ukulungisa inkinga yezokuthutha, iNational Logistics Crisis Committee. 

Sekuvele kukhona izinto ezizuziwe ngokungenelela kweminye imikhakha ngokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni. Kudingeka kuphuthunyiswe izinguquko ezinqala ezizoholela ekutheni kubenengxenye yamachweba nezitimela okuzotshala imboni ezimele kuyo ukuze lezi zinto zilawulwe ngendlela ezokwenza zincintisane. 

Lo mhlahlandlela unqume isikhathi okufanele uhulumeni usebenze ngaso. Ezinsukwini eziwu-100 zokuqala uhulumeni ungazibophezela kabusha ekusihlonipheni lesi sikhathi. Okudingeka kakhulu wukuthatha izinyathelo ezizosiza iTransnet ikwazi ukudedela amatomu. 

Okwesithathu kufanele siqhube imizamo yokulungisa izinhlaka zokulwa nobugebengu. Ziningi izizathu futhi kubalulekile ukulungisa inkinga yobugebengu nenkohlakalo. Esinye sazo wukuqinisa ithemba lamabhizinisi. Amabhizinisi athembele kakhulu ekusebenzeni komthetho, ngaphandle kwakho, awakwazi ukuzibophezela ekutshaleni imali ebhekile.

Ukungashushisi ngokwanele abasolwa ngenkohlakalo ngesinye sezizathu iNingizimu Afrika isohlwini lamazwe okuthiwa awanayo imithetho eqine ngokwanele ukugwema ukushushumbisa imali, phecelezi i-greylist, ehlanganiswa yiFinancial Action Task Force, okusihlupha sonke.

Ngaphambi kancane kokhetho, kwashaywa umthetho ozokwenza kusungulwe uphiko oluphenyayo kwiNational Prosecuting Authority, igxathu elibalulekile. Uhulumeni omusha kufanele uzibophezele ukuqinisa zonke ezinye izinhlaka ikakhulukazi amaphoyisa, indlela aphenya ngayo nezobunhloli bawo.

Kuko konke lokhu, amabhizinisi asehlanganise izinsizakusebenza eziningi ngeBusiness for South Afrika ukweseka uhulumeni ukuze wenze umsebenzi. Sithathe amakhono embonini ezimele ukugcwalisa izikhala kuhulumeni ukuze kube nenqubekelaphambili. 

Sekunobudlelwano obuhle obakhekile, okubonakala ngempumelelo efana ne-Electricity Action Plan esithela izithelo manje njengoba kunciphe ukucima ugesi futhi kunezigidi ezitshalwe yimboni ezimele ukuphehla ugesi. Uhulumeni omusha kufanele uxoxisane futhi ubuqinise lobu budlewano ukuze isheshe inqubekelaphambili.

Impumelelo yezinguquko ezisanda kwethulwa yenzeke ngenxa ye-Operation Vulindlela, uphiko olubheke ukuthi umsebenzi uyenzeka, oluhlanganiswe wumNyango weziMali neHhovisi likaMengameli ukugxila ekuqinisekiseni ukuthi izinguquko zemigomo ziyalandelwa.

Uhulumeni omusha kufanele uyeseke i-Operation Vulindlela kanti kuyangikhuthaza ukubona ukuthi ezinye izinhlangano zepolitiki zikubeke kwacaca ukuthi zizokwenza loku uma zibayingxenye yohulumeni wobumbano.

Uhulumeni omusha ungenza okuhle ngokuzibophezela ekuhlanganisweni komgomo wezomnotho kunciphise ukudideka ngokuthi imisebenzi ethile iqondene nobani, obekwenzeka ngohulumeni odlule. Isibonelo, yize kukuningi okwenziwe ukukhuthaza ukuthi kutshalwe imali ngokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni, loku akuthelanga zithelo ezitheni. 

Kufanele kubenophiko oluhlelayo ukuthi umsebenzi wenzeka kanjani, olubambisana nomNyango weziMali ukuze imigomo ihambisane nendlela imali esetshenziswa ngayo ukuze kubenezithelo ezibonakalayo futhi kudonse abanye embonini ezimele.

Njengoba sekushiwo kaningi phambilini, indlela okufanele kungenelelwe ngayo iyaziwa. Seloku kwathi nhlo, inkinga wukwenza izinto. Yize uhulumeni omdala unezinto ozikhombayo eziphumelele, uhulumeni omusha kungenzeka ungakwenzi loku.

Abantu baseNingizimu Afrika badinga uhulumeni ozozibophezela ekusebenzeni futhi ozofingqa imikhono zisuka nje. Ngithemba ukuthi yiloko esizokuthola maduzane.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/12/04/kunenhlasi-yethemba-ngendima-esikhathulwe-yiningizimu-afrika-ukuzikhipha-kwi-greylist-uslindile-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page