UMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa nekhabinethi yakhe entsha kufanele bakusebenzise kahle kuloku ukuthi bayathenjwa, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni wobumbano ungadlali ngokuthi uyathenjwa, kuloba uBusi Mavuso

KUTHATHE isikhathi eside kodwa isimemezelo sangeSonto ebusuku sesivumelwano sikaHulumeni woBumbano nekhabhinethi kuyisiqalo esisha. 

Ekugcineni, usuyaqala ukusebenza ngempela uhulumeni omusha kodwa impumelelo yawo incike ezivumelwaneni ezisayinwe ngenyanga edlule. Izivumelwano ziyisisekelo. Ukuqina kwazo nezinhlangothi zonke eziqonda imisebenzi yazo kuzosho ukusebenza kahle kwalo hulumeni wobumbano.

Ngenxa yaloko, ngiyathemba ukuthi ukubekezela kwethu kuzothela izithelo. 

Ikhabhinethi entsha kufanele isebenzele abantu baseNingizimu Afrika. Yize isimemezelo sangeSonto sizothatha isikhathi ukusetshisa, ngiyathemba ukuthi sizobona abantu abaqokiwe okungamadoda nabantu besifazane abaqotho futhi abazi umsebenzi.  

Umengameli ugcizelele (ngeSonto) ukuthi ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni yiyonanto eseqhulwini kuHulumeni woBumbano. Loko kufanele kuqale phezulu ngabaholi bepolitiki abengamele lowo msebenzi. 

Uthe zonke izinhlangano zivumelene futhi ukuthi kufanele kuphuthunyiswe ukusimamisa umnotho ofaka wonke umuntu. Loku kumqoka kwikusasa lethu. INingizimu Afrika yilona zwe emhlabeni osekuphele iminyaka eyishumi lingakhuli futhi ngaleso sikhathi abantu sebehlupheka kakhulu.

Singamanye amazwe ambalwa emhlabeni i-International Monetary Fund elindele ukuthi aqhubeke nokungakhuli eminyakeni emihlanu ezayo. Isibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi ngeminye yemiphumela yaloko nokudonsa kanzima kwemali kahulumeni. Uhulumeni omusha unethuba lokushintsha leso simo.

Umbuso omusha uzosekwa ngxazonke, lapha ekhaya naphesheya. Abatshalimali sebevele batshengisile ukuthi bayaweseka kanti nokuphothulwa kwesivumelwano sikaHulumeni woBumbano sizokuqinisa lokho.  

Osomabhizinisi bakubheke ngabomvu ukusebenza noMbuso omusha futhi siyahambisana nohlelo lukamengameli lokukhulisa umnotho. Abakwikhabhinethi banomsebenzi omkhulu wokucabangela izwe kuqala. Banethuba elingandele bani lokusebenzisa ukuthi bathenjwa yizinhlaka eziningi. Kufanele bangabambi beyeka kodwa bathathe izinqumo ngokushesha futhi bagxile ekwenzeni umsebenzi.  

Bengingesinye sezikhulumi ngesonto elidlule engqungqutheleni yokudingida nge-Operation Vulindlela nokuthi lingavuselelwa kanjani ithemba ngeNingizimu Afrika.

Ngikhumbule ukuthi lalilikhulu ithemba ngesikhathi kuqala uhulumeni osanda kuphuma. Impela uMengameli uCyril Ramaphosa wayesekwa ngabantu abaningi kusukela kubatshalimali bakwamanye amazwe kuye kosomabhizinisi ezweni. Sesingakuxoxa ukuthi ingabe lokho kwesekwa wakusebenzisa ngendlela efanele yini. 

I-Operation Vulindlela ngenye yezinto ezibe yimpumelelo kahulumeni wakhe. Kusukela ekuphothuleni ukudayisa i-spectrum, okwase kudonse iminyaka engaphezu kweyishumi, kuye ekuguquleni imboni kagesi, impumelelo yaloku ibalulekile ezweni.

Uhulumeni omusha kufanele ukusebenzise kahle ukusekwa kwawo. Kuzoyisiza ikhabhinethi entsha ukwenza umsebenzi. Kufanele kucaciswe okuzokwenziwa nomphumela.

Izinhlangano zamabhizinisi bezizimisele ukubambisana nohulumeni omdala futhi zifake izinsizakusebenza eziningi ukuseka uhulumeni ukuthi ulethe izinguquko. Sihlanganise iResource Mobilisation Fund ukuseka uhlelo lokuphucula imboni kagesi, i-Energy Action Plan futhi manje sesisebenzela ukwenza into efanayo ngomhlahlandlela wemboni yezokuthutha.

Lezi ngezinye zezinhlelo esizenzile sisebenzisana ne-Operation Vulindlela ukuletha inqubekelaphambili ebonakalayo. Lolu phiko likutshengisile ubuhle bokubambisana kwabamabhizinisi nohulumeni.

Osomnotho abebesengqungqutheleni ye-Operation Vulindlela bathe lolu phiko cishe umsebenzi walo uphakathi kuka-2% no-4% womnotho uma kubhekwa umsebenzi eliwuwenzile noma eliwuvikelile kusukela enkingeni yokucinywa kukagesi nezinye izinselelo.  

I-Bureau of Economic Research ilinganise ukuthi umnotho ungakhula ngo-2% uma izinguquko ezenziwe yilolu phiko zingaqhubeka. I-Operation Vulindlela itshengisile ukuthi kubaluleke kangakanani ukubanophiko olubheke ukuthi umsebenzi uyenziwa. 

Yilona okufanele leseke umbuso omusha futhi lamukelwe yikhabhinethi ukuze umsebenzi uqhubeke eminyangweni ehlukene, lengamele izinguquko kuhulumeni wonke futhi luqinisekise ukuthi amabhizinisi ayangena esigabeni esifanele.

Engqungqutheleni kukhulunywe kakhulu ngekusasa. Izinto uphiko olungagxila kuzo zifaka ukuhlinzeka amanzi komasipala. Loku kumqoka njengoba sengike ngasho kule ngosi phambilini. 

Asikwazi ukushodelwa amanzi okuvele sekwenzeka kwezinye izingxenye zezwe. Sidinga omasipala abasebenzayo, sesizwe kakhulu ngamabhizinisi avalayo noma athuthayo ngoba engakwazi ukuthola izidingo kahle. Loku yinkinga enkulu emiphakathini futhi kunciphise amathuba amabhizinisi.

Ukubona i-Operation Vulindlela igxila kulezi zinselelo ezinzima kungalinyusa kakhulu ithemba ngohulumeni omusha. 

Lona wumsebenzi obalulekile futhi ngiyifisela okuhle kodwa ikhabhinethi entsha ekuwenzeni. Nokho amalungu ayo awakwazi ukungakusebenzisi kahle ukuthenjwa yizinhlaka ezihlukene. 

Thina bamabhizinisi sikulungele ukubambisana nabo futhi sizozeseka izinguquko. Isikhathi sokukhuluma sesiphelile.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/26/sidinga-ongqongqoshe-abazohlonipha-umsebenzi-kahulumeni-kuloba-ubusi-mavuso/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page