Category: PERSONAL FINANCE
Okwenzeka emalini yempesheni yomuntu uma edlula emhlabeni
SEKUKANINGI kubanombango wemali yempesheni namafa uma kufa umuntu obebeka imali yempesheni. Kwesinye isikhathi uthola umndeni ulwisa obhaliwe ukuthi imali iye kuye. Kuyenzeka kwesinye isikhathi ababheke izikhwama zempesheni basolwe ngokungenzi kahle uma bengabacazelanga imali bonke akade bondliwa wumufi.
‘Zinkonkoshele uma unemali; iyasanganisa’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noFortune Nkwanyana, umbhali wezincwadi, okubalwa kuzona i-Rise and Grind ne-Think Excellence, umphathi wohlelo emicimbini, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo, usomabhizinisi. Uke waba wumsakazi kwiGagasi FM ethula i-Rise and Grind ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo 4 kuya ku-6 ekuseni
‘Umkhankaso wokubhenka kweningi e-Afrika uyaphumelela kodwa usemningi umsebenzi’
UMKHANKASO wobuchwepheshe wokuqeda ububha, ukukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba ngokufaka wonke umuntu kwezezimali uyaphumelela kancane, kancane. Nokho kubantu abaningi base-Afrika “imali esandleni” iseyinto enkulu kanti usemningi umsebenzi wezikhungo zezimali wokusabalalisa umbhidlango owenze ukuthi kwande isibalo sabantu base-Afrika abasebenzisa amabhange safinyelela ku-49% phakathi kwango-2011 nango-2022.