Impi yaseMiddle East iphazamisa ukukhula komnotho

IZIBALO ngesimo somnotho ngekota yokuqala yonyaka zibezinhle njengoba ziveze ukuthi umnotho ukhule ngo-0,5% kodwa osomnotho sebexwayisile ngokuthi sezivele zikhona izimpawu zokuthi ikota yesibili ayizukuhamba kahle, okubangelwa kakhulu yimpi equbuke eMiddle East.

Abantu baseNingizimu Afrika ababazondi abokufika – ingqapheli

NGEMVA kwezinyanga imibhikisho ngabantu bokufika eNingizimu Afrika ithe chithi saka ezweni, umengameli wezwe uthembise ukuthi uhulumeni uzosukumela izikhalo zabantu.

Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa

WULANGA KHANYILE NGEMVA kwemibhikisho esisabalele ezweni mihla yonke ikhala ngabantu bokufika, nesiqubule impikiswano phakathi kwezakhamuzi, umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ugcine ephoqeke ukuphinde akhulume nesizwe. Ukhulume nesizwe ngeSonto ntambama. Le … Read More

Ukwehla kwamanani kadizili ngeke kwehlise imali yokugibela – inhlangano yabampofu

INHLANGANO elwela amalungelo abantu abaswele i-Abahlali baseMjondolo isinxuse uhulumeni nabantu abenza ucwaningo ukuthi beze emazingeni aphansi uzobona ukuthi azoncipha yini amanani ezimpahla njengoba ilitha kadizili yehle ngoR2,61 noR3,35 kuleli sonto. 

Imindeni yabahola kancane ayisakuthengi ukudla okwanele – ucwaningo

KUSINDA kwehlela emindenini yaseNingizimu Afrika njengoba izindleko zempilo zenza kubenzima ukuthenga igrosa enomsoco. Ucwaningo olusha lwePietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group luthole ukuthi ukudla kuyabiza.

Phansi amaphaphu ngokususa uRamaphosa – izingqapheli

LUFANA nenunu engafi udaba lokuntshontswa kwezindodla zamadola epulazini likamengameli waseNingizimu Afrika uMnu UCyril Ramaphosa ngemva kokuthi iNkantolo yomThethosisekelo inqume ukuthi umbiko weSigaba 89, othinta lolu daba kwakungafanele uye kumalungu ePhalamende kodwa kwakufanele uqonde ekomitini elengamele izinhlelo zokususa umengameli.

INingizimu Afrika idinga isikhwama sezinhlekelele – uHlabisa

EZINSUKWINI ezimbalwa ezidlule kufe abantu abayisishiyagalombili, kwacekeleka phansi ingqalasizinda nemizi yabantu eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa, eNyakatho Kapa, eFree State, eNorth West naseMpumalanga.

Imboni yokuvakasha ibalulekile ekukhuliseni umnotho – uRamaphosa

UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uthi imboni yokuvakasha ineqhaza elibalulekile ekukhuliseni umnotho, ukudala imisebenzi nokuqinisekisa ukubambisana kwamazwe ase-Afrika.

UMasipala waseGoli uzolungisa izikhalo zomGcinimafa

UMASIPALA waseGoli usuthembise ukuthi uzozilungisa izikhalo zomNyango weziMali emva kokuthi ungqongqoshe walo mnyango uMnu u-Enoch Godongwana ethe uzoyimisa imali yokuwuxhasa uma ungaziyeki izinhlelo zokunyusa amaholo ezisebenzi ngoR10.3 billion.

Ziyaqhubeka izinhlelo zokuthola isisombululo eTongaat Hulett – Tau 

UNGQONGQOSHE womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uthi bayaqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi iTongaat Hulett ayivali njengoba befake uR200 million ukuqinisekisa ukuthi abahlenga ibhizinisi nenkampani kamacaphunakusale uMnu uRobert Gumede iVision Consortium bayavumelana ngezimali ezidingekayo ukuvuselela le nkampani. 

Akukho okungenziwa wuhulumeni ngamanani kapharafini – umGcinimafa

UBUSIKA yisikhathi lapho wonke umuntu edinga ukufudumala ngokubasa ama-heater, izimbawula nokudla okushisayo kodwa abantu abangaphezu kwango-500 000 abasebenzisa upharafini bangase baqhuqhwe ngamakhaza ngenxa yokubiza kukapharafini.

