Kuyancomeka ukuphuthunyiswa kwemithetho emisha, okukhona kuyona nozolawula indlela izimboni ezikhiqizayo izimpahla ngayo, ukuze zinciphise ukukhiqiza isisi esingcolisayo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuyancomeka ukusukumela ukuphasisa imithetho kukaHulumeni woBumbano ukuvuselela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

INGIQINISA idolo indlela okushesha ngayo ukuphasisa imithetho futhi loku kuyaqhubeka ngisho emva kokhetho njengoba umengameli asayina inqwaba yemithetho ngaphambi kokhetho olwalungomhlaka-29 Meyi. 

Wushintsho olujabulisayo lolu uma sibheka indlela izinto ebesezivame ukwenzeka ngayo. 

Kuyajabulisa nokubona abantu abaqokwe eminyangweni kahulumeni njengoba abaningi bememezele izinhlelo ezintsha noma izindlela zokusheshisa umsebenzi. Usemusha futhi kusekuningi okuwubeka engcupheni kodwa uhulumeni wobumbano uqhuba kahle ukuphuthumisa izinhlelo zokuvuselela umnotho wezwe. 

Abatshalimali nabo banesasasa. I-Bloomberg ibike ukuthi ama-bond aseNingizimu Afrika asekhule ngo-9.3% ngokwamadola aseMelika, okuyinto enhle kakhulu. I-India iyona elandelayo ngo-5.3% ekubeni amazwe amaningi asathuthuka akhula okungenani ngo-0.1%.

Ngaphandle kwendlela izinto ezenzeka ngayo kwipolitiki, abatshalimali bachazekile ngokuphucuka kukagesi ngenxa yokuncipha kokucinywa kwawo kanti ukwehla kwamandla emali nomgomo wemali kuya lapho sifisa khona. 

I-Bloomberg icaphune abahlaziyi abathe balindele ukuthi ama-bond aqhubeke nokwenza kahle.  

Ukuqhubeka nokuvuselela umgomo yinto ebalulekile kubatshalimali kanti imithetho emibili esanda kusayinwa wumengameli ibalulekile emabhizinisini yi-Climate Change Act ne-Public Procurement Act. NgoLwesihlanu, izichibiyelo ezenziwe kwi-Companies Act ziphasisiwe. 

Lezi zichibiyelo zikhuluma ngezinto ezithinta amasheya amasha, ukuhlinzeka usizo lwezimali ezinkampanini ezisuke ziyingxenye yenkampani enkulu, phecelezi ama-subsidiary, nokuthenga amasheya. Nokho bakwenza kubelula ukukhipha abaqondisi, ukuveza imali eholwayo nokuthi amabhizinisi kahulumeni ahlanganise futhi athule umgomo wokuholela izisebenzi okufanele uphasiswe abanikazi bamasheya. Lona futhi wumgomo okufanele uveze ukuthi umehluko ungakanani phakathi kwezisebenzi ezihola kakhulu nezihola kancane.

I-Climate Change Act yango-2022, ishaywe yabawumthetho ngomhlaka-18 wangoJulayi kodwa uzoqala ukusebenza ngosuku oluzomenyezelwa kwi-Government Gazette, ngokusho kwefemu yabammeli iBowmans. 

Esikhathini esingangonyaka, umNyango wamaHlathi, ukuDoba neMvelo kufanele ushicilele izimboni ezikhiqiza isisi esingcolisayo okuzobekwa isikali okungafanele kweqiwe kusnao futhi kwabiwe isabelomali sezinkampani ezikhiqiza isisi esingcolisayo kanti lezo zinkampani kuzofanele zilethe uhlelo lwazo lokunciphisa isisi esingcolisayo.

Umthetho ubeka izikali zokuthi yini okufanele yenziwe yimboni ngayinye okulekelela izimboni zazi ukuthi kufanele zithathe ziphi izinyathelo ukuze zigcine zingasakhiqizi isisi esingcolisayo. 

Zonke izimboni ezikhiqiza isisi esingcolisayo, okufaka izimayini zamalahle, kufanele zethule imibiko yokuthi ziqhuba kanjani njalo ngonyaka kungqongqoshe wamaHlathi, ukuDoba neMvelo.  

Lo mthetho uthi kuyicala uma ibhizinisi lihluleka ukuletha icebo lokuthi yini elizoyenza ukunciphisa ukukhiqiza umoya ongcolile. Kuyicala futhi ukuhluleka ukwazisai noma ukuhluleka ukuthatha izinyathelo zokunciphisa ukukhiqiza umoya ongcolile. 

