Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyisibonelo esihle emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

UMHLANGANO omuhle wamabhizinisi nohulumeni usugqugquzele umgqigqo wokuphuthumisa izinguquko ezinqala.

Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Kuningi okufanele kusijabulise njengoba sizohlaba ikhefu, kuloba uBusi Mavuso

IMIZAMO emandla yosomabhizinisi nohulumeni yokusebenzisana isiqala ukuthela izithelo. Kubukeka sengathi unyaka sizowuphetha sekuphele amakota amathathu ugesi ungakaze ucinywe. 

Ziningi izimpawu zezinto ezinhle ezweni, nokho iGauteng isihlehlisela emuva, kuloba uBusi Mavuso

UKUBUYEKEZWA kwendawo okukleliswe kuyo iNingizimu Afrika yiS&P Global njengoba isibekwe lapho kukleliswa khona amazwe angeyona ingozi uma ebolekwa imali yigxathu lokuqala lokuthi sibuyele endaweni enhle eyasiphunyuka ekuqaleni kokubheduka kwe-COVID-19.

Uqinisa idolo umbono ocacile ngokuguqula imboni yezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy uselethe umfutho omusha emnyangweni oletha ithemba kubantu bamabhizinisi ukuthi singaphumelela ekubhekaneni nenkinga yezokuthutha.

Izikhulu eziphezulu zinengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayasimama, kuloba uBusi Mavuso 

INTO egqame nge-Africa CEO Outlook Report yango-2024, umbiko osanda kushicilelwa yiKPMG, wukuthi izikhulu eziphezulu zasemazweni ase-Afrika aseningizimu azinalo ithemba elitheni ngesimo somnotho womhlaba kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

‘Yize sinezinto ezinqindayo kodwa iSabelomali sibeka eqhulwini izinto ezibalulekile’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyamncoma uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokukhipha iSabelomali esifanele esitshengisa ukucophelela kodwa futhi siyise imali ezindaweni ezifanele ezizokhulisa umnotho ngokuhamba kwesikhathi.

I-B20 neG20 yithuba lokukhangisa ngamava obuholi beNingizimu Afrika emhlabeni jikelele, kuloba uBusi Mavuso

ENYE yezinto ezigqame engqungqutheleni yeB20 ebiseSao Paulo, eBrazil, ngesonto elidlule wukuthi izinkinga zeNingizimu Afrika azikhungethe yona kuphela, namanye amazwe amaningi abhekene nezinkinga ezijulile ezifana nalezi nathi esibhekene nazo.

Kuhle ukubona imboni yezimoto igxile kwikusasa, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ingenye yalezo ezenza okukhulu emnothweni kodwa enganakwa kangako. Kungijabulisile ukubasengqungqutheleni yaminyaka yonke yale mboni eKapa, eNtsonalanga Kapa, ngesonto elidlule lapho bekubhungwa khona ngekusasa.

Kufanele siqhubeke nokulungisa izinto ezikhinyabeza ukusimama komnotho, kuloba uBusi Mavuso

IZINTO ezinhle eziqhamuka noHulumeni woBumbano ziyaqhubeka. Ngesonto elidlule kushicilelwe imithetho emisha osekuzosetshenzelwa phezu kwayo ukukhipha ama-visa abasebenzi abanamakhono adingekayo nokulungisa enye yezinto ebeziyingqinamba enkulu emabhizinisini.

Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.

Izinsuku eziwu-100 zikaHulumeni woBumbano zikhomba ukubambisana okuhle namabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

NGESONTO elidlule, uHulumeni woBumbano uhlanganise izinsuku eziwu-100. Umbiko wawo unokuningi okuhle. Uhulumeni omusha usuzuze izinto eziningi ezinhle futhi usize ukuthi kubenethemba lokuthi sizokwazi ukuguqula umnotho ngendlela efanele. 

I-G20 yithuba elihle lokuqhuba umgqigqo wesasasa abatshalimali abanalo ngeNingizimu Afrika, kuloba uNksz uBusi Mavuso 

ISINQUMO seBhange loMbuso sokwehlisa imalimboleko ngo-25 basis points ngesonto elidlule sisho ukushintsha kwezinto endleleni izinto ebezenzeka ngayo ngaloku.

Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso

UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”

I-BLSA iyalila ngokudlula kukaGordhan emhlabeni

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) idabuke kakhulu ngemva kokuzwa ngokudlula emhlabeni kwalo owayewungqongqoshe noqweqwe lukasopolitiki uMnu uPravin Gordhan namhlanje, mhlaka-13 wangoSepthemba.

