Sekuvuliwe ukubhalisela ukukhangisa kwireSURGEnce Conference
YINTATHELI KAMASIPALA
IZINKAMPANI ezifuna ukukhulisa igama lazo, ukungena ezimakethe ezintsha nokuxhumana nabatshalimali bakwamanye amazwe zimenywa ukuthi bazozikhangisa embukisweni ireSURGEnce Durban Conference 2026.
Le ngqungquthela iwumbukiso obalulekiile ezinhlelweni zikamasipala zokusimamisa umnotho. IreSuRGEnce, eyenziwa wumasipala ngokubambisana ne-New York Christian Times yaseMelika, izobamhlaka-26 no-27 wango-Okthoba eDurban Exhibition Centre eThekwini.
Indikimba yalo nyaka ithi: “Decreasing Barriers by Increasing Access”, okusho ukunciphisa izithiyo ngokwandisa amathuba okungena.
Abafisa ukuzokhangisa bangabhalisa manje ngoba kuzovala ngomhlaka-31 wale nyanga. Osomabhizinisi bangabhalisa ngokungena ku-https://resurgenceconference.com/forms/ noma baye ku- www.resurgenceconference.com ukuthola amafomu.
Ingqungquthela izohlanganisa osomabhizinisi, abatshalimali, abaholi bamabhizinisi, izikhulu zikahulumeni nabantu bakwamanye amazwe ase-Afrika abafuna amathuba okutshala imali, izoqinisa ubudlelwano bezohwebo futhi ikhulise amabhizinisi e-Afrika nakwamanye amazwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/08/i-resurgence-yisidikadika-sethuba-lokuhlomula-kosomabhizinisi/
Uhlelo lwengqungquthela luzohlomisa osomabhizinisi ngamasu okuthola usizo lwezimali, amathuba okudayisela uhulumeni izimpahla nezinsiza, ezohwebo, amasu asetshenziswa osomabhizinisi besifazane ukuphumelela, amathuba okusebenzisana kwamabhizinisi nokudayisa izimpahla kwamanye amazwe.
IreSURGEnce iyaqhubeka nokukhombisa umhlaba ukuthi umasipala yindawo efanele ukutshala imali, eyenza izinto ngezindlela ezintsha futhi elungele ukusebenzisana namanye amazwe.
Kuzobekungokwesithathu ireSURGEnce iseThekwini njengoba eyokuqala yayingo-2024, kwathi eyesibili yangonyaka odlule. Okuhle ngayo wukuthi izanamathuba omnotho futhi ivulela osomabhizinisi izimakethe ezintsha zokudayisa imikhiqizo yabo.
Umasipala ugcizelela ukuthi osomabhizinisi abadinga ukukhangisa kufanele bathumele izicelo zabo manje ukubekisa indawo nokunika abahleli isikhathi esanele.
Ngemibuzo yokukhangisa abantu, osomabhizinisi bangathinta uZamani Shezi ngokumshayela ku-031 311 4500 noma bamthumelele i-email ku-Zamani.Shezi@durban.gov.za.

