‘Yenza okunye eceleni okuzokungenisela imali’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSibusiso ‘SamaJobe’ Sithole. Uwumethuli nentatheli yohlelo lwezindaba kwiNanda FM olusakazwa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu kusukela ngo-10 ekuseni kuya ngo-1 emini oluthi Rise & Rock. NgemiGqibelo uthula futhi adidiyele uhlelo lwezindaba zobumnandi i-The Morning Shake-up ngo-6 kuya ngo-9 ekuseni. Useke wasebenza nakwiVibe FM ewumethuli wohlelo nomdidiyeli wezinhlelo futhi uyi-blogger

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa imali ikakhulu ngisafunda isikole emabangeni aphansi naphezulu. Sengisenyuvesi ngangiphiwa kodwa kungasafani.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuphi?

Ngifunda u-Grade 10, abeStandard Bank Student Achiever babefike esikoleni. 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi iyangijabulisa. Ngisafunda isikole uma ngingenamali, usuku lwami lwalonakala.

Waqala nini ukusebenza, wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngo-2014 uma ngingaphazami ngisebenza e-IEC. Angisakhumbuli bandla ukuthi ngayenzani leya mali.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngathengela uMa i-bedroom suite kaR12 000.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukubolekisa ngayo bese umuntu angakhokhi. Kumanje kunomuntu ongikweleta uR1 000 ayewuboleke ngo-2023, ezowubuyisa ngo-2024 ngoJuni ngoba istokfela sasizoza kuyena. Kuze kubemanje, wangiziba njalo.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo, kanti (selizophahlazeka).

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/20/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nosbo-mdunge-umsakazi-wenanda-fm-wohlelo-i-rise-and-rock-breakfast-show-olungena-ngomsombuluko-kuya-ngolwesihlanu-ngo-6-kuya-ku-9-ekuseni-wethula-izinkulumo-ez/

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uboyihlonipha, uyiphathe kahle, nayo izokuphatha kahle.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Nginesifiso sokubawumdidiyeli wezinhlelo zethelevishini, ikakhulu ezikhuluma ngempilo yangempela. Ngingaqopha uhlelo olukhuluma ngempilo yangempela, hhayi ngeyami kodwa.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Bayazi nabo ukusebenza emsakazweni akusiyona into eqinisekisiwe ukuthi nakusasa uzobe usakhona. Yenza okunye eceleni okuzokungenisela imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page