Ufunde ngokubukela inkakha oshaya izithombe ezineNkosi phakathi osezimele
WUTHOBILE ZWANE
UMSUNGULI wenkampani ethwebula izithombe uthi wathola ugqozi kumlingani wakhe osemnkantshubomvu kulo msebenzi.
UMnu uSiyabonga Gibisela wePixilight Photographer yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, uthi wakhuthazwa wumsebenzi kaMnu uThubelihle Ngcongo iFortune Films, oshutha izithombe ezigeza igilo.
“Ngikhuthazwe umsebenzi wakhe (uNgcongo). Njalo uma ethola umsebenzi wayengazisa bese ethi angihambe naye ngimbuke esebenza. Yilapho uthando lwaqala khona, wangibonisa ukuthi umsebenzi uwenza kanjani. Ngelinye ilanga wathi kimina mhlawumbe lo msebenzi uzoba yisinkwa sami (sokuziphilisa),” kukhumbula uGibisela.
Uthi wafunda ukubhekisisa futhi uzifundisa ngoYouTube ngoba uNgcongo wayesethole amadlelo aluhlaza. “Akungithathanga isikhathi eside kangako, ngangenza uMatikuletsheni ngaleso sikhathi. Ngesikhathi sami sekhefu ngangihamba ngiyothenga i-lollipop ngibuke izinto okufanele ngizibuke. Ngafunda kanjalo ukuthi kushuthwa kanjani nakho konke,” kusho yena.
Eminye yemicimbi eyashuthwa yiPixilight Photographer
E-Pixilight kuthwetshulwa zonke izinhlobo zezithombe. “(Kodwa) ngiyakuthanda kakhulu ukuthwebula izithombe zemicimbi yesintu ngoba yilapho engisuke ngibone ukuthi ngikhumbula imvelaphi yami futhi; konke kuwubuciko,” kusho yena.
Enye yezinselelo aseke wahlangabezana nazo wukubanjwa inkunzi edolobheni eGoli, eGauteng, walahlekelwa yizo zonke izinto zokusebenza. “Kwangenza ngalangazelela ukuqhubeka ngifunde ngoba kuthiwa uma izinto zakho zilahleka, kuchaza ukuthi wenza umsebenzi omuhle. Ukubanjwa kwami inkunzi kwangisiza futhi kwangifundisa ukuthi lapha emhlabeni anginamuntu kodwa yimina kuphela. Kwangenza ukuthi ngikhuthale kakhulu kunakuqala,” kusho uGibisela.
Amanani omsebenzi wabo aqala kuR6 000 kuye kuR10 000 kuye ngohlobo lo mcimbi abasuke beqashelwe wona.
- Facebook: Pixilight/Syabonga Pixilight Gibisela
- Instagram: pixilight_visuals
- X: @Pixilight_Rsa