Usihlalo webhodi yeVodacom uthatha umhlalaphansi
YINTATHELI YOMBELE
I-VODACOM Group imemezele ukuthi kuzobanezinguquko kwibhodi yayo njengoba usihlalo webhodi uMnu uSaki Macozoma ezothatha umhlalaphansi ngemva kweminyaka eyishumi ephethe izintambo.
Isikhundla sakhe sizovalwa wuMnu uKhumo Shuenyane, owumqondisi ozimele webhodi, ozothatha amatomu kusukela ngomhlaka-21 wangoJulayi ngonyaka ozayo.
Isitatimende seVodacom sithi: “Ibhodi ibonga uMacozoma ngobuholi bakhe obuqotho kusukela ngo-2017, uyena oqinisekise ukuthi iyasebenza i-Vision 2025 esasiyihlelile. Ubekhona sihlela i-Vision 2030 ezoqinisekisa ukuthi ibhizinisi liqala uhlelo olusha, oluhambisana nezinguquko ezinhle.”
UMacozoma uyisishoshovu somzabalazo futhi uke wayilungu lePhalamende ngaphambi kokungena emabhizinisini. Uke waphatha eSouth African Airways naseTransnet.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/08/10/ikhomishini-yokuncintisana-isichithile-isicelo-sokuthi-ivodacom-ithenge-imaziv-ebiyaziwa-ngenewco/
Ezinye izinguquko ebhodini yeVodacom wukuthi uNkk uPhuthi Mahanyele-Dabengwa, owusihlalo wekomiti elibheka izinkokhelo neliqoka abantu, uzothatha umhlalaphansi ngomhlaka-8 wango-Okthoba kulo nyaka. UNkk uMahanyele-Dabengwa, owafika ngoJanuwari wango-2019, uyisikhulu esiphezulu seNaspers South Africa nomqondisi webhodi yayo.
Isikhala sakhe sizovalwa wuMnu uClive Thomson ozoqhubeka nokuba wusihlalo wekomiti lokucubungula, ukubheka ubungozi nokuhambisana nemithetho kusukela ngomhlaka-9 wango-Okthoba.
Ibhodi yeVodacom izoqiniswa yingqalabutho yamabhizinisi e-Afrika uMnu uSegun Ogunsanya ozobangelinye lamalungu kusukela mhlaka-9 wango-Okthoba.
Uke waba yisikhulu esiphezulu senkampani yokuxhumana enkulu e-Afrika i-Airtel, ayishiye ngoJuni wonyaka odlule. Unamava eminyaka engaphezu kwewu-35 ezikhundleni zokuhola kusukela embonini yezimali, eyokuxhumana nezinye. Uneziqu i-Bachelor’s Degree in Electrical and Electronics Engineering zase-Obafemi Awalowo University.

