Tag: Ezinohlonze
Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa
WULANGA KHANYILE NGEMVA kwemibhikisho esisabalele ezweni mihla yonke ikhala ngabantu bokufika, nesiqubule impikiswano phakathi kwezakhamuzi, umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ugcine ephoqeke ukuphinde akhulume nesizwe. Ukhulume nesizwe ngeSonto ntambama. Le … Read More
Phansi amaphaphu ngokususa uRamaphosa – izingqapheli
LUFANA nenunu engafi udaba lokuntshontswa kwezindodla zamadola epulazini likamengameli waseNingizimu Afrika uMnu UCyril Ramaphosa ngemva kokuthi iNkantolo yomThethosisekelo inqume ukuthi umbiko weSigaba 89, othinta lolu daba kwakungafanele uye kumalungu ePhalamende kodwa kwakufanele uqonde ekomitini elengamele izinhlelo zokususa umengameli.
Ziyaqhubeka izinhlelo zokuthola isisombululo eTongaat Hulett – Tau
UNGQONGQOSHE womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uthi bayaqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi iTongaat Hulett ayivali njengoba befake uR200 million ukuqinisekisa ukuthi abahlenga ibhizinisi nenkampani kamacaphunakusale uMnu uRobert Gumede iVision Consortium bayavumelana ngezimali ezidingekayo ukuvuselela le nkampani.
Umasipala usukumela ubuhixihixi bokukhokhela somabhizinisi
EMVA kokwanda kwamahlebezi okuthi osomabhizinisi abasebenzisana noMasipala waseThekwini ukulungisa ingqalasizinda yamanzi bazovalela izakhamuzi zalo masipala amanzi ngoba bengakhokhelwe, imeya uMnu uCyril Xaba ibize isithangami sabezindaba ukucacisa ngokukhokhelwa kwabo. Lesi sithangami besiseCity Hall, enkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.
Umnotho ngeke usakhula ngendlela ebilindelwe
UMNOTHO waseNingizimu Afrika sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.3% owawubikezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari kanti nemali esizongeniswa wuhulumeni kulo nyaka wezimali u-2024/25 sekulindeleke ukuthi inciphe ngoR17.7 billion. Loku sekunyuse nemali uhulumeni ozoshoda ngayo ngoR34.7bn.























































































