Zizokhokha izikhwama zempesheni eziphuzayo ukukhokha 

SEZIQALILE ukuhlawulela isikhathi ezisimosayo izinkampani zezikhwama zempesheni eziphuza ukukhokhela abantu imali emva kokuthi iHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni seliyalele ezimbili ukuba zikhokhele abantu imali yabo.

Qonda ukuthi isinqumo somThethosisekelo sithini ngokwaba amafa omshado uma kunelobolo – abeluleki 

ISINQUMO esisanda kukhishwa yiNkantolo yomThethosisekelo esigcwalisa ukuthi eNingizimu Afrika yonke imishado yesintu ihlanganisa amafa sisho ukuthi kubalulekile ukuhlelela amafa omuntu. Isho ukuthi kubaluleke kakhulu ukuqonda imiphumela yomthetho kubantu abahlela ukushada.

I-Standard Bank iphuthumisa izinhlelo zokuqeda amagatsha angayiphathi imali

I-STANDARD Bank Personal and Private Banking iphuthumisa uxhaxha lwayo lwamagatsha ukuhambisana noshintsho endleleni amakhasimende asenza izinto ngayo nokuncipha kwezindawo ezisebenzisa imali ewukheshi njengoba kwanda amagatsha angeke esaphatha imali kulo nyaka.

Izivakashi sezizokhokha ngemali yasemazweni azo ngesisombululo seStandard Bank

ASISEKHO isidingo sokuthi izivakashi eziza eNingizimu Afrika zishintshe imali njengoba amabhizinisi awu-16 000 asebenzisana neStandard Bank esezokwazi ukumukela imali yamazwe ahlukene. 

Akuqine isandla ukuvala abangagunyaziwe ukululeka ngemali – abeluleki

USOSESHINI wabaluleka ngezikweletu eNingizimu Afrika iNatioal Debt Counselling Association (iNDCA) ufuna kuchitshiyelwe umthetho wezikweletu i-National Credit Act, ukuze kungabikhona abeluleki abangagunyaziwe kule mboni.

Abantu sebezoyikhipha eduze imali yaseStandard Bank 

UKUQINISEKISA ukuthi abantu basemakhaya abangeni ezindlekweni uma bethunyelelwe imali, iStandard Bank isiyenze ukuthi imali ethunyelwa ngohlelo lwayo lwe-instant money ikhipheke nakumaspaza. 

Okwenzeka emalini yempesheni yomuntu uma edlula emhlabeni

SEKUKANINGI kubanombango wemali yempesheni namafa uma kufa umuntu obebeka imali yempesheni. Kwesinye isikhathi uthola umndeni ulwisa obhaliwe ukuthi imali iye kuye. Kuyenzeka kwesinye isikhathi ababheke izikhwama zempesheni basolwe ngokungenzi kahle uma bengabacazelanga imali bonke akade bondliwa wumufi.

‘Zinkonkoshele uma unemali; iyasanganisa’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noFortune Nkwanyana, umbhali wezincwadi, okubalwa kuzona i-Rise and Grind ne-Think Excellence, umphathi wohlelo emicimbini, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo, usomabhizinisi. Uke waba wumsakazi kwiGagasi FM ethula i-Rise and Grind ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo 4 kuya ku-6 ekuseni

Impesheni yezisebenzi zomasipala nonogada isengozini

ABAQASHI bawu-7 770 bakweleta imali yempesheni elinganiselwa kuR5.2 billion. Umbiko osanda kukhishwa wumlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uveze ukuthi le mali engakhokhiwe ezikhwameni zempesheni ithinta amalungu awu-310 000.

Abantu baseNingizimu Afrika banevuso nge-Black Friday

NGEMVA kweminyaka eyishumi, i-Black Friday ingenisile eNingizimu Afrika kodwa isishintshile. Ngemva kokwehla kwesasasa kubantu abaya ezinxaxhatheleni zezitolo ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19, ikhuze ibuya ngamandla ngo-2023.

Izitok’fela zisahamba phambili eNingizimu Afrika – ucwaningo 

IZITOK’FELA zisaqhubeka nokuba ngenye yezindlela ezihamba phambili ezigqugquzela abantu ukuthi bonge imali eNingizimu Afrika kodwa isekhona inselelo yokuqinisekisa ukuthi imali yazo iphathwa ngendlela efanele ukuze zifeze izinhloso zezisuke zisungulelwe kona.

‘Umkhankaso wokubhenka kweningi e-Afrika uyaphumelela kodwa usemningi umsebenzi’

UMKHANKASO wobuchwepheshe wokuqeda ububha, ukukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba ngokufaka wonke umuntu kwezezimali uyaphumelela kancane, kancane. Nokho kubantu abaningi base-Afrika “imali esandleni” iseyinto enkulu kanti usemningi umsebenzi wezikhungo zezimali wokusabalalisa umbhidlango owenze ukuthi kwande isibalo sabantu base-Afrika abasebenzisa amabhange safinyelela ku-49% phakathi kwango-2011 nango-2022.

Abantu abawongeli umhlalaphansi – ucwaningo

BAWU-48% abantu baseNingizimu Afrika abangenayo nhlobo imali abayongayo ukulungiselela umhlalaphansi. Kanti kubona abawu-50% abanawo iningi ngeke libenemali eyanele uma sekufike leso sikhathi.

Kucetshiswa izitokfela ngendlela ephephile yokukhipha imali ukuze zigweme ukuba wukudla kwamaqola. INTATHELI YOMBELE iyabika

AMAHOLIDI kaKhisimusi aseqalile kanti ezinye zezinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi wukuhlukanisa izitokfela. Abanye bazihlukanisa ngasekuqaleni kukaDisemba kanti abanye bazihlukanisa ekupheleni kwawo ngoba imali basuke beyongela izidingo zikaJanuwari nokuvula kwezikole.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page