I-Public Investment Corporation idinga uguquko olunzulu ekuphathweni kwayo, kuloba uBusi Mavuso
NGESONTO elidlule inkantolo isiguqulile isinqumo sokumisa isikhulu sePublic Investment Corporation (iPIC) uMnu uPatrick Dlamini emsebenzini. Inqume ukuthi ibhodi ebimisile ibingenagunya lokwenza loko ngoba wungqongqoshe womNyango weziMali onegunya lokukwenza.
Lesi sinqumo sikutshela konke odinga ukukwazi ngokonakele ekuphatheni iPIC. I-PIC inamasheya amaningi ezinkampanini ezinkulu ezihweba eJSE kanti ekushoyo kunomphumela emihlanganweni yalezi zinkampani. Kufanele iphathwe kahle kakhulu.
Esikhundleni saloko sizibona sibuka impinda yokungaphathi ngendlela efanele nokwaholela ekusungeleni iKhomishini yeJaji uMpati eyayiphenya ngePIC eminyakeni engaphezu kwemihlanu edlule. Akwamukelekile loku.
Sengisibuke ngokukhathazeka lesi simo. I-PIC ingakwazi ukubayisikhwama esenza okuhle: ezinkampanini etshala kuzo, kumalungu ezikhwama zempesheni ephethe imali yawo nasekukhuliseni umnotho waseNingizimu Afrika. Ayikwazi ukwenza konke loku uma kumapeketwane kuyona.
Okubi kakhulu wukuthi akukona okokuqala. Ukungahambi kahle kwezinto kuloku kuqhubeka ePIC kanti njalo uma kunenkinga kodwa umnyombo ushiywa kanjalo (awulungiswa).
Zikhona izimpawu zokuthi isimo sesibuyela kwesijwayelekile. Ibhodi entsha isinamasonto amabili isemsebenzini. UDlamini uzibophezele ukuthi uzosebenzisana nabaphenyi abasebenza embikweni wababika inkohlakalo bezifihlile.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/30/i-pic-inomlando-wezinkinga-ngendlela-ephethwe-ngayo/
Yindlela efanele yokwenza izinto futhi idala isimo sokuthi izinto ziqhubeke kulesi sikhungo. Nokho ukubuyela kwezinto esimweni esijwayelekile akulona ushintsho. Okudingwa yiPIC, nebikudinga kusukela ngo-2020, wuguquko olunzulu endleleni ephethwe ngayo.
IKhomishini kaMpati, eyaphothula umsebenzi wayo ngo-2020, yasungulwa ngemva kwezigameko eziphindaphindiwe zokungatshali imali ngendlela efanele okwakuncike kwipolitiki kunokuthi ngabe kuphusile yini ukutshala imali.
Ikhomishini yathola ukuthi amandla kangqongqoshe okuqoka amalungu ebhodi yikona okugqamile ekuthatheni izinqumo ezingaphusile. Kwavela ukuthi ongqongqoshe bomNyango weziMali ababengena ngokulandelana yibona abenza isiqiniseko sokuthi wubani ongena ebhodini nokuthi isebenza kanjani iPIC.

UMpati wenza izincomo ezingakaze zilandelwe nanamuhla
Ngiye ngamangala uma ngibheka izigameko ezisanda kwenzeka, ukuthi kuncane osekushintshile. Umnyombo wezinselelo zePIC owawushiwo yikhomishini awukaxazululwa.
I-PIC inezinselelo ezifanayo nezezinye izinkampani zikahulumeni ezinkulu ngaphambi kokuthi zibenoguquko. Isikhulu esiphezulu siqokwa wungqongqoshe womNyango weziMali, hhayi yibhodi, yinselelo efanayo lena eyayibhekene ne-Eskom neTransnet ngesikhathi ungqongqoshe ayesagxambukela ekuqokeni izikhulu futhi ezithatha kancane lezi zikhungo.
