USizwe Kweyama, odume ngelikaDJ Stanky, uthi kungakuhle amaciko adume emhlabeni azinze eNingizimu Afrika ngoba kuzoheha izivakashi zize ezweni. Izithombe: Zithunyelwe

Ubuciko nezokuvakasha kungalekelelana: amaciko

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

AMACIKO anxusa uhulumeni nezinkampani zawo ukuthi uwaxhase ngemali ukuze umsebenzi wawo ufinyelele emhlabeni jikelele njengoba kwenzeka kubalingani bawo baseMelika. Athe loku kunesandla ekuheheleni izivakashi ezweni. 

Umlingisi nomkhiqizimafilimu uMnu uNeo Ntlantleng uthe imboni idinga ukuxhaswa ukuze umsebenzi wabo uzoheha izibukeli eziningi. Usho loku engxoxweni i-Strategic Collaborations & Partnerships in Tourism ngelanga lesibili le-Africa’s Travel Indaba e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali, izolo. 

“Imboni yokuvakasha kufanele ibambe iqhaza ekuxhaseni amaciko ukusisiza sikhangise ngobuciko bethu emhlabeni jikelele ngoba kuyabiza ukuhlangania imidlalo esezingeni lomhlaba njengeShaka: iLembe,” kusho yena. 

Umgqugquzeli wengqungquthela yamaPiano uMnu uThulani Maduse uvumelene naye, wengeza ngokuthi kuyinselelo ukuhlanganisa imicimbi yomculo ngendlela abafisa ngayo ngenxa yokuntula imali. 

Uthe kuyabanqinda nasekukhiqizeni umsebenzi onohlonze. “Sisebenza ngesabelomali esincane esikuvumela wenze okuncane kunombono osuke unawo. Okukhulu wukuthola imali ethe xaxa nokuthi izimboni ezinjeyokuvakasha zingene ekusisizeni ukuqikelela ukuthi uhlobo lomculo wethu luyaziwa emhlabeni wonke futhi luheha izivakashi zakwamanye amazwe ukuze zizoba yingxenye yesikwenzayo,” kusho yenu.

UMnu uThulani Maduse, wengqungquthela yamaPiano, ufisa baziwe emhlabeni wonke 

Iciko uSiza Kweyama, odume ngelikaDJ Stanky, uthe yize kukuhle ukuthi amaciko aseNingizimu Afrika anjengoBlack Coffee noShimza asaziwa emhlabeni wonke kodwa kuyakhathaza ukuthi kudingeke ahambe ezweni labo ukuze ahlonishwe.

“Lokho kukutshela ukuthi kukhona esingakwenzi kahle. Kufanele sizihlole ukuze siqhamuke nendlela ezokwenza amaciko ahlale lapha ekhaya, sikhangise ubuciko bethu ukuze abantu bakwamanye amazwe bezoza lapha ukuzobabuka,” kusho yena.

Abebemele iNational Film & Video Foundation bathe yize bewuxhasa umsebenzi okhiqizwa ekhaya kodwa banxuse nezinye izinkampani zikahulumeni ukuthi zifake isandla ukulekelela amaciko.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/15/akubanjiswane-ukwandisa-intsha-kwezokuvakasha-africas-travel-indaba/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page