Abameli beBowmans nokho bathi “okungekho ohlwini lwamacala wukuthi yiziphi izinyathelo ezizothathelwa abahlulekayo ukufinyelela kulokhu okunqunyiwe”.  

Bathi kungayisiza kakhulu iNingizimu Afrika ukufeza okufanele ukuze igcine ingasawukhiqizi umoya ongcolile. Loku akugcini nje ngomoya ongcolile futhi kuqinisekisa ukuthi iKhomishini eBheke iSimo seZulu eHhovisi likaMengameli iyinhlangano emisiwe futhi kunika amandla nomsebenzi zonke izinhlaka zikahulumeni ukulawula lo msebenzi ezimbonini. 

Kusungula nesikhwama sokulekelela ngaloku futhi kuzodinga nohulumeni ubenemali yokubheka lo msebenzi, into ebalulekile kakhulu njengoba kulindelwe ukuthi kwande izimo zezulu ezimandla ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.  

Yisikhathi esihle lesi sokuthi sizikhumbuze ukuthi izinhloso ze-Climate Change Act, wukuvikela umhlaba ukusiza abantwana banamuhla nezizukulwane zangomuso. Lezi zinyathelo ziyadingeka emhlabeni wonke njengoba sizama ukuthi izinga lokushisa lomhlaba lingeqi ku-1.5°C, okwakuyiwona kungakaqali ukusetshenziswa kwemishini. 

Uma sibheka eNingizimu Afrika, kuningi okusengcupheni uma singakwenzi okuklanywe yi-Nationally Determined Contribution (iNDC), okufaka no-$8.5 billion onikelwe ngamazwe omhlaba ukuseka uhlelo lokuthi izwe liguqukele ekusebenziseni ugesi ovuselelwayo, i-Just Energy Transition.  

Ngikholwa wukuthi amalungu amaningi eBusiness Leadership South Africa asevele anezinhlelo ezinqala zokunciphisa ukukhiqiza ugesi ongcolisayo noma aphezu kwazo. 

Ukuhlonipha lo mthetho kubalulekile ngoba kusho ukuthi izwe lethu lihambisana ne-EU Carbon Border Adjustment Mechanism ezokwethula imali ezokhokhiswa yimikhiqizo engcolisa kakhulu umoya kusukela ngo-2026. 

I-Public Procurement Act iwumthetho ozama ukwenza izinto ezinkulu njengobaihlose ukuthi kubenohlaka olulodwa lokuthenga nokukhokhela izimpahla nemisebenzi okuthengwa wuhulumeni kanti igxile ekuletheni ushintsho.  

Wumthetho othi kunabantu abathile okufanele kubekwe bona eqhulwini uma kuthengwa: okungabantu abamnyama, abanokukhubazeka, ababengamasosha omzabalazo, intsha, amabhizinisi asafufusa nemifelandawonye. 

I-Business Day ibike ukuthi kukhona nesiphakamiso sokuthi kube khona izimpahla ezithile okufanele ukuthi zikhiqizwe ezweni ezimbonini ezithile.   

Kuhle ozama ukukwenza lo mthetho, kukhathazekiwe ngokuthi bakhona yini abantu abenele ezweni abangakwenza okushiwoyo, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokukhiqiza. 

Kubonakala sengathi umuntu ozofaka isicelo somsebenzi uzokwemukelwa uma kuwukuthi kuhambisana nomthetho ngisho ngabe kuthiwa uyabiza kakhulu kunabanye abantu.  

Lo mthetho uzama ukulungisa izinkinga ezikhona endleleni okuthengwa izimpahla ngayo, okubalwa nenkohlakalo yamathenda kuhulumeni, ngokuthi yonke into ibendawonye kungqongqoshe womNyango weZimali nokubanohlaka oluzosetshenziswa yiminyango, omasipala nazo zonke izinhlaka zikahulumeni, ngokusho kombiko waleli phephandaba. 

Abathengayo kuzofanele babenemigomo yokuthenga yabo. Kuzobonakala ukuthi loko kwanele yini ukulwa nenkohlakalo. Ngiyawugqugquzela uhulumeni omusha ukuthi uqinisekise ukuthi yonke into ibhekisiswe ukuze kulandelwe yonke imigudu ngendlela efanele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/12/05/kuza-umthetho-omusha-ozosiza-ukufukula-izinkampani-ezisafufusa-utebogo-mokwena-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page