Isinqumo senkantolo ngesonto elidlule sikhombise ukuthi ibhodi ayikwazi ukumisa isikhulu sayo emsebenzini ngoba lawo mandla akangqongqoshe. Noma ngabe yiziphi izizathu ezikhona zokumumisa, inkantolo engazange izibheke, ayikho inkampani, ezimele noma ekahulumeni, engasebenza ngaleyo ndlela. Ibhodi engenagunya lokukhalima izikhulu zayo ayinamandla.
Umthetho lapha ucacile. Ibhodi kufanele ibenawo wonke amandla okukhalima izikhulu zayo. Kufanele ikwazi ukuqoka isikhulu esiphezulu, ukubheka umsebenzi owenziwayo nezimiso ezicacile ebekelwe zona futhi ikwazi ukuseka abaphathi ngaphandle kokugxambukela kosopolitiki.
Ukusebenzisana umshoshaphansi nabantu abasondelene nosopolitiki kufanele kuvalwe. UMpati wakuphakamisa loku ngaphandle kokungananazi. Izinqumo zokutshala imali kufanele zenziwe ngamakomiti asemthethweni asebenzisa izinhlelo zokusebenza ezisebenza emhlabeni jikelele, lezo ezenziwa ngabaphathi bezikhwama zempesheni emhlabeni wonke.
Amalungu ebhodi kufanele aqokwe yibhodi ekhona bese umnikazi wamasheya ebanamandla amancane okuyiphasisa. IKhomishini kaMpati yenza lezi ziphakamiso futhi yazichaza kabanzi. Yathola ukuthi ukuba nephini likangqongqoshe womNyango weziMali owusihlalo wePIC kusho ukuthi uma kushintsha ikhabhinethi kuzoletha usihlalo omusha, into ephazamisa umsebenzi eyenza izinto zingahlali zisesimweni esijwayelekile.
Yaphakamisa ukuthi ibhodi kufanele izikhethele usihlalo. Yaphakamisa ukuthi ukuqoka isikhulu esiphezulu kufanele kwenziwe yibhodi bese kuphasiswa wungqongqoshe womNyango weziMali, uma engahambisani nesinqumo sebhodi ngesikhulu esuke isiqokile kufanele abenezizathu ezinqala.
Ikhomishini yathi isikhulu esiphezulu “akufanele sizizwe sengathi sikweleta uhulumeni nongqongqoshe osuke ephethe”. Ngabaqondisi, uMpati wacacisa ukuthi ukubasusa “akufanele kwenziwe kalula wungqongqoshe, nabo akufanele bazizwe sengathi bayamkweleta”. Lena yimibandela embalwa yokuphatha ngendlela efanele.
Ngibona ukuthi umGcinimafa kufanele asukume manje. Umbiko kaMpati usulele izintulu zeminyaka emihlanu ekubeni iPIC iloku ifathuza kulandelana. Kufanele kuchitshiyelwe umthetho wokusebenza kwePIC (i-PIC Act) ukuze izincomo zekhomishini zizosebenza: kuguquke indlela yokuqoka ibhodi, ukuqoka isikhulu esiphezulu kufanele kwenziwe yibhodi, ungqongqoshe abenamandla amancane okugunyaza izinto nesizathu. Kudingeka ukuthi kwenziwe umqulu wokuphatha ozoqinisekisa ukuthi izinguquko okufanele zenzeke ziyenziwa, hhayi nje ephepheni.
Ibhodi entsha kufanele inikwe isikhathi sokubuyisela isimo kwesijwayelekile ngesikhathi umsebenzi wokulungisa imithetho uqhubeka kodwa umsebenzi kufanele uqale manje.
I-PIC ibaluleke kakhulu ukuthi ingayekwa ikulesi simo ekusona. Iphethe izigidi zezimpesheni zezisebenzi zaseNingizimu Afrika. Iyona etshale imali eningi ezinkampanini ezihweba ezimakethe.
Uma isebenza kahle, ingenza umsebenzi ofanele wokukhulisa umnotho waseNingizimu Afrika futhi iguqule nesimo ngokwezinhlelo zoguquko. I-Business Leadership South Africa izoqhubeka nokugcizelela ukuthi izinguquko zokuphatha ziyenzeka. Ngemva kweminyaka emihlanu ngemva kombiko kaMpati asikho isizathu sokubambezela izinto.


