‘Iyahlelelwa imali ukuze uyibone into oyenze ngayo’
Kuleli sonto kuSaziwayo Nemali sixoxa nomculi wekwaito uSibusiso ‘DJ Oros’ Langa, owaduma ngengoma ayeyicula no‘Bullistic’ ethi Mamasita. Uwu-MC wemicimbi
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha ngangingaphiwa imali ngoba ngisafunda emabangeni aphansi ngangifunda eduze nasekhaya. Ngangiphathiswa amasemishi. Uma ngingawaphethe, ngesikhathi sekhefu ngangiya ekhaya ngiyodla bese ngiphindela esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngo-1991 ngifunda u-Standard 5 (osuwu-Grade 7 manje) (eNBS), esibizwa ngeNedbank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi imali iyabekwa ngoba ngesinye isikhathi uthola ukuthi ekhaya abakwazi ukukusiza uma usenkingeni kanti uma unemali oyibekile uthatha kuyona uzenzele into osuke uyidinga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Njengoba ngikhuliswe wugogo nomkhulu, umholo wami wokuqala ngiyakhumbula ukuthi ngavele ngawuthatha wonke ngawunika bona. Kwaba yibona abangicazelayo ukuthi ngoba ngiyasebenza kumele ngibe nemali yokuya emsebenzini, imali yokudla, kwathi enye ngabanika yona.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Into enhle eseke ngayenza ngemali wukuthenga imoto nokulungisa ekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthi imali uma ifika ngingayicabangeli ukuthi ngizoyenzani. Ukuhlela bekungihlula kodwa sengiyakwazi manje.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Angikaze ngilutheke nhlobo ngoba namanje angiyena umuntu ogembulayo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi izinsuku ezinzima ziyabekelwa. Okunye wukuthi uma unemali kufanele uhlele ukuthi uzoyisebenzisa kanjani ngoba ugcina usuyisebenzisela izinto ezingenasidingo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Nginezingane, ngakho ngingaqinisekisa ukuthi ngaleyo mali izingane zami zithola imfundo engcono, ngivule i-trust fund ezonakekela izingane zami ziphile kahle.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Into ebalulekile kakhulu wukubeka imali kuqala. Kulo mkhakha wethu ngesinye isikhathi kuyalunga, kwesinye kungalungi. Kubalulekile ukuthi into oyenzayo ngemali kubeyinto ezokwenza ukwazi ukuqhubeka nalo mkhakha, ukwazi ukuqhubeka nempilo noma ungasekho emkhakheni.