Ubuyise ithemba umengameli ngobudlelwano bukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

KUWUPHAWU lobudlelwano obuhle phakathi kwamabhizinisi nohulumeni ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo emhlanganweni wonyaka weBusiness Unity South Africa ngesonto elidlule.

Akusebenzeki uma bengajezi abantu ngokukhwabanisa nenkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU bamabhizinisi bazibophezele ekusebenzeni komthetho. Loku kubalulekile ukuze indawo amabhizinisi asebenzela kuyona yeseke ukukhula komnotho.

Umgomo wokuhweba kufanele ugxile ekuphuculeni indlela esincintisana ngayo namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso 

KUNGABE yimiphi imigomo yezimboni uhulumeni wobumbano ozoyiqhakambisa? Ngimangazwe wucwaningo lweBhange loMhlaba obelubheka indlela iNingizimu Afrika eqhuba ngayo ekuhwebeni namazwe aphesheya oluveze ukuthi isalele emuva ekukhuliseni umnotho.

Kuyaphucuka okulindelwe emnothweni njengoba uqhubeka umgqigqo wezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

KUBE kuhle ukuzwa osomnotho bethi balindele ukuthi umnotho ukhule kangcono kunobekuke kwashiwo kwi-Bureau for Economic Research (iBER) ngesonto elidlule.

Kuyancomeka ukusukumela ukuphasisa imithetho kukaHulumeni woBumbano ukuvuselela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

INGIQINISA idolo indlela okushesha ngayo ukuphasisa imithetho futhi loku kuyaqhubeka ngisho emva kokhetho njengoba umengameli asayina inqwaba yemithetho ngaphambi kokhetho olwalungomhlaka-29 Meyi.

Amathuba okulungisa izinkinga zokukhula komnotho wezwe alele kuhulumeni wobumbano, kuloba uBusi Mavuso 

NGITHUKILE uma ngizwa ngocwaningo olushicilelwe ngesonto elidlule oluveze ukuthi akumali etheni engangeniswa yiNingizimu Afrika ngokunyusa intela. Lolu cwaningo beluphenya umphumela wokunyusa intela (i-marginal tax rate) esuke ku-41% yaya ku-45% ngo-2017. 

Amabhizinisi ayithakasele inkulumo yokuvula iPhalamende

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) imshayela ihlombe uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuvula kwakhe iPhalamende okokuqala kusukela kusungulwe uHulumeni woBumbano.

Ikhabinethi entsha ikhombisa umdlandla omusha kuhulumeni, kuloba uBusi Mavuso 

KUSUKELA ikhabhinethi entsha imenyezelwe ngesonto elidlule isivele ilethe umdlandla omusha kuhulumeni. Ngiyakhuthazeka uma ngibona indlela ongqongqoshe abaningi abasukumela imisebenzi yabo emisha ngayo, bexoxisana nezisebenzi eminyangweni yabo nomphakathi.

‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iwahalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu.

Sidinga ongqongqoshe abazohlonipha umsebenzi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi egcotshwa ngesonto elidlule iyikho kanye esikudingayo ngalesi sikhathi emlandweni wombuso wentando yabantu. Umengameli uthe abavoti batshengisile ukuthi bafuna “umnotho oshintshile, okhulayo, ofaka wonke umuntu nowakha imisebenzi yezigidi zabantu abafuna umsebenzi namathuba amabhizinisi abo bonke osomabhizinisi ezweni lethu”.

Uhulumeni wobumbano yingqophamlando esinika ithuba lokuxazulula izinkinga zethu, kuloba uBusi Mavuso

SIYAWABONGELA amaLungu ePhalamende amasha afungiswe ngesonto elidlule. Wumzuzu olethe ithemba ezweni ngesikhathi sibona kuhlangana lokhu obesekube ngamasonto anzima izinhlangano zepolitiki zizama ukukusebenza.

Ukuntula kwentsha imisebenzi yingozi enyelelayo, kuloba uBusi Mavuso 

UHULUMENI ozongena unezinselelo eziningi obhekene nazo. Cishe inkinga enkulu obhekene nayo yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi lokuthi abantu abasha ababili kwabathathu abasebenzi.

