Akungagcinwa icala uma kufundiswa abantu ngokuphatha imali – umlawuli 

KUFANELE kube nendlela yokufundisa abantu ukuthi yize kungabasiza ukucaphuna empeshenini yabo njengoba kuzokwethulwa i-Two-pot retirement system ekugunyazayo loku kodwa ikhona nengozi yokuthi kubenomphumela omubi uma sekufike isikhathi sokuthatha umhlalaphansi.

Sisezithendeni zomasipala abawu-10 ababheda kakhulu – uHlabisa 

UHULUMENI uphezu kokuhlanganisa iqhinga lokuphucula omasipala ezweni kanti lo msebenzi uzogxila kakhulu ekubhekene omasipala abayishumi okubheda kakhulu izinto kubona.

Isihlava sobugebengu obuhleliwe ezweni sidinga ukusukunyelwa, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKWANDA kobugebengu obenziwa abantu abangaphansi kwezinhlangano, phecelezi organised crime, eziqonde ukwenza inzuzo ngabo kubeka engcupheni intuthuko yeNingizimu Afrika nenhlalakahle yezakhamuzi.

Iyakhathaza imigomo ebonakala izonquma ikusasa lezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso  

SESICISHE sakuqeda ukucinywa kukagesi ngoba imboni ezimele isiphehla ugesi. Kunezigidi ngezigidi ezitshalwa kwingqalasizinda yokuphehla ugesi ovuselelwayo, okwenza wande ugesi.

Usemkhulu umsebenzi wokufukula osomabhizinisi besifazane, kuloba uMoipone Malefane

OSOMABHIZINISI besifazane babamba iqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni nasekukhuliseni umnotho lapha ezweni naphesheya. Yize kunenqwaba yezinselelo ababhekene nazo kodwa ucwaningo oluhlukene lutshengisa ukuthi bafaka isandla ekuphuculeni inhlalakahle ngokwakha umsebenzi, ukunciphisa ububha, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuthi amabhizinisi afake wonke umuntu.

‘Ungathembeli emholweni owodwa’

Kuleli sonto kuSaziwayo Nemali sikuphathele u-Andiswa Vundiswa, umlingisi wemidlalo yethelevishini nakuNetflix, okubalwa kuyona Imbewu, Umkhokha, Uzalo, Disaster Holiday, Umjolo, The Spear, Sibongile & The Dlaminis, waphinde wasebenza kwi-International shoot A Westley South African Christmas (kwiBET)

Izinhlelo zeTheku zokuthuthukisa umnotho

KUNENDATHANE yezinhlelo zokuthuthukisa umnotho zikaMasipala waseThekwini eziqhubekayo kanti ezinye umasipala usazihlela. Uphiko iCatalytic Project Unit kumanje luphezu kwezinhlelo ezicela ku-16 zokutshala imali elinganiselwa kuR217 billion, zidale amathuba omsebenzi acela ku-300 000.

Ayisukunyelwe eyokwanda kwezifo eziqhamuka ezilwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane 

BUKHULU ubudlelwano phakathi kwabantu, izillwane nemvelo yonkana. Bayazifuya ukuze bazidle noma zibengamagugu omndeni abaningi abawathatha njengomxhumanisi wabo nezidalwa zakubo. Bathenga inyama yazo, abanye bayazizingela ukuze bazidle.

Akusebenzeki uma bengajezi abantu ngokukhwabanisa nenkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU bamabhizinisi bazibophezele ekusebenzeni komthetho. Loku kubalulekile ukuze indawo amabhizinisi asebenzela kuyona yeseke ukukhula komnotho.

Basazolinda abanamasheya eMTNZakhele 

I-MTN isiphakamise ukuthi isikhathi sokuvuthwa kwamasheya ayo ayedayiselwe abantu ababencishwe amathuba, i-MTNZakhele Futhi (iMTNZF), silulwe ngeminyaka emithathu.

Ishayekile imboni yezolimo ngemisebenzi – usomnotho

IZIBALO zezinga lokungasebenzi kwabantu eNingizimu Afrika eziveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sinyukele ku-33.5% ngekota yesibili yango-2024, ezishicilelwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule, zitshengise ukuthi ukuncipha
kwemisebenzi kushaye kwezwakala kakhulu embonini yezolimo.