Umasipala usukumela ubuhixihixi bokukhokhela somabhizinisi

EMVA kokwanda kwamahlebezi okuthi osomabhizinisi abasebenzisana noMasipala waseThekwini ukulungisa ingqalasizinda yamanzi bazovalela izakhamuzi zalo masipala amanzi ngoba bengakhokhelwe, imeya uMnu uCyril Xaba ibize isithangami sabezindaba ukucacisa ngokukhokhelwa kwabo. Lesi sithangami besiseCity Hall, enkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.

Uhoxisiwe umthethosivivinyo ngobuchwepheshe obusamuntu

UBUCHWEPHESHE buholele ekutheni kushicilelwe umthethosivivinyo onemininingwane okungaqondakali ukuthi ivela kuphi kumthethosivivinyo wobuchwepheshe obusamuntu i-Draft National Artificial Intelligence (AI) Policy.

Umbiko omusha ukhombisa ukuthi i-Operation Vulindlela ithela izithelo

IYAVULEKA indlela ye-Operation Vulindlela njengoba umBiko weKota yesiNe ukhombisa ukuthi umsebenzi wayo wokuthuthukisa ingqalasizinda, ukulungisa ukuhambisa izimpahla, ukuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile nogesi kuyenzeka.

Ukuvaleka kwemali yeSassa kudala izinkinga ezintsha

KUYAKHALWA ngohlelo lokuqinisekisa ukuthi abantu abahola izibonelelo zikahulumeni ayikho enye imali abayitholayo ngemva kokuthi abanye abantu bengayiholanga impesheni yabo ngoba befakelwa imali yegrosa.

Inkantolo imise izinhlelo zokuvala iTongaat-Hulett

NGEMVA kokuthi i-Industrial Development Corporation (IDC) ifake uR200 million ezokwenza le nkampani iqhubeke nokusebenza cishe izinyanga ezimbili, wehlile umthwalo obusemahlombe abalimi nezisebenzi ezingaphezu kwango-40 000 zemboni kashukela.

Uhulumeni usubheka inkampani ezimele ukuhlenga iPosi

ZIYAQHUBEKA izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi iSouth African Post Office (iSapo) ayivali njengoba ungqongqoshe womNyango wokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi ethi zihamba kahle izingxoxo zabo nezinkampani abangasebenzisana nazo embonini ezimele.

I-Cash Paymaster Service iyalelwe ukukhokhela iSassa uR81 million

INKANTOLO yomThethosisekelo inqume ukuthi inkampani eyayiholela abantu izibonelelo zikahulumeni iCash Paymaster Services (iCPS) ikhokhele iSouth African Social Security Agency (iSassa) imali engaphezu kwangoR81 million.

Kuqhilike izihlathi kuvulwa isigayo somoba iGledhow Mill

INJABULO ibibhalwe ebusweni kubalimi bomoba emva kokuthi iphini likangqongqoshe womNyango woHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uZuko Godlimpi evule kabusha isigayo somoba iGledhow Mill KwaDukuza, KwaZulu-Natal, izoloi. 

Impi eseMiddle East iholele ekutheni imalimboleko ime ku-6,75%

UKWEHLA nokunyuka kwemalimboleko kuncike ekutheni impi eqhubeka eMiddle East, lapho i-Israel neMelika behlasele i-Iran izophela nini. Loku kucace izolo ngesikhathi umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ethi imalimboleko isazohlala ku-6,75%. 

I-Canal+ izophenywa ngokuvala iShowmax

NGEMVA kokuvela kwezindaba zokuthi iCanal+ eyathenga iMultiChoice engabanikazi beDStv izovala iShowmax uma kuphela u-Aphreli, iCompetition Commission imemezele ukuthi izophenya le nkampani. 

Umqoqintela uqinisa izinhlelo zokuqeda inkohlakalo eminyangweni kahulumeni

I-SOUTH African Revenue Service (iSars) imemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zokuqeda inkohlakalo nohwebo olungekho emthethweni. Kuloku iSars ithi ngeke igxile kuphela ezinkampanini nakubantu nje kodwa izongena naseminyangweni kahulumeni.

Isabambe ngakho ngokwamanani ezimpahla kodwa…

UKWEHLA kwamandla emali i-Consumer Price Inflation kufinyelele ku-3.0% ngoDisemba kanti bese kungokwesibili izinyanga zilandelana njengoba ngoNovemba kwakube ku-2.9%, kusuka ku-2.8% ngo-Okthoba.

