I-Business Leadership SA ne-Eskom bakhumelane umlotha
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ne-Eskom basanda kuhlangana baxoxisana kahle, emhlanganweni ohlelwe wusihlalo we-Eskom mayelana nohlelo lwezinguquko ezinqala embonini kagesi nezinselelo ezihambisana nalo.
Zombili lezi zinhlangano ziyaluseka uhlelo lwezinguquko embonini kagesi ngokuholwa wuhulumeni okufaka nomsebenzi wethimba le-Eskom elibheke ukuhlela kabusha nesigaba sesibili esiqhubekayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/08/ukuphatha-ngobuqotho-kusho-ukulandela-umgomo-okuvunyelenwe-ngawo-kuloba-ubusi-mavuso/
Esitatimendeni, iBLSA ithe: “Siyakuseka okwagcizelelwa wumengameli ngemva kombiko wesigaba sokuqala waleli thimba – ukusungula inkampani ezimele ezosabalalisa ugesi iTransmission System Operator nengqalasizinda, okuzokwenziwa ngokucophelela ukuze kungaphazamisa ukusimama kwezimali e-Eskom, okuvikela amalungelo ababoleke le nkampani imali futhi kungaphazamisi ukuthi kubenogesi owanele ezweni.
“Sibona ukuphumelela kohlelo lwezinguquko nokusimama kwezimali e-Eskom njengento ehambisanayo, hhayi encintisanayo. Ngeke sihlale sivumelana ngayo yonke indlela okufanele izinto zenziwe ngayo. Lapho singaboni ngaso linye khona, sizibophezele ekuxoxisaneni,” kuqhuba yona.
I-BLSA iphethe ngokuthi ukuphuthumisa ukukhulisa umnotho waseNingizimu Afrika nemisebenzi encike kukona kudinga ukuthi izinguquko ziphumelele futhi zombili izinhlangano zizibophezele ukuqinisekisa ukuthi zenza okudingekayo ukuze kuphumelele loku.

