Ukungacaci kwekusasa likaRamaphosa kubeka imizamo yokufukula umnotho engcupheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

SELITHAMBENE kumengameli we-African National Congress neNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa, njengoba iqembu lakhe  lizobanokhetho lwabaholi abasha ekupheleni kwangonyaka ozayo, kuthi maphakathi no-2029 kubenokhetho lwamalungu ePhalamende ezweni nezishayamthetho zezifundazwe.

Kufanele sikhulise umnotho ngokungaphezu kwango-3% futhi sakhe imisebenzi eyizigidi, kuloba uBusi Mavuso

LUKHULU oluhle olungenzeka eNingizimu Afrika. Sinabantu abakhaliphile abakwazi ukuzuza izinto ezinkulu, kusukela kwezemidlalo kuye ezinkampanini ezivelele emhlabeni. Ukukhuthaza abantu abavelele emabhizinisini nakuhulumeni ukuthi bagxile ekukhuliseni umnotho cishe ngo-3% kuzozala impumelelo.

UGodongwana ukhathazeka kufanele ngePublic Investment Corporation, kuloba uJabulani Sikhakhane

AWUKAPHELI umbango wePublic Investment Corporation (iPIC), osekuneminyaka inenselelo yokuphatha ngendlela efanele. I-PIC ingamele imali engaphezu kwangoR3 trillion yezinkampani zikahulumeni, eningi kuyona ngeyempesheni yezisebenzi zikahulumeni ekwiGovernment Employees Pension Fund (iGEPF).

Abaphikisa izinguquko ezinqala balahlekisela izwe ngemisebenzi kanti kufanele kuphele loko, kuloba uBusi Mavuso

IZIBALO ezimbi ngokuntuleka kwemisebenzi ezishicilelwe ngesonto elidlule ziyinkomba yenkinga ebhebhethekayo, ikakhulu entsheni. Wuphawu lokuhluleka ukukhulisa umnotho ngezinga elanele ukwakha imisebenzi.

I-Public Investment Corporation idinga uguquko olunzulu ekuphathweni kwayo, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule inkantolo isiguqulile isinqumo sokumisa isikhulu sePublic Investment Corporation (iPIC) uMnu uPatrick Dlamini emsebenzini. Inqume ukuthi ibhodi eBImisile ibingenagunya lokwenza loko ngoba wungqongqoshe womNyango weziMali onegunya lokulwenza.

Ngabe iNingizimu Afrika iyafuna yini ukunyusa izinga lokukhula mnotho wayo?, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMPHATHI weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago unombuzo osemqoka ngesimo somnotho weNingizimu Afrika. Ubuza ukuthi ngabe izwe limagange yini ukunyusa izinga lokukhula komnotho wezwe.

Akusekho ukudideka ngenkampani ezimele ezosabalalisa ugesi, kuloba uBusi Mavuso

NGOLWESIHLANU umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wamukele futhi uvumelane nombiko wokuqala wethimba eliphathiswe umsebenzi wokuhlela kabusha inkampani ephehla ugesi, i-Eskom Restructuring Task Team.

Nakuba abantu besifazane benegama elihle lokukhokha izikweletu kodwa bakweletelwa kancane, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMABHIZINISI amancane asungulwa noma aphethwe ngabantu besifazane awatholi ukusekwa ngezimali okufanele, kutholakala ukuthi asilele emuva kunamanye phezu kobufakazi beminyaka eyishumi bokuthi osomabhizinisi besifazane bamagange ukukhokhela izikweletu zabo ukudlula abanye osomabhizinisi.

Indlela iPublic Investment Corporation eyakhiwe ngayo iyenza ibhodwe eliconsayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

I-PUBLIC Investment Corporation (iPIC), inkampani kahulumeni ephatha izimali zesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni nezinye izimali ezinjenge-UIF, ngeke ibenokuthula uma kungaxazululwa izinto ezimbili.

Ukhetho lomasipala lusho ukuthi sesifikile isikhathi sokukhuculula komasipala, kuloba uBusi Mavuso

SESIFIKE qathatha ekuweni komasipala. Isinqumo somNyango weziMali sokugodla isibonelelo somasipala abawu-69 silandela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi uveza ukuthi ukungasetshenziswa kwemali ngendlela (okuyiyonankomba enkulu yenkohlakalo) kunyukile unyaka nonyaka, kungenazinyathelo ezithathwayo.

