INingizimu Afrika iya kwiWEF ishayela phezulu

ITHIMBA elizomela iNingizimu Afrika kwiWorld Economic Forum (iWEF) lithi kuningi okuhle elizokwazi ukukhangisa izwe ngakho kubatshalimali eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo. Nokho livumile ukuthi ziseningi izinselelo ezidinga ukulungiswa ezweni.

Abantu baseNingizimu Afrika banevuso nge-Black Friday

NGEMVA kweminyaka eyishumi, i-Black Friday ingenisile eNingizimu Afrika kodwa isishintshile. Ngemva kokwehla kwesasasa kubantu abaya ezinxaxhatheleni zezitolo ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19, ikhuze ibuya ngamandla ngo-2023.

Ubuchwepheshe bokukhokha obusha obuzofukula amabhizinisi amancane

UBUCHWEPHESHE obusha bokukhokhela izimpahla obethulwe yiStandard Bank abugcini nje ngokusiza osomabhizinisi abancane babenendlela elula yokukhokhisa amakhasimende kodwa buhlose nokubasiza nangezinye izinto ezithinta ukuphatha ibhizinisi.

Amabhange asekhaleni lokumisa imboni yomshwalense ezimweni ezinzima zomnotho, kuloba uChris de Klerk

SESISIDE isikhathi manje kwanda isibalo samakhasimende aya emabhange ukuzofuna umshwalense wokungcwaba, okwengeza ekumeni kwemboni yomshwalense nakuba imali esalayo ngemva kokukhokhela izindleko yemizi yabantu ibiloku incipha ngonyaka odlule.

Bazibophezele ekutshaleni enye imali kwezinye izindlela zokuphehla ugesi 

I-STANDARD Bank Group nenkampani etshala imali kwingqalasizinda iMeridiam basanda kubhunga ngamathuba okutshala imali kwingqalasizinda yokuphehla ugesi ngezinye izindlela ezwenikazi.

Bazophefumula abathengi baseNingizimu Afrika

SEBEZOQALA baphefumule abathengi baseNingizimu Afrika ngemva kokuthi iBhange loMbuso lehlise imalimboleko ngo-25 basis points namhlanje kanti zikhona nezinkomba zokuthi isazophinde yehliswe.

Amanqampunqampu osuku

UKUTHENGA izimpahla, phecelezi, ama-retail trade sales, kunyuke ngo-4.1% ngoJuni uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

‘Umkhankaso wokubhenka kweningi e-Afrika uyaphumelela kodwa usemningi umsebenzi’

UMKHANKASO wobuchwepheshe wokuqeda ububha, ukukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba ngokufaka wonke umuntu kwezezimali uyaphumelela kancane, kancane. Nokho kubantu abaningi base-Afrika “imali esandleni” iseyinto enkulu kanti usemningi umsebenzi wezikhungo zezimali wokusabalalisa umbhidlango owenze ukuthi kwande isibalo sabantu base-Afrika abasebenzisa amabhange safinyelela ku-49% phakathi kwango-2011 nango-2022.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page