Kuphelile ukulinda imali amalombo kosomabhizinisi baseThekwini 

BUZOPHELA ubunzima bokulandela uMasipala waseThekwini ukukhokhela osomabhizinisi ngomsebenzi asebewenzele wona njengoba ubuholi bawo buzibophezele ukuthi bakhokhelwa ngesikhathi.

Isikhwama esingakhokhele umfelokazi sesibikwe kwiFinancial Sector Conduct Authority

USHAQEKE wabikela umXazululi wezinKinga zemPesheni umfelokazi oyalelelwe yisikhwama sempesheni ukuthi uzothola uR6 000 kuphela emalini yomyeni wakhe obesesebenze iminyaka engaphezu kwewu-40 enkampanini eyodwa. 

Impumelelo yezinguquko zeNingizimu Afrika iletha ithuba njengoba izinto zimapeketwane emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

I-WORLD Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule inike iNingizimu Afrika isigcawu esikhulu sokutshengisa ukuthi izinguquko ezenzayo zithela izithelo ezibonakalayo.

U-Trump uyaqhubeka nokusabisa amazwe ngentela yezimpahla

AZISAMNAKI izimakethe umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump njengoba zingazange zinyakaze ngesikhathi esabisa amazwe aseYurophu ngokuthi uzonyusa intela yezimpahla zawo ezidayisa eMelika uma engamvumeli ukudla iGreenland futhi unamasosha alungele ukwenza lo msebenzi noma nini. 

I-Jonsson Workwear Durban Open izokhangisa idolobha laseThekwini emhlabeni wonke 

UMASIPALA waseThekwini uzophinda wenze umdlalo wegalofu wabadlaligalofu basemazweni ehlukene iJonsson Workwear Durban Open ozoba yingxenye yezinhlelo zeSunshine Tour neHotelPlanner Tour ngenyanga ezayo.

INingizimu Afrika kufanele iyeke ukwanda ngomlomo ngezindaba zomhla kodwa  iqale ngokuqinisa izikhwepha, kuloba uJabulani Sikhakhane

IQUKETHE isifundo esikhulu kwiNingizimu Afrika inkulumo kandunankulu waseCanada uMnu uMark Carney, ayithule ngoLwesithathu kwiWorld Economic Forum, umhlangano waminyaka wonke obaseDavos, eSwitzerland. 

Ukuvala kwenkampani kagwayi wumphumela wokungayisukumeli indaba yokulwa nezimpahla zomgunyathi, kuloba uBusi Mavuso

IZIMPAHLA eziwumbombayi ziqeda imisebenzi. Isimemezelo esenziwe yiBritish American Tobacco (iBAT) sokuthi izovala ifemu yayo okuwukuphela kwayo eNingizimu Afrika kulo nyaka kutshengisa ukuthi uma imigomo ixega nokugcina imithetho, ezokukhiqiza ezisemthethweni zicekeleka phansi.

Yize izwe selibuswa ngentando yabantu, abantu abamnyama basahlala kude nezizinda zomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGEMVA kweminyaka ewu-30 iNingizimu Afrika yangena ngaphansi kombuso lapho nabantu bomdabu benamalungelo agcwele izwe alikenzi mehluko otheni ukuguqula indlela uhulumeni wobandlululo ahlela ngayo inhlalo nemisebenzi yabantu abamnyama.

Sisethubeni lokuqala kahle ekade sakugcina ngezinto eziseqhulwini ezintathu, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika iqala u-2026 ngamanani ezimpahla zomkhiqizo aphezulu, ugesi ongacimi, isimo sezimali esizinzile nemalimboleko ephansi, okudala isisekelo esiqinile somnotho kule minyakeni eyishumi edlule.

‘Sebenzisa imali ngendlela ongeke uzisole ngayo kusasa’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uLungelo Nzimande, odume ngelikaDlala Matifana. Uwumsakazi osesebenze kwi-Eantouch Radio, kwiLife FM. Manje uthula uhlelo lwantambama kwi-Intokozo FM ngoMsombuluko kuya ngoLwesine ngo-3 kuya ku-6 ntambama ne-Intokozo FM Top 20 ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-11 ekuseni, uwuDJ eziteshini zomsakazo ezihlukene okubalwa iGagasi FM, Ukhozi FM, iVuma FM neRadio 2000 ezinhlelweni ezihlukene futhi unohlelo oluthi Silungisa Umjolo, alusakaza kuYouTube

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page