UMnu uMinenhle Simelane, umsunguli we-Umlazi Art & Recycling yaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Uthando lwemvelo nezilwane uselenze ibhizinisi lomata

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

NAKUBA emalokishini nasemadolobheni umasipala uqoqa udoti kodwa kunesihlava sokungcola esihlasele, kungcole imvelo futhi kulimale nezilwane. 

Wukuhlale ekhathazwa yiloko ngoba ekhathalele imvelo nezilwane okwenze uMnu uMinenhle Simelane waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, wafikelwa wumcabango webhizinisi elizosiza ukuhlanza imvelo, liphephise nezilwane.

USimelane usungule Umlazi Art & Recycling, inkampani esiza ngokucosha imfucuza endaweni, ahlanganise amaphepha, oplastiki nokunye okunjalo ukwakha amacansi nomata bokuhlobisa. Ubiza kusuka kuR200 kuya kuR2 000 icansi ngalinye.

Le nsizwa edabuka Eshowe, enyakatho yaKwaZulu-Natali, kodwa yakhulela kwa-C eMlaza, yenze uMatikuletsheni Embizweni High ngo-2020, noko yawufeyila kodwa loko kwangayidikibalisa ukuqhubeka nempilo. 

“Emva kwalapho kube nzima kakhulu ngizama impilo ngokuhlwaya amatoho ukuze ngikwazi ukusiza ekhaya ngoba siyizingane zodwa. Yingakho kwathi sengifikelwa wumcabango walo msebenzi, kwaba lula ngoba ukuluka amacansi ngiyakwazi. Ngakufundiswa wukhokho, ngaliqala kanjalo ibhizinisi lami,” kulanda yena.

Eqala ibhizinisi ngonyaka odlule ubesebenza yedwa, kwathi ngokwanda kwamakhasimende wengeza izisebenzi ezimbili ezisiza ukuphuthumisa umsebenzi. 

“Ngisasebenza ngedwa bekungithatha isonto kuya kwamabili ukwenza icansi noma umata kodwa manje sesiyakwazi ukuliqeda zingakapheli izinsuku ezinhlanu ngoba siyalekelelana ebhizinisini.”

Imihlobiso ye-Umlazi Art & Recycling iqhakazisa indawo kanje

USimelane uthe nakuba izinselelo zikhona kodwa ugculisekile ngendlela ibhizinisi elikhula ngayo njengoba selinamakhasimende eGoli, eNyakatho Kapa naseMpumalanga Kapa. 

“Inselelo enkulu okwamanje wukuthi angikabi nayo indawo evulekile yokusebenzela, ngisasebenzela ekhaya nokuthi uma umsebenzi usumningi awuphothuleki ngesikhathi esifunwa yikhasimende, futhi kuyabiza ukukhokhela abantu abakhangisa ibhizinisi lami ezinkundleni zokuxhumana,” kusho yena.

USimelane uthi kungakuhle intsha inganqeni ukwenza umsebenzi wezandla ukuziphilisa. Muzwe echaza ngezansi.

USimelane ufisa ukubanendawo enkulu yokusebenza ngokukhululeka bese ethola imishini emisha ukusiza ukusheshisa umsebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/10/28/ukhuthaza-intsha-ukuthi-ibheke-imboni-yemfucuza-ngamanye-amehlo-utebogo-mokwena-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page