I-Clicks izobawumakhelwane nezitolo zasemalokishini ngesitolo esisha
YINTATHELI YOMBELE
ISITOLO seziqholo nemithi iClicks sifuna ukungenisa emalokishini aseNingizimu Afrika ngokufana nomakhelwane wezakhamuzi ngesitolo esisha iKwaMakhi.
NgoLwesine isikhulu esiphezulu seClicks Group uNks uBertina Engelbrecht sithe babeke uR30 million ukuvula izitolo eziyishumi zaKwaMakhi emalokishini ahlukene ezweni.
Isitolo sokuqala saKwaMakhi sivule ngoLwesine eTembisa, eGauteng. NgoLwesihlanu kuvule ezimbili eKhayelitsha naseCravenby, eNtshonalanga Kapa.
Esitatimendeni, iClicks ithe: “Izitolo zaKwaMakhi zenzelwe ukusondeza imikhiqizo ehlukene kubantu ngoba sibonile ukuthi izitolo zethu zakwaClicks azifinyeleli kuyo yonke imiphakathi. Sifuna abantu bakwazi ukuthola imikhiqizo esezingeni ngokuhamba ibangana nje besuka emizini yabo.”
Igama elithi KwaMakhi ligcizelela inhloso yabo yokusondela kubantu. Lichaza ukuthi kwamakhelwane, okusho ukuthi awudingi ukugibela ukuya khona kodwa uhamba ibangana nje ufike.
UNks u-Engelbrecht uthe lezi zitolo ezintsha ngeke zibenkulu kodwa zizoba nakho konke okudingwa yizakhamuzi. Uthe bayaqonda ukuthi umnotho wasemalokishini uyakhula njengoba kuthengwa ngoR900 billion njalo ngonyaka, ngakho nabo bafuna ukusondela kubantu. Ubalule ukuthi izitolo zaKwaMakhi zizobanemikhiqizo yezingane, iziqholo nokunye okutholakala eClicks kodwa amanani azobe engabizi kubantu.
“Sikholwa wukuthi izitolo zaKwaMakhi zizokhula zigcwale iNingizimu Afrika. Indlela esibona ngayo lezi zitolo zizokwazi ukusingenisa nakwamanye amazwe ase-Afrika,” kuphetha yena.