I-BLSA ijabulela izichibiyelo zomthetho omusha kagesi 

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ihalalisela bonke abebeyingxenye yokuchibiyela umthetho olawula ugesi, i-Electricity Regulation Act, osayinwe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesihlanu, mhlaka-16 ngo-Agasti.

Amanqampunqampu osuku

UKUTHENGA izimpahla, phecelezi, ama-retail trade sales, kunyuke ngo-4.1% ngoJuni uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Kubekwe uR217bn ozoguqula izinto eThekwini – imeya

UHLELO lokuthuthukisa nokwakha imisebenzi ezoshintsha umnotho eThekwini uma seluphothuliwe luzodala imisebenzi ewu-300 000.

Umthetho wokuhweba nohulumeni uyashintsha

UMTHETHO wokuhweba nohulumeni usanda kubuyekezwa. Loku kwenzeke ngemva kokuthi umengameli wezwe ugunyaze i-Public Procurement Act: 2024 , egunyazwe ngokushicilelwa emqulwini kahulumeni mhlaka-23 wangoJulayi.

Umnotho waseNingizimu Afrika usabenzela phansi abantu besifazane, kuloba uJabulani Sikhakhane 

BASATHWELE kanzima abantu besifazane eNingizimu Afrika ngokwamathuba omsebenzi. Sekuvele ukuthi eminyakeni eyishumi edlule igebe phakathi kwabo nabantu besilisa landile. Amazinga abo emfundo awenzanga mehluko otheni.

Umgomo wokuhweba kufanele ugxile ekuphuculeni indlela esincintisana ngayo namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso 

KUNGABE yimiphi imigomo yezimboni uhulumeni wobumbano ozoyiqhakambisa? Ngimangazwe wucwaningo lweBhange loMhlaba obelubheka indlela iNingizimu Afrika eqhuba ngayo ekuhwebeni namazwe aphesheya oluveze ukuthi isalele emuva ekukhuliseni umnotho.

Abaxhasi abasha bePSL bakhombisa ukundlondlobala kwemboni yokugembula eNingizimu Afrika, kuloba uMcebo Mpungose

UKUNGENA kweBetway kwiPremier Soccer League (iPSL) kukucacisa bha ukudlondlobala ngesivinini kwemboni yokugembula eNingizimu Afrika, engenisa izigidigidi zamarandi, njalo ngonyaka.

Ukhukhulelangoqo wemboni yezimali wokufundisa abantu 

 IZINHLAKA ezihlukene zemboni yezimali zizobuthana engqungqutheleni ngenhloso yokuqhamuka nendlela ezophucula indlela efundisa ngayo abantu ukuphatha imali. 

Kuhle, kubi emnothweni ukuvumela ukukhipha impesheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINGUQUKO ekuhleleni izikhwama zempesheni ezizoqala ngoSepthemba zizokwenyusa izinga lokukhula komnotho weNingizimu Afrika nonyaka nango-2025, ngokocwaningo longoti baseBhange loMbuso.

Kuyaphucuka okulindelwe emnothweni njengoba uqhubeka umgqigqo wezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

KUBE kuhle ukuzwa osomnotho bethi balindele ukuthi umnotho ukhule kangcono kunobekuke kwashiwo kwi-Bureau for Economic Research (iBER) ngesonto elidlule.

Ithuba eliyingqayizivele kubasikingqephu abasafufusa

Ngabe ungumsiki wengqephu onesifiso sokudlondlobalisa igama lebhizinisi lakhe, ukwandisa amathuba okuzikhangisa kwabezindaba, ukwandisa amathuba okusebenzisana nabanye abasiki, ukunyusa inani lemikhiqizo oyidayisayo, ukwakha ubudlelwano obusha nokukhangisa ngemisiko yakho emisha?

Amanqampunqampu esonto

I-household affordability index yangoJulayi, okuyinkomba yamanani okudla okumqoka okuwu-44 yamasuphamakethe awu-47 namabhusha awu-32 ezweni, ikhombisa ukuthi ngoJulayi ubhasikidi wokudla ubuwuR5 252,15.

Zizoziphendulela izikhwama zempesheni uma abantu bengayitholi imali – umlawuli

IZIKHWAMA zempesheni ezizobe zingakulungele ukuthi amalungu azo akwazi ukukhipha ingxenye yempesheni yawo uma sekusebenza umthetho ogunyaza loku ngenyanga ezayo yizona okufanele zichaze ukuthi kudalwe yini lokhu. Kunenqwaba engakakufezi konke okudingekayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page