Ukuphatha ngobuqotho kusho ukulandela umgomo okuvunyelenwe ngawo, kuloba uBusi Mavuso

KUTHUSILE ngesonto elidlule ukuzwa usihlalo webhodi le-Eskom uMnu uMteto Nyati esola iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBusa) ngokugxambukela okufana nosopolitiki, loku esineminyaka sikugxeka. Uqale washo ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokusho emsakazweni.

Umasipala waseGoli awuswele. Inkinga wukuthi awuphethwe kahle, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule umkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uhlanganile ukubhunga ngocwaningo obelubheka isimo sedolobha laseGoli, oluthulwe wuNks uLael Bethlehem weGenesis Analytics. Imiphumela ishaqise kakhulu.

Ukhetho lomasipala oluzayo luzozala oholumeni bobambiswano, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKHETHO lomasipala ngoNovemba luzoba ngolubaluleke kakhulu emlandweni wezwe kusuka ngo-1994. Isizathu saloku yisimo sezimali somasipala baseNingizimu Afrika esintengayo nokuhluleka kwabo ukumelana nezidingo zemiphakathi. Akukacaci ukuthi sizolungiswa kanjani lesi simo.

Inkinga yesikweletu sikagesi eGoli imqoka kwikusasa le-Eskom nedolobha uqobo, kuloba uBusi Mavuso

NGEKE kulunge eNingizimu Afrika uma kungawa idolobha laseGoli. Indlela izinto ezenzeka ngayo ngogesi kulo mkhandlu isiyingozi ngempela. Isikweletu esiwuR5,3 billion leli dolobha elisikweleta i-Eskom asikhokheki ngendlela efanele kanti imiphumela yaloko icace bha ngesonto elidlule.

Izinguquko ezweni seziqala ukuthela izithelo, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kubenezindaba ezimnandi ezintathu kanti zonke zisho into eyodwa. Ukusimama komnotho kubengaphezu kobekulindelekile. IBhange lomHlaba limemezele ukuthi iChweba laseThekwini lenze kangcono kunawo wonke emhlabeni. I-Fitch iphucule indawo eklelise iNingizimu Afrika okokuqala eminyakeni ewu-20. Uhlelo loguquko seluqala ukuthela izithelo.

Ukubheda kwezinto eGoli kudlisela umnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA kuzoqala iNdebe yoMhlaba eNorth America kuleli sonto ngikhumbula ngesikhathi lo mqhudelwano useNingizimu Afrika ngo-2010. Umdlalo wokuqala uzophinde ubephakathi kweNingizimu Afrika neMexico, umdlalo wokuqala okwavulwa ngawo le midlalo ngesikhathi ilapha.

Ukuphatha imali yezwe kahle kuyasiza. Sesidinga kuphuthunyiswe izinguquko, kuloba uBusi Mavuso

IBHANGE lomBuso lenze isinqumo esifanele ngesonto elidlule ngokunyusa imalimboleko ngo-25 basis points ngenxa yokunyuka kwamanani ezimpahla emhlabeni. Umphathi uMnu uLesetja Kganyago neKomiti eleNgamele uMgomo weMali abangabazanga.

Ukuphela konyaka ugesi ungacinywa kufakazela ukusebenza kwezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

SIHALALISELA i-Eskom ngokuthi sekuphele unyaka ugesi ungakaze ucinywe. Wushintsho olumangalisayo lolo kunaseminyakeni emithathu edlule lapho kwaba kwacinywa khona ugesi izinsuku ezingu-300, nokwadala umonakalo omkhulu emnothweni.

Zithela izithelo izinguquko kwezokuthutha kodwa kufanele sibambe umgqigqo, kuloba uBusi Mavuso

IZINGUQUKO embonini yokuthutha izimpahla zimqoka empumelelweni yomnotho wethu. Asikwazi ukuncintisana ekudayiseni izimpahla kwamanye amazwe ngaphandle kwamachweba asebenzayo futhi okufinyeleleka kahle kuwona.

Ukusondeza omasipala abakhulu akuziphuculi izinto, kuloba uJabulani Sikhakhane

UBUKHULU bukamasipala bubalulekile kodwa ngezizathu ezihlukene. Omasipala abakhulu, ngokwendawo abanayo noma abantu abangaphansi kwabo, basesimweni esifanele ukuzakhela nokuziphathela izinhlelo ezidinga imali eningi okungaba ngeyamanzi nengqalasizinda yokuhambisa indle. Nokho uma bebakhulu babakude nezakhamuzi bese bengazihambisi kahle izidingo kubantu.

