URamaphosa osephindwe waqokwa angaphuthumisa izinguquko
INTATHELI YOMBELE
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyakwamukela ukuqhubeka komsebenzi ngenxa yokukhethwa kabusha kukaMnu uCyril Ramaphosa abewumengameli waseNingizimu Afrika.
Lona wumphumela otshengisa ukuthi umsebenzi wokuvuselela izinto ezweni uzoqhubeka futhi izinhlaka zentandoyabantu zizovikeleka.
Njengoba ipolitiki yaseNingizimu Afrika ivuthwa, uhulumeni wobumbano omusha kaMengameli uRamaphosa kufanele usebenzise leli thuba ukucacisa ngemigomo, imithetho yentando yabantu ukuhlanganisa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukwakha izwe eliphumelelayo, elisebenzayo nelikwaziyo ukuncintisana ngokwezidingo zesikhathi esiphila kusona.
I-BLSA inxusa umengameli ukuthi aqoke ikhabhinethi eyazi umsebenzi futhi eqotho. Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso uthe: “Sidinga ukuphuthuma ukushintsha indlela umnotho waseNingizimu Afrika osebenza ngayo ukuze sikwazi ukumelana nezidingo zesibalo sabantu esikhulayo eNingizimu Afrika. Uhulumeni kufanele uqinisekise zonke izakhamuzi zawo nabatshalimali ezweni nabakwamanye amazwe ukuthi iNingizimu Afrika iyasebenza futhi loko kusekelwe kwintando yabantu elawulwa wumthethosisekelo futhi nezinhlaka ziphethwe ngendlela efanele nomthetho uyasebenza.
“Singabantu bamabhizinisi, siwubheke ngabomvu uhulumeni osungulwe phezu kwemigomo eqinile ecabangela izwe kuqala, iqinisekise ukuthi amadoda nabesifazane abaqotho bahola iNingizimu Afrika ukukhulisa umnotho futhi uzinze – uhulumeni okhathalele abantu nokuthi umuntu uyawazi umsebenzi ukuze kuhlinzekwe izidingo.
“Osomabhizinisi bacacisile futhi bayasebenzisana ukuze iNingizimu Afrika ikhule futhi idlondlobale, idinga umgomo womnotho osebenzayo, kucaciswe kahle lapho kunemigomo engasebenzi kahle, ezokuthutha nokuxhumana ezisebenza kahle, uhulumeni osebenzayo, ezokuvikela nokuphepha, ukusebenza komthetho nokuthula kwezenhlalakahle,” kusho isikhulu esiphezulu seBLSA.
Ukuze kufezeke loku kudingeka iPhalamende elisebenza kahle nezishayamthetho ezimqoka ukugada ukuthi umsebenzi wenzeka kahle.
UNksz uMavuso uthe: “Umsebenzi omqoka ngalesi sikhathi kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni wukusheshisa nokugcina umgqigqo. Uhulumeni wakha phezu kwesisekelo esiqinile, uhulumeni wesithupha ubenenqubekelaphambili ukusimamisa izinhlaka nokuletha izinguquko ezidingekayo ukushintsha umnotho ongakhuli, ukuntuleka kwemisebenzi osekuphele iminyaka eminingi iNingizimu Afrika ibhajwe kuyo. Ngokuxoxisana nosomabhizinisi nezinye izinhlaka, uMengameli uRamaphosa ukwaze ukunxusa imboni ezimele ukuthi ilethe izinsizakusebenza namakhono ukweseka izixazululo.
“Imisebenzi esihlalele miningi futhi inezinselelo kanti sicela uMengameli uRamaphosa ukuthi ahole uhulumeni wesikhombisa, aqhubeke kwinqubekelaphambili esiyenziwe futhi asheshise nemizamo ezokhulisa umnotho, ilethe imisebenzi. Siyinhlangano yamabhizinisi ekholelwayo kwikusasa leNingizimu Afrika futhi siyahambisana nezimiso zomThethosisekelo. I-BLSA ikulungele ukubambisana nohulumeni nezinhlangano ezingenzi inzuzo ukukhulisa umnotho, ushintsho nokwakha iNingizimu Afrika ezohlomulisa wonke umuntu.”
Uphiko lwe-Operation Vulindlela olwahlanganiswa yiHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ukuphuthumisa ukuletha izinguquko luphumelele kakhulu ngenxa yokuzinikela okukhulu kwethimba.
I-Operation Vulindlela ibiyinsika ukushintsha ukusebenza kukagesi ukuze kunciphe ukucinywa kwayo nokusungula imboni kagesi encintisanayo, okungenzeka ngokuhamba kwesikhathi inciphise amanani kagesi. Ezokuthutha ezingasebenzi kahle ziyavuka kancane emaqandeni ngomhlahlandlela ongeniswe nge-Operation Vulindlela.
“Lezi yizinguquko ezithatha iminyaka ukushintsha indlela umnotho wethu oyiyona njengoba kancane kancane zidonsa abatshalimali njengoba kubangcono ukuthembeka kukagesi nezokuthutha.
“Inselelo kunoma ngabe yimuphi uhulumeni wentando yabantu wukwenza izinqumo ezizothela izithelo ngokuqhubeka kwesikhathi. Sekudingeke sibhekane nemiphumela yezinqumo ezenziwa kudala ngesikhathi obekufanele ngabe sivula futhi sitshala embonini kagesi, eyamanzi nezokuthutha. Kuyangijabulisa ukuthi eminyakeni emihlanu edlule uhulumeni uqalile ukwenza izinguquko ezidingekayo ukuthela izithelo. Asiqhubeke ngawo lowo mgqigqo ukuze sakhele kuleyo nqubekelaphambili,” kusho yena.
Inqubekelaphambili ebheke kwikusasa elihle lapho umnotho uzokhula khona ngokwanele ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi idinga uhulumeni ozinzile futhi obumbene. Sicela zonke izinhlangano kuhulumeni wobumbano ukuthi zivumelane ngokuzokhulisa izwe futhi zigcinwe kuze kuphele isikhathi salo hulumeni wesikhombisa. Ngokwenza njalo, bazoletha ithemba nokuzinza okudingekayo.