‘Sebenzisa amathuba ukuthola izinto ozifunayo’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uMaya Wegerif, odume ngelika‘Sho Madjozi’, uwum-rapper nomculi, umqambi wezingoma nezincwadi nembongi. Usanda kukhipha incwadi ethi Shoma and the Stars. Udume kakhulu ngengoma ethi Gqi, ayicula no-Okmalumkoolkat. Ngo-2018 wakhipha i-albhamu ethi Limpopo Champions League, kwathi ngo-2019 wahlabana ngeBET Award emkhakheni i-Best New International Act. Kwezinye izingoma adume ngazo kubalwa i-John Cena, i-Chale, i-Huku, i-Kona, i-Shahumba ne-Jamani

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo kodwa ngangingatholi imali eningi ngoba ubaba wayeqinisa isandla uma kuziwa ngasemalini.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?

Ngangineminyaka ewu-11 (ngemva kokuwina) umncintiswano wokumodela, lapho ngathola khona uR1 000, okwakuyimali eningi enganeni. Ngicabanga ukuthi ubaba wayengifundisa ukubaluleka kokonga ngoba leyo mali ngayigcina isikhathi eside. Wangivulela eNedbank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngicabanga ukuthi ekhaya sasibuka imali ngendlela ehlukile. Imali kwakungeyona into okufanele uyibeke phambili empilweni kodwa kwakubalulekile ukucabanga ngomphumela ongabanawo emhlabeni ngezinto ozithandayo nokholelwa kukhona. Loko kwangifundisa ukuthi uma wenza izinto ngoba ukholelwa kuzona futhi uzithanda, imali iyazizela.

Waqala nini ukusebenza, wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngangisebenza eMultiChoice kwi-Channel O ngineminyaka ewu-19. Ngangihola uR8 000, uhhafu womholo wami wawuya kwirenti, enye ngithenga ngayo ukudla bese esalayo kube eyokuzijabulisa.

Yini into enhle ongathi owake wayenza ngemali?

Wukuthenga umuzi.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Maningi kakhulu. Elokuqala, ngasebenzisa imali eningi ngizama ukulungisa udaba lwendiza ngoba ngangifuna ukuhamba nge-business class. Uma sengibheka manje, ngiyazibuza ukuthi ngabe ngangingabekezeli ngani, ngigibele lapho amandla ami evuma khona bese ngonga leyo mali. Namanje ngisakucabanga loko.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze. Ngangizwa izigigaba zawo komama ababevame ukugileka ngokudayiselwa izinto ezihlukene. Ngakhula ngiqaphela lezo zinto futhi ngafunda kuzona.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/01/21/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nonomfundo-umoh-ngcobo-umculi-we-afro-pop-wodumo-lwengoma-ethi-phakade-lami/

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi imali kufanele yongiwe, hhayi ukuthi isetshenziswe ezintweni okwazi ukuphila ngaphandle kwazo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayitshala noma ngithole enye indlela yokonga imali engingahlomula ngayo ngokuhamba kwesikhathi.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Angikwazi ukubatshela ukuthi bayisebenzisa kanjani imali yabo. Kodwa mina angikaze ngikholelwe ekuthengeni izingubo ezibizayo nezinto ezingenasidingo. Ngicabanga ukuthi abantu abaningi balahlekelwa yimali ngokuthenga izingubo ezibizayo kanti ziningi izinto ongaphila ngaphandle kwazo. Uma ufisa ukushayela iMercedes-Benz, ungaxoxisana nenkampani ikunike leyo moto ukuze usebenzisane nayo futhi uyikhangise. Kungabanjalo nangezindawo zokuhlala amahhotela nezinye izinto.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page