Umthetho weNHI uyingozi kwezempilo eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso
IMBONI ezimele iyasondezwa ukuxazulula izinkinga zikagesi namanzi kodwa futhi iyaqheliswa ekulungiseni izinkinga embonini yezempilo. Iyaxaka le nto.
Ngesonto elidlule kube nenqubekelaphambili enkulu ekushayweni komthetho nemigomo futhi siphinde sahlehlela nasemuva. I-National Council of Provinces iziphasisile izinguquko emthethweni olawula imboni kagesi, i-Electricity Regulation Act, okusho ukuthi manje sekusele ukuthi kusayine umengameli kuphela.
Lo mthetho uhlanganisa imizamo yezinguquko ezinqala eyenziwe embonini kagesi. Uzoholela ekuhlukaniseni inkampani ephethe ugesi i-Eskom nasekusunguleni imboni kagesi ezokwandisa abancintisana kuyona, okuzoshintsha indlela ugesi ophehlwa futhi udayiswe ngayo.
Abakhiqiza ugesi bazoncintisana ukuwudayisa, okungahle kwehlise amanani kagesi, okuzobe kuqala ukwenzeka emva kweminyaka futhi kuzosho ukuphela kokucinywa kukagesi.
Kanjalo nomthetho owengamela ingqalasizinda yamanzi i-National Water Resources Infrastructure Agency Bill, ophasisiwe ePhalamende ngesonto elidlule, ubalulekile eqhingeni lokusimamisa indlela amanzi ahlinzekwa ngayo eNingizimu Afrika.
Lolu phiko luzokwengamela ukuhlela nokusebenza kwengqalasizinda yamanzi okuzohlanganisa umsebenzi we-Trans-Caledonian Tunnel Authority nenye ingqalasizinda kahulumeni ukuze ilawuleke kahle.
Kufanele ikwazi ukuthola imali embonini ezimele, okuzoletha abatshalimali abadingekayo ukulungisa nokwakha ingqalasizinda entsha. Loku kuyingxenye yemizamo yokuhlinzeka wonke umuntu ngamanzi ahlanzekile, yize kusenomsebenzi omkhulu okufanele wenzeke nakomasipala ezindaweni eziningi.
Kokubili lokhu kutshengisa amandla okusebenzisana kukahulumeni nemboni ezimele. Imboni ezimele ikwazi kangcono ukubheka ingozi ehambisana nokwenza umsebenzi, ukuhlanganisa imali nokwakha ingqalasizinda. Ikwazi kahle futhi ukuyinakekela ingqalasizinda, kwazise ithembele kwingqalasizinda esebenza kahle ukuze ingenise imali.
Ukubambisana kukahulumeni nemboni ezimele kwenzeka kahle uma kuboniswana ngokuthi wubani ongakwazi ukubheka ingozi.
Lezi zinguquko zimqoka ekukhuleni komnotho. Azilethi imiphumela ngokushesha kodwa zenza kubenendawo ezoheha abatshalimali kanti ngokuhamba kwesikhathi kuba nemiphumela emihle kakhulu emnothweni.
Zimqoka ekuxazululeni inkinga yethu yokuntuleka kwemisebenzi njengoba ngesonto elidlule isibalo sabantu abangasebenzi sinyukele ku-32.9%, okuyisibalo esiphezulu kunazo zonke uma singabalwa lesi esenzeka ngesikhathi se-COVID-19.
Umthetho ophendla indlela yokuthi kusungulwe isikhwama somshwalense wezempilo i-National Health Insurance (iNHI), osayinwe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngesonto elidlule uyaphikisana naloku.
Esikhundleni sokwenza ukuthi uhulumeni nemboni ezimele babambisane, uyingozi enkulu embonini ezimele indlela obhalwe ngayo njengamanje.
Yize kunezikhalo ezinkulu eziqhamuka embonini ezimele, kusukela kwizisebenzi kule mboni kuya ezinkampanini zemishwalense yezempilo, umengameli ukhethe ukuziziba iziphakamiso ebezizophucula ukusebenza kwalo mthetho.
I-Business Leadership South Africa izwakalisile ilaka layo ngesonto elidlule ngesitatimende esishicilele https://www.umbele.co.za/2024/05/14/i-blsa-ishaya-amakhala-ngokusayina-inhi/, yathi lo mthetho ngeke usebenze, uzocekela umnotho phansi futhi uphikisana nomThethosisekelo.
Uthi kufanele kube nendlela eyodwa yokuthenga ezempilo, okuphikisana nokwenziwayo embonini kagesi futhi uphakamisa ukuphoqa eminye imishwalense yezempilo ukuthi ibheke imihlomulo engeke itholakale kulesi sikhwama.
Loku kuyashayisana nempumelelo eba khona uma kuncintiswana emnothweni, kukhona nabanye abantu abakwazi ukuhlinzeka ngemisebenzi ebihlinzekwa wuhulumeni kuphela.
Lo mthetho uyazilimaza kakhulu izisebenzi zezempilo embonini ezimele osekufanele manje zibheke ikusasa lazo. Ukukwazi kwethu ukuheha amakhono aqhamuka kwamanye amazwe emhlabeni kuncike nasekutheni bazi ukuthi bazokwazi ukuthola usizo lwezempilo olusezingeni, bona nemindeni yabo.
Izifiso zethu zokuba yisizinda samabhizinisi ezwekazini lonke sezisengozini manje. Uma ubucabanga ukuvula ibhizinisi kufanele ukhethe phakathi kwamadolobha aseNingizimu Afrika, awaseMauritius, eNairobi noma eGaborone, ungakhetha liphi?
Izindaba ezinhle, uma ngingakubeka kanjalo, wukuthi lo mthetho ngeke usebenze. Ayikho imali yokuwukhokhela. Baningi futhi abazowuphikisa enkantolo, kusukela endleleni obhalwe ngayo kuye nasekutheni uyahambisana yini nomThethosisekelo.
Ngilindele ukuthi abantu abazofaka amacala okuwuphikisa bazoqhamuka kuzo zonke izinkalo. Uyazisholo nawo ukuthi uyoze uqale ukusebenza emva kwango-2032/33. Yize lokhu kuyithemba elincane, ngiyathemba ukuthi izisebenzi zethu zezempilo nenqwaba yamalungu emishwalense yezempilo ethembele kubo bazoqhubeka bazibophezele endleleni okusetshenzwa ngayo.
Okubuhlungu wukuthi zikhona ezinye izindlela zokuhlinzeka wonke umuntu ngosizo lwezempilo ezingasebenza futhi amabhizinisi azesekayo. Izinhlangano zamabhizinisi, nabanye abantu benze iziphakamiso ngesikhathi kuboniswana ngokuthi kungafezwa kanjani loku.
Lezo ziphakamiso zishaywe indiva. Lo mthetho awusizi ngalutho, uzocekela phansi ezempilo embonini ezimele nakuhulumeni futhi sizophunyukwa yithuba lokuhlinzeka wonke umuntu ngezempilo eziphucukile.
Kuningi esingakuzuzela iNingizimu Afrika uma sisebenzisana, umuntu nomuntu egxila kwakwaziyo.
Ngesonto elidlule sibone umsebenzi omkhulu wokulungisa izinselelo zethu zikagesi namanzi. Kubuhlungu ukuthi siphambane nehlombe ngomthetho ongasebenzi nozokwenza izinto zibe zimbi kakhulu kuwo wonke umuntu.
Ngithemba ukuthi uhulumeni ozothatha izintambo uzokulungisa loku.