Kusasebenze uR57 million kuphela kuR500m obekelwe ukusiza abanikazi bamaspaza
WUBONISWA MOHALE
NGO-EPHRELI wonyaka odlule uhulumeni uthule uhlelo lokuqinisekisa ukuthi amaspaza aseNingiziu Afrika adayisa ukudla okuphephile, ahweba ngokusemthethweni futhi abanikazi bawo baxhaswa ngoR100 000 wokukhulisa amabhizinisi abo.
Wanika umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uR500 million ngesikhwama iSpaza Shop Fund ukuze usabalalise le mali kubanikazi bamaspaza kodwa kuze kubemanje kusasebenze uR57m kuphela.
Osomabhizinisi bathola uR100 000 ohlukaniswe kathathu, uR40 000 wezimpahla ezidayisa esitolo, uR50 000 wezinsiza ezinjengamafriji namakhabethe noma amashalofu noR10 000 wokuqeqesha usomabhizinisi nokumnika izinsizakusebenza zobuchwepheshe besimanje. Bonke osomabhizinisi bayaqeqeshwa bese kubhekwa izidingo zebhizinisi ngalinye.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemva kokuthi izingane zaseGoli zadla ama-chips anoshevu ezawathenga kumaspaza, uhulumeni uqale uhlelo lokuhlola izimpahla ezidayisa kumaspaza nokuwagqugquzela ukuthi abhalise kwiSpaza Shop Fund.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/10/kwethulwe-isikhwama-sikar500-million-sokuseka-amaspaza/
Kuleli sonto ungqongqoshe womNyango wamaBhizinisi amaNcane uNksz uStella Ndabeni ubematasa enika abanikazi bamaspaza usizo abaluthole kwiSpaza Shop Fund.
Utshele abanikazi bamaspaza ukuthi umnyango wenza isiqiniseko sokuthi imali iya kubantu abafanele, ngakho kufanele baqinisekise yonke imininingwane ngaphambi kokukhipha izinsiza.

UNksz uNdabeni uthi bayaqhubeka nokusiza abamaspaza
Omunye umnikazi wespaza okhulume noMbele, kodwa wacela ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba esaba ukuthi ngeke axhaswe ngokuzayo uma kubonakala igama lakhe kumaziko ezindaba, uthe wafaka isicelo sokuxhaswa ngo-Okthoba wangonyaka odlule kodwa uze wathola usizo lokuthenga isitoko ngoJulayi walo nyaka.
“Kuyalindwa uma usufake isicelo ngoba kufanele uqinisekise ukuthi ibhizinisi lakho libhalisile, linazo zonke izincwadi zokuhweba. Bayafika bazohlola nasebhizinisini ukuthi yindawo enjani nokunye abadinga ukukuqinisekisa,” kusho yena.
Umcwaningi ozothola iziqu zobudokotela ze-Business Management e-University of Cape Town ngenyanga ezayo uMnu uLwazi Ncoliwe ubhale iphepha locwaningo elikhuthaza uhulumeni ukuthi ushaye imithetho esiza abamaspaza.
Leli phepha locwaningo elisihloko sithi: “The Experiences of South African and Somali Spaza Shop Owners Operating in Orlando West, Soweto: Lessons for Local Entrepreneurship in Economically Deprived Areas,” likhombisa ukuthi uhulumeni uhlulekile ukushaya imithetho eyenza kubelula ukubanespaza eNingizimu Afrika.

uNcoliwe ufisa uhulumeni ungenelele embonini yamaspaza
UNcoliwe ukhala ngokuthi kunezithiyo eziningi ezibhekana nabanikazi bamaspaza uma bebhalisela izimvume, akekho okhuthalele ukuqinisekisa ukuthi izimpahla ezidayisa kuma-wholesaler zisesimweni esifanele, kunenselelo yokungabibikho kwezindawo zokugcina izimpahla.
Uphakamise ukuthi uhulumeni kufanele uqinise umthetho wokuthi abanikazi bamaspaza basebenzisane ukuze bakwazi ukuthenga izimpahla ngamanani aphansi, ubavikele uma bedinga usizo lwezimali futhi uqinisekise ukuthi ingqalasizinda yawo isesimweni esifanele.
Umengameli weTownship Economic Commission of South Africa uMnu uBheki Twala uthe maningi amaspaza ezweni njengoba engaphezu kuka-40 000 asohlwini lwabo kodwa awu-930 asesizwe yiSpaza Fund.
Uthe yize bejabula ukuthi uhulumeni uqinisekisa ukuthi imali iya kubantu abafanele kodwa sengathi usizo lungashesha.
Unxuse asebesizakele ukuthi baziveze ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abamaspaza ukuze bakwazi ukuhlonyiswa ngamakhono azobasiza ukuphumelela futhi babonise nabanye ukuthi baluthola ngempela usizo.
Uphethe ngokuthi akunzima ukufaka isicelo kodwa kunenselelo yokuthi abanye abanikazi bamaspaza abanawo amaphepha athile, okuyinto exazululekayo uma besondela kubona ukuze baqeqeshwe.