Uqinisa isandla ngezimali uhulumeni waseKZN

UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzoqinisa isandla endleleni imali esetshenziswa ngayo ngenhloso yokwandisa imali ezoya ezinhlelweni ezinakekela abampofu nezikhulisa umnotho.

Abanye bahlehla nyovane ukucaphuna empeshenini ngenxa yentela – umbiko 

BAWU-28 525 abantu abahoxise izicelo zabo zokucaphuna ezikhwameni zabo zempesheni ngoba bebona ukuthi imali yentela abazoyikhokha yinkulu.

Kunxuswa abathengi bangadidiswa wukwehla kwemalimboleko 

KUSUKELA namhlanje inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange isizoba wu-7.75% njengoba seliphinde lehlisa imalimboleko ngo-25 basis points. Loku kusho ukuthi inzalo amabhange asezoyikhokhisa abathengi isizoba wu-11.25%.

Umnotho ngeke usakhula ngendlela ebilindelwe

UMNOTHO waseNingizimu Afrika sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.3% owawubikezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari kanti nemali esizongeniswa wuhulumeni kulo nyaka wezimali u-2024/25 sekulindeleke ukuthi inciphe ngoR17.7 billion. Loku sekunyuse nemali uhulumeni ozoshoda ngayo ngoR34.7bn.

Kubukeka bezohleka bodwa abathengi ngoKhisimusi

ZIYAQINA izimpawu zokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazoba noKhisimusi ongconywana kulo nyaka, njengoba ephinde anyuka amathemba okuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngenyanga ezayo, okuzobe kungokwesibili kulo nyaka.

Sebekhokhelwe uR21.4 billion abacaphuna empeshenini yabo – iSars

ABANTU baseNingizimu Afrika abafake izicelo zokucaphuna emalini yabo yempesheni ngenxa yomgomo omusha i-two-pot retirement system sebekhokhelwe uR21.4 billion kusukela uqalile kuze kube manje.

‘Ziyasiza izigidi eziphakela izingane ezikoleni kodwa…’

YIZE iNingizimu Afrika isikhathule indima enkulu ekunciphiseni indlala ezweni kodwa kusafanele ihlale iqaphile ngoba kunezinkomba zokuthi iyanyuka njengoba izibalo ezisanda kukhishwa yi-General Household Survey zitshengisa ukuthi inyukele ku-15.0% ngo-2023.

Bazibophezele ekutshaleni enye imali kwezinye izindlela zokuphehla ugesi 

I-STANDARD Bank Group nenkampani etshala imali kwingqalasizinda iMeridiam basanda kubhunga ngamathuba okutshala imali kwingqalasizinda yokuphehla ugesi ngezinye izindlela ezwenikazi.

Siphelile isikhathi sokukhokha ngokheshi – uKganyago

SEKUFIKE isikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ibheke okufanele ikwenze ukuhambisana noshintsho lwangalesi sikhathi ezindleleni okukhokhwa ngazo njengoba sekukhona ama-digital currency ukuze ihlale ikwazi ukuncintisana.

Amabhizinisi asafufusa awu-23 ahlomule ngoR500 000

KUHLOMULE amabhizinisi awu-23 emcimbini wokuklomelisa amabhizinisi kaMasipala waseThekwini minyaka yonke iDurban Business Fair Excellence Awards ngoLwesihlanu.

Uhulumeni uzoqinisa isandla ukunciphisa isikweletu nokuvikela umnotho 

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uqaphe ngeso lokhozi izingxoxo zemiholo zangonyaka wezimali u-2025/26 ukuqinisekisa ukuthi okuzovunyelwana ngako ngeke kuhlehlisele izwe emuva njengoba uzibophezele ukunciphisa isikweletu nokusimamisa umnotho.

Izifundazwe zenzela phansi osomabhizinisi ngenkokhelo – umNyango weziMali 

IHLEHLELE emuva indlela uhulumeni akhokhela ngayo amabhizinisi ngonyaka wezimali wango-2023/24, ikakhulukazi eminyangweni yezifundazwe njengoba kunoR10.6 billion okuze kwaphela lo nyaka wezimali ungakhokhiwe.

Bazosina bazibethele osomabhizinisi baseNingizimu Afrika abafuna abatshalimali. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa bazoba sethubeni lokuthola abatshalimali abazoxhasa amabhizinisi abo engqungqutheleni yabatshalimali i-World Congress of Angel Investors WBAF yango-2023.

Ibhange loMbuso lethule imali entsha edle ngezimpawu zokuphepha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page