‘Iyabekwa imali, ayidliwa yonke’  

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNaledi Aphiwe Myongwane, umculi we-soul, odume  ngengoma yakhe yokuqala ethi Ngiyabonga, nongomunye wabaculi kwi-albhamu yomculi waseMelika uChris Brown

WU-DARRAN MABUZA 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Imali ngangiyiphiwa wumama nobaba. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale kulo nyaka. Ngiyivule eCapitec Bank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali iyabekwa, ayidliwa yonke.

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ukusebenza ngiqale ngonyaka odlule ngihola uR10 000.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga izingubo zokugqoka. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngakwazi ukulungisa igumbi esilala kulo nezingane zakithi, ngathenga imibhede namakhabethe okufaka izingubo.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Alikho.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingalungisa kithi bese ngikhokhela ukufunda.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ukuthi kumele bayibeke kahle imali bayisebenzisele izinto ezinesidingo bangayidli imali.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/06/23/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nonontokozo-mkhize-umculi-we-soul-nomnikazi-we-en-boutique-uzakhele-igama-engomeni-kasjava-ethi-thixo-neyakhe-yakamuva-ethi-lu-strong-apike-kuyo-unomfundo-moh/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page