Abantu baseNingizimu Afrika badinga uhulumeni ozozibophezela ukusebenza, kuloba uBusi Mavuso

KUFANELE sihlanganise uhulumeni wobumbano futhi siqhubeke sisebenze. Kuyaphuthuma ukuthi izinhlangano zihlanganise isivumelwano esizokwenza abantu baseNingizimu Afrika babenethemba lesisekelo sikahulumeni osebenza kahle.

Sifuna uhulumeni ozosukumela amabhizinisi amancane abamnyama: osomabhizinisi

UMFELANDAWONYE wamabhizinisi abantu abamnyama uthemba ukuthi noma ngabe wubani i-ANC ezokhetha ukubumba naye uhulumeni kuzoba yinhlangano ezobeka eqhulwini umthetho wokufukula abantu abamnyama emnothweni, i-Black Economic Empowerment (iBEE).

Sekuyisikhathi sokuthi osopolitiki bacabangele iNingizimu Afrika kuqala, kuloba uBusi Mavuso

NGALESI sikhathi esibucayi embusweni wethu wentando yabantu, kumqoka ukuthi osopolitiki bacabangele izwe kuqala. Yisikhathi sokuthi kuqhamuke amadoda nabesifazane abaqotho abafisa ukuhola leli zwe ukuthi likhule futhi linothe.

Izenzo zethu zixosha abatshalimali baphesheya, kuloba uBusi Mavuso

ABATSHALIMALI bakwamanye amazwe bakhuluma ngezenzo uma singenzi izinto ezizokwenza sihehe, kufanele kulindelwe ukuthi abatshalimali bazophuma bengena eNingizimu Afrika, kuye nokuthi amaqhinga ethu athini nokuthi sixhumana kanjani nomhlaba wonke.

I-BLSA ishaya amakhala ngokusayina iNHI

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ikhathazekile ngezindaba ezithi uMengameli uCyril Ramaphosa uzosayina umthetho ophasisa ukwethulwa komshwalense wezempilo i-National Health Insurance (iNHI) kusasa, mhlaka-15 Meyi 2024.

Umhlahlandlela wegesi awuzibheki izidingo eziphuthumayo, kuloba uBusi Mavuso 

SENGIKE ngabhala ukuthi sibhekene nengozi yokushoda kwegesi uma sekuphela ukuhlinzeka igesi ezinkampanini ngo-2026. Lena yinkinga yamabhizinisi aqashe abantu abangu-70 000 futhi angenisa u-R500 billion ngonyaka emnothweni.  

Nginesiqiniseko sokuthi sizokwenza kahle eminyakeni ewu-30 ezayo, kuloba uBusi Mavuso 

ABANINGI uma bephawula ngeminyaka ewu-30 yenkululeko bayihlukanisa kabili. Eyokuqala wuguquko olumangalisayo lapho umnotho namabhizinisi kwakhula, kuhlomula ngokuphela kobandlululo nokubuyiselwa kwethu emnothweni womhlaba. Eyesibili bathi izinto zihlehlele emuva, izikhungo zethu zombuso ziwisiwe nomnotho.

Umnotho uzosimama uma siphuthumisa izinguquko, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule i-International Monetary Fund (i-IMF) ishicilele ekulindele emhlabeni, okube yisikhumbuzo esidabukisayo sokuthi sikude kangakanani ekubeni nomnotho osebenza ngendlela okufanele ngayo siyizwe

Abashaya imithetho bakushaya indiva ukuphawula komphakathi, kuloba uBusi Mavuso

UKUHOXISA imithetho emisha ehlongozwayo ngezimvume zokusebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, ngesonto elidlule ebizokwenza kube lula ukuthi izisebenzi ezinamakhono zize eNingizimu Afrika kuyisibonelo sokuthi kuthathwa kuncane kangakanani ukubonisana nomphakathi ezinhlakeni eziningi zikahulumeni

Ayithi shu imigomo emihle kodwa engawenzi umehluko emnothweni, kuloba uBusi Mavuso 

Ayithi shu imigomo emihle kodwa engawenzi umehluko emnothweni, kuloba uBusi Mavuso

Kudingeka amakhono komasipala ukunakekela kahle ingqalasizinda yamanzi, kuloba uBusi Mavuso

Kudingeka amakhono komasipala ukunakekela kahle ingqalasizinda yamanzi

Wemukelwe ngo-elethu othathe izintambo eTransnet

Wemukelwe ngo-elethu othathe izintambo eTransnet

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page