UNkk uBotshelo Huma, umnikazi weReady Chopped Veggies yasePitoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Wenza lula impilo ngamaveji aqotshiwe nanempilo

WUSIZAKELE NDULI

IBHIZINISI lemikhiqizo yamaveji iReady Chopped Veggies laqala ngoba umnikazi walo ayedinga into ezomsiza anciphise isikhathi asihlala ekhishini ebe eqinisekisa ukuthi uphekela umndeni wakhe ukudla okunempilo. 

Yiloko okwafikisela uNkk uBotshelo Huma ngomqondo webhizinisi lamaveji aseqotshiwe ngo-2020, njengoba ayebhekene nomsebenzi futhi ewumama kwakhe. Wenza izinto zibe lula kubantu abafuna ukudla okunempilo bengakujulukelanga. 

“Ukuzama ukubhalansisa umsebenzi nokuba wunkosikazi kwami kwaholela ekutheni ngifune ukuba nesikhathi esiningi ekhishini uma sengiphume emsebenzini. Ngangidinga ukwenzela umndeni wami ukudla okunempilo ngaphandle kokukhathazeka ngokuqala ngiqobe amaveji,” kusho le ntokazi edabuka eRustenburg, eNorth West, kodwa esizinze ePitoli, eGauteng. 

I-Ready Chopped Veggies ihluke ngokwenza imikhiqizo yamakhasimende ibesesimweni esihle ngokuthi akaqobi wonke amaveji kanyekanye kodwa uyawagcina amanye aze awalungise uma esezothengwa yikhasimende ukuze liwathole esesimweni esinempilo. 

Phezu kwaloko unika amakhasimende akhe amathiphu okwenza amaveji awo esesimweni esihle nesilungele ukuwadla. “Indlela esiwafaka ngayo yenza owathengile akwazi ukusebenzisa afuna ukuwasebenzisa futhi adayise amanye emva kokuthi esewavulile. Loko kusho ukuthi akudingeki ukuthi uwasebenzise wonke uwaqede ngesikhathi esisodwa bese ulahla ongeke usakusebenzisa njengoba kwenza abanye engincintisana nabo,” kusho yena. 

Nakuba enebhizinisi elenza izinto zibe lula emakhasimendeni akhe futhi elikhuthaza ukudla okunempilo kodwa uke wacabanga ukuyeka ibhizinisi. Uthi ukuphatha ibhizinisi yedwa, inkinga yokungabinemali yokulichumisa namasela eba umqondo wakhe, kwenza wehlelwa wumdlandla wokuqhubeka nalo. 

“Abantu bebevele bafake umkhiqizo wami ezinkundleni zokuxhumana sengathi okwabo futhi sekube nezikhawu eziningi lapho abantu bentshontsha igama lebhizinisi lami,” kusho uNkk uHuma, engeza ngokuthi yize leli bhizinisi lingelisha kodwa yena walenza ngendlela ehlukile. 

UNkk uHuma uyabadilivela abathenga umkhiqizo wakhe ngezijumbane eziningi kodwa futhi ukhuthaza abaseduze ukuzifikela mathupha esitolo. 

Awagcini ngokubanempilo amaveji eReady Chopped Veggies futhi ayakhanga esweni

Uthi ukugcina ibhizinisi lakhe lihamba kahle kudinga ukuthi abantu abaningi bafake ama-oda futhi bathenge umkhiqizo, nokuthi udinga ukuthola izitolo zokudla noma izikhungo zikahulumeni ukuze ibhizinisi lakhe lisimame. 

Okwamanje uNkk uHuma akanazo izisebenzi eziqashwe ngokugcwele ukumsiza nsuku zonke, kodwa usebenzisana nomuntu omsiza uma emdinga ngesikhathi esithile. Uthe uhlela ukukhulisa ibhizinisi lakhe linabele kwezinye izindawo ukuze umkhiqizo wakhe utholakale kalula, futhi wethemba nokuthi uzokwazi ukuvula amathuba omsebenzi, asize ukuthuthukisa impilo yabantu ngebhizinisi lakhe.

“Khuluma, ucele usizo. Ungayeki ukuxhumana nabanye abantu ngoba awazi ukuthi ikhasimende lakho elikhulu lizoqhamuka kuphi,” kucebisa uNkk uHuma. 

  • Facebook: READY Chopped Veggies
  • Instagram: ready_chopped_veggies

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/27/uhulumeni-awusukumele-izinselelo-zabalimi-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page