UNksz u-Aneliswa Ngcobo, umsunguli wenkampani yezolimo yaseMthwalume, KwaZulu-Natali, Amakhono Emvelo. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi uhambe wazibuyela kwezolimo akhule ngazo kubo

WUSLINDILE KHANYILE 

KUPHELE iminyaka engenasikhathi futhi engazinaki ezolimo ngoba wumkhakha ayengaziboni engena kuwona nakuba kuyibhizinisi elidala kubo njengoba ekhule kunesimoba. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi eseqede isikole, waqala wanentshisekelo yokuqonda okwenzeka kule ndima ngoba ukhonze imvelo.

Yize kungabanga lula ngesikhathi eqala kodwa lukhulile uthando lwale mboni kuNksz u-Aneliswa Ngcobo wagcina esevule Amakhono Emvelo, inkampani elimayo neqeqesha abantu abafisa ukufunda ngezolimo.

“Ngiwumuntu okuthandayo ukufunda izinto ezintsha futhi ngihlale ngibuza. Ngaqala ngokulandela ubaba uma eya emasimini ngoba ngangifisa ukusiza kodwa kukhona lapho engake ngaya khona eGoli kodwa akuphelanga ngisho unyaka, ngabuya. Ngo-2020 ngaqala ngasebenza nobaba kodwa futhi seloku kwathi nhlo ngangifisa ukuziqalela into ethi mina, ngaqala ngokutshala amaveji.

“Ngaqhubeka ngafunda ngomoba, ukulawula ukhula nokunye. Kwakungelula futhi abantu babengangiphathi kahle kodwa uthando lomsebenzi lungisie ngabekezela ngagcina ngisungule Amakhono Emvelo ngo-2021,” kusho yena. 

Umkhiqizo wamazambane Amakhono Emvelo 

Lo mlimi, oneminyaka ewu-29, wenze izifundo zokuphatha ibhizinisi eCoastal College emva kokuphothula uMatikuletsheni. Uthi lolu lwazi luyamsiza ukuphatha ibhizinisi lakhe noma esuke eqeqesha abalimi ngoba akagcini ngokubafundisa ngezolimo kuphela kodwa nangebhizinisi uqobo. 

UNksz uNgcobo, odabuka eMthwalume, ogwini KwaZulu-Natali, utshala izinhlobo ezihlukene zamaveji kuye nokuthi yisikhathi sasiphi isitshalo. Usewukhulise umsebenzi kwaze kwafika lapho edayisela khona ezinye zezitolo zokudla eMzinto. 

“Into esengiyazi wukuthi ngingazuza noma yini inqobo nje uma ngizimisela. Ngilima emhlabeni wasekhaya oyihekthare kanti ngokuhamba kwesikhathi nginethemba lokuthi ngizowandisa umhlaba engisebenzela kuwona. Kudingeke ngizikhandle kakhulu ngoba le mboni igcwele abantu abadala (abangontamoqinile), (ababambelela entweni abayikholelwayo) futhi kukhonya amadoda.

“Kuyangijabulisa ukuthi ngazi yonke into ethinta ukubanesimoba. Abanye abantu bazi lowo msebenzi abaqondene nawo kuphela kodwa mina ayikho into engingakwazi ukuyenza,” kusho uNksz uNgcobo ngeqholo. 

Imbewu Amakhono Emvelo ayidayisela i-Illovo Sugar SA

Uke waxoxisana nabakwaSpar ngoba efisa ukubadayisela umkhiqizo wakhe kodwa izingxoxo zibuye zaphazamiseka. Nokho ukhona omunye umnyango omkhulu ovulekile ngonyaka odlule emva kokuthi engene ohlelweni lokuthuthukisa osomabhizinisi oluxhaswe yi-Illovo Sugar South Africa kodwa olwenziwa yiRaizecorp olwaluyizinyanga eziyishumi. 

Emva kwalolu hlelo wawina uR20 000 ngokudla umhlanganiso emncintiswaneni lapho kwakumele “badayise” khona izinkampani zabo. “Basho ngaleso sikhathi ukuthi bangafisa ukuthi singagcini ngalolu hlelo kodwa kube khona enye indlela esisekwa ngayo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi ngashayelwa abakwa-Illovo bethi banomcimbi kanti bafisa sibadayisele imbewu, ngavumela phezulu.”

Ngelinye ilanga ufisa ukuba nesikhungo azoqeqesha intsha ngamakhono okulima nebhizinisi kusona.

“Ngifisa ngabe ngazi ngisemncane ukuthi ezamabhizinisi zibaluleke kangakanani. Ngifisa intsha yazi ukuthi kuyaphileka uma unekhono elithile nokuthi imfundo ibalulekile. Yonke impilo incike kwezolimo, kuyaphileka ngazo,” kusho yena.

UNksz uNgcobo usebenza nabantu abane abaqasha ngezikhathi ezithile kodwa kuyenzeka lesi sibalo sande kuye nokuthi umsebenzi usuke ungakanani.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/16/abemikhiqizo-yobisi-bakhala-ngezimvula-ezinamandla/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page