Kusazosinda kwehlela kubathengi yize sekuzolunga – usomnotho
WUSLINDILE KHANYILE
IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko njengoba isazoqhubeka ibewu-8.25%, okusho ukuthi inzalo amabhange abolekisayo ngayo izoqhubeka ibewu-11.75%.
Ngesikhathi enza lesi simemezelo umPhathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe kumalungu ekomiti elenza lesi sinqumo iMonetary Policy Committee (iMPC) mane aseke lesi sinqumo, kwathi amabili aphakamisa ukuthi yehliswe ngo-25 basis points.
UKganyago uthe ukwehla kwamandla emali kusaqhubeka nokuba phezulu njengoba kungakasondeli lapho bezokhululeka khona okuphakathi kuka-4% no-4.5%.
“Njengoba singena esigabeni sesibili sonyaka, ukwehla kwamandla emali sekubangcono. Loku kunyuka mawala kwamanani esakubona ngo-2022 nango-2023 akusekho. Nokho, ukwehla kwamandla emali emazweni amaningi akukafinyeleli lapho sifisa khona. Isibonelo nje wukuthi ngoJuni, ukwehla kwamandla emali kwaku-3% eMelika, kuthi kwi-euro area kubewu-2.5%, okungaphezu kwaloku la mazwe akuphokophele okuwu-2%.
“Amanani okuhlinzeka imisebenzi nemiholo nawo alokhu eqhubeka nokuba phezulu okudalwa ukusebenza komnotho namazinga aphansi okusebenza kwabantu emazweni amakhulu,” kusho yena.
UKganyago uthe kucacile ukuthi ayikakanqotshwa impi yokwehla kwamandla emali. Nokho ubalule ukuthi akhona amazwe aseqalile ukwehlisa imalimboleko, okuyiCanada, iSwitzerland ne-euro area, yize engashintshanga eMelika, e-United Kingdom naseJaphani. Emazweni asathuthuka, aseLatin America aseqalile ukwehlisa imalimboleko.
Ukwehla kwamandla emali ngoMeyi kwakuwu-5.2% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule kanti kulindeleke ukuthi iStatistics South Africa ishicilele izibalo zangoJuni ngesonto elizayo.
Ethinta isimo saseNingizimu Afrika, uKganyago uthe umnotho waseNingizimu Afrika awenzanga kahle esigabeni sokuqala sonyaka njengoba unciphe ngo-0.1% kanti nezibalo ezintsha zezimayini nezokukhiqiza zenze ukuthi babuyekeze izibalo ababheke ukuthi umnotho ukhule ngazo ngekota yesibili kwabawu-0.6%.
UKganyago uthe ukwehla kwamandla emali kusayingozi enkulu emnothweni. “Ukwehla kwamandla emali akukabi lapho sifisa khona kanti sisakhathezekile ngakho. Ukuze kube ku-4.5% esiwubhekile, kufanele isimo somnotho siphucuke. Nokho isikweletu sisephezulu, kusenezinkinga ngezokuthutha kanti nendlela imiholo enyuka ngayo ayikahambisani nezinga lomkhiqizo.
“INingizimu Afrika yiyona enamanani aphezulu kunawo wonke amazwe emazweni eG20. Izibalo yizona ezisitshela ukuthi kufanele senzenjani. Asiphokopheli ukwehlisa imalimboleko, silwa nokunyuka kwamanani,” kusho yena.
Yize-ke kuphume lesi sinqumo namhlanje kodwa usomnotho omkhulu eFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthe kunezinkomba eziningi ezitshengisa ukuthi akusensuku zatshalwa iBhange loMbuso liqale ukunciphisa imalimboleko.
Uthe ukuqina kwamandla erandi nokwehla kwamanani kaphethroli ngezinye zalezo zinkomba.

UMkhwanazi uthi sekusemome ukwehliswa kwemalimboleko
Wengeze ngokuthi ukukhula kwethemba losomabhizinisi ngemva kokhetho nako kuzowusiza umnotho.
“Abantu baye bathi uma kukhulunywa ngezimakethe bathi yizinto zomntakabani lezo kodwa okwenzeka ezimakethe kuthinta wonke umuntu ngoba kunesandla emananini okudla, akaphethroli futhi siyazi ukuthi izimpahla eziningi zithuthwa emgwaqweni.
“Silindele ukuthi imalimboleko yehliswe ngoNovemba kodwa ayanda amathuba okuthi loko kwenzeke ngaphambi kwaleso sikhathi,” kusho yena.
Umhlangano olandelayo weMPC ungoSepthemba.