UMnu uSihle Zikalala, iphini likangqongqoshe wemiSebenzi yomPhakathi neNgqalasizinda, wuyena owaqala uphenyo oluveze ukuthi kuntshontshwe uR300 million kahulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

Kunyuka ithemba njengoba uHulumeni woBumbano uqhubeka nomsebenzi, kuloba uBusi Mavuso

ITHEMBA elidalwe wuHulumeni woBumbano liyaqhubeka ngenxa yezinye izindaba ezigqugquzelayo eziqhamuke kuleli sonto. Kube nezinkomba ezinhle ezitshengisa ukuthi kungaliwa kanjani nenkohlakalo njengoba ungqongqoshe omusha wemiSebenzi yomPhakathi eveze ukuthi lo mnyango untshontshelwe ngaphezu kukaR300 million kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje. 

Ungqongqoshe omusha uMnu uDean Macpherson udalule imininingwane yophenyo olwethulwa obephethe lo mnyango uMnu uSihle Zikalala. Ungqongqoshe nalowo owayengungqongqoshe, oseyiphini manje, bayisukumele le nkinga, kwamiswa izisebenzi futhi kwathathwa ama-laptop. 

Kube nenqubekelaphambili futhi ngodaba olunyanyekayo lokweba imali ebhange, iVBS, okuholele ekuboshweni kowayengusihlalo walo uTshifhiwa Matodzi, ozobhadla ejele iminyaka ewu-15 futhi ovumile ukuthi uzosiza uhulumeni ukushushisa abanye abathintekayo.  

Loku kufanele kusize imizamo yoPhiko lokuShushisa ezweni lokubopha bonke abasolwa ngokuhlomula ekuntshontsheni uR2.2 billion, iningi labo elisezikhundleni eziphezulu kwipolitiki. 

Ngisho izindaba ezimbi zize nezinkomba ezinhle. Umbiko weBhange loMhlaba neS&P Global uthe ichweba laseCape Town alenzanga kahle kunawo wonke emhlabeni ngo-2023. Loku kutshengise ukwehla kakhulu kwezinga uma kuqhathaniswa nonyaka owandulela lona. 

Ichweba laseNgqura yilona elesibili kwamabi kakhulu, kuthi awaseThekwini naseGqeberha nawo abebalwa nawu-20 angenzi kahle emachwebeni awu-405 aklelisiwe.

Loku-ke kuyinkomba yenkinga enkulu yezokuthutha ehlupha umnotho njengoba izinkampani zihlupheka ukuyisa nokulanda izimpahla emachwebeni. Ichweba laseCape Town liyihluphe kakhulu imboni yezolimo njengoba abalimi bezithelo kudingeka imikhiqizo bayithuthe ngeWalvis Bay, eNamibia, nakwamanye amachweba asezweni. 

Nokho lezi zindaba ezimbi zifike nezinkomba ezitshengisa ukuthi izinto sezivele siziphucukile njengoba iTransnet ithe, kusukela kwenziwa ucwaningo eThekwini, isiphungule ukubambezeleka kwama-container ngo-30 000 kanti nesikhathi imikhumbi esiyipaka sehlile sisuka ezinsukwini eziwu-18 ngo-Okthoba sehlela kwezine ngoJanuwari ngalo nyaka. 

Imishini emisha isendleleni. Kukhona nenqubekalaphambili ngokuguqula indlela amachweba asebenza ngayo kanti kuqokwe iGrindrod ukuthi ibeyinkampani ezothuthukisa futhi yengamele i-container terminal echwebeni laseRichards Bay kanti kuyaqhubeka nokwethula inkampani ezimele ezosebenzisana ne-container terminal yaseThekwini (yize-ke, kunombango oqhubeka enkantolo).

Njengoba siqhubeka nomhlahlandlela wezokuthutha i-Freight Logistics Roadmap, eyahlanganiswa yikomiti elijutshwe ukuxazulula izinkinga zezokuthutha elihlanganiswe ngamabhizinisi nohulumeni, sithemba ukuthi indlela amachweba aseNingizimu Afrika akleliswa ngayo izoqala iphucuke. 

Kufanele siphokophele ukuphatha amachweba asebenza kahle kakhulu e-Afrika. Isicoco sechweba elihamba phambili e-Afrika siphethwe yiTanger Med yaseMorocco futhi leli chweba lithathwa ngokuthi yilona elivelele emhlabeni jikelele.

Ungqongqoshe omusha womNyango wezaseKhaya uMnu uLeon Schreiber wenze kahle ngokumemezela ukuthi welula isikhathi sama-visa sabamele izinqumo ngezicelo zawo. 

Laba ngabantu abangene ezweni ngokusemthethweni kodwa bathwale kanzima ngenxa yokubambezeleka kwezicelo zama-visa amnyangweni. Loku kubambezeleka yinkinga enkulu kumabhizinisi adinga ukuthola amanye amakhono kwamanye amazwe ukuze kusebenzeke.

Sengizwe kaningi izindaba zokuthi kuyabambezeleka ukutshala imali noma kugcine kungenzekanga nhlobo ngenxa nje yokuthi izinkampani bezingakwazi ukuletha abantu ezibadingayo ezweni ukuqhuba umsebenzi. 

Ngiyethemba uNgqongqoshe uSchreiber uzosukumela indaba yokubambezeleka futhi akulungise ngomdlandla omusha ukuze kungadingeki ukuthi kuphinde kululwe ama-visa.

Kuhle futhi umhlangano wokuqala wekhabhinethi yoHulumeni woBumbano uqalile ngoMgqibelo. Lo mhlangano yiwona obekulindeleke ukuthi ukhombe indlela ezocatshwa wumbuso wesikhombisa. Ngithemba sizozwa ukuthi uphumelele ukwenza njalo, nokuzosigqugquzela ukuthi ikhabhinethi entsha ehlanganiswe yizinhlangano zepolitiki ezihlukene isebenza kahle.  

Lo mhlangano yiwona futhi okufanele kuhlanganiswe ngayo inkulumo umengameli azoyethula ngoLwesine uma esevula iPhalamende, okuzosho ukuqala kokusebenza kwePhalamende elisha elizodinga ukuthi umbuso uphendule. 

Kuyaziwa-ke ukuthi ngeke zingabibikho izindaba ezimbi yize zikhona ezinhle. Nokho siyathemba ukuthi eziningi zizoba zizinhle, ikakhulukazi uma sikhuluma ngokuphucula indlela uhulumeni usebenza ngayo.

Ngesikhathi kukhona okuhle okwenzekayo, zizoba khona izinto ezimbi kodwa singakwazi ukuqhubeka senze kahle yize kunjalo. Kunezinkomba zokuthi abatshalimali balindele ukuthi izimali zikahulumeni ziphucuke. 

Kuzothatha isikhathi ukuthi loku kubonakale endleleni amabhizinisi abuka ngayo izinto, yize kuthe ukwehla kancane ngaphambi kokhetho, ngilindele ukuthi kuqale kushintshe ngenxa yendlela izinto ezenzeka ngayo kuHulumeni woBumbano nohlelo lokwethula izinguquko.  

Umphumela womhlangano wokuqala wekhabhinethi nokuvula iPhalamende kuzobamqoka ekutheni izinto ziqhubeke zibe ngcono. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/10/ikhabinethi-entsha-ikhombisa-umdlandla-omusha-kuhulumeni-kuloba-ubusi-mavuso/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page