Isinqumo sikahulumeni sokonga imali siklinya abantu abahluphekayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

USIZO uhulumeni waseNingizimu Afrika olunika abathengi bakaphethroli nodizili luyisibonelo sobunzima obuthwelwe abantu abahluphekayo. Obunye balobu bunzima budalwa yindlela uhulumeni owenza izinto ngayo.

Akuyekwe ukucekela phansi izimboni kungaze konakale kakhulu, kuloba uBusi Mavuso

NOMA yiziphi izifiso iNingizimu Afrika enazo zokuvuselela izimboni zishabalala sibhekile. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele usihole ukushintsha izinto uma uthatha izimboni njengezibalulekile ekukhuleni komnotho weNingizimu Afrika. Uma uhluleka, kunesizukulwane saseNingizimu Afrika esizothwala kanzima.

Uhulumeni unqindekile ukubhekana nezinkinga zezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO loqweqwe lukasomnotho waseNyuvesi yase-Stellenbosch ngekusasa lezomnotho nentuthuko yeNingizimu Afrika lukhomba ukuthi abaholi bezwe kufanele bacabangisise ukuthi yiziphi izinkinga abangakwazi ukwenza umehluko kuzona ngokushesha, yiziphi ezingathatha isikhathi.

Kuqinisa idolo ukubona osopolitiki nezikhulu zikahulumeni abaqotho, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kusijabulisile ukubanongqongqoshe womNyango wokuBambisana, ukuBusa nobuHoli beNdabuko uMnu uVelenkosini Hlabisa, obekhuluma noMkhandlu wethu ngenqubekelaphambili esibekhona ekushintsheni izinto komasipala.

Uhulumeni awuyibhekelelanga intuthuko yamalokishi ngesikhathi wakha iKing Shaka, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISINQUMO sikahulumeni sokwakha isikhumulo samabhanoyi esisha iKing Shaka International Airport eLa Mercy, eThekwini, KwaZulu-Natali, sesibeneqhaza elikhulu kwintuthuko yasenyakatho yaseThekwini kule minyaka engaphezu kweyishumi edlule.

Ezokuvakasha zisinika ithuba lokusimamisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezokuvakasha ingenye yezinto okucacile ukuthi singakhulisa umnotho ngazo futhi sakhe imisebenzi. Ngo-2025, kufike izivakashi ezingaphezulu ngo-10.5 million kunesibalo sezazifika ngaphambi kokubheduka kwe-Covid-19.

Inqubekelaphambili ngezinguquko ezavela kwikhomishini kaZondo iveza okuhle nokuxegayo, kuloba uBusi Mavuso  

LONKE ushintsho olugcina luphumelele lutholakala kanzima. Kuqale kubewumzukuzuku luhlanganiswa, okufaka izinhlaka ezihlukene ngaphambi kokubawumthetho umphakathi obeka uvo ngawo, ngaphambi kokuphasiswa ePhalamende. Emva kwaloko, kuqala inselelo yokuthi usetshenziswe. 

Ukwehla kwentela ebanjwa kuphethroli kuyasiphefumulisa kodwa izinguquko zakha ikusasa, kuloba uBusi Mavuso

KUYANGIJABULISA ukuthi uhulumeni usilalelile isicelo sokuthi uphungule umthwalo wokunyuka kakhulu kwamanani kawoyela ngokwehlisa okwesikhashana intela ebanjwa kuphethroli. 

Ezokushushisa zifakazela ukuthi abantu bangaphendula. Manje sekufanele kuhlale kwenzeka, kuloba uBusi Mavuso

UKUBOSHWA kwezikhulu zamaphoyisa eziwu-11 ngesonto elidlule mayelana nethenda kaR360 million kuyinkomba yokuthi siphelile isikhathi sokuzicanasela. 

Okufanele sikwenze ukubhekana nothuthuva oseluqubukile emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

IMPI eseMiddle East kungenzeka ilimaze umnotho emhlabeni kakhulu kuye nokuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani. Amabhizinisi aseNingizimu Afrika asevele asebenzela ukunqanda umonakalo futhi sidinga osopolitiki ukuthi babambisane nathi.

Ukwanda kobugebengu ezweni akuyona impi yamaphoyisa wodwa kodwa kudinga umphakathi wonke, kuloba uJabulani Sikhakhane

SEKUKANINGI ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi ebeka izizathu athi ziwumsuka wokwanda kobugebengu obenziwa ikakhulu yintsha. Izizathu zakhe zihambisana neminye imininingwane ngesimo sempilo eNingizimu Afrika.

Kufanele sikunqande ukucekeleka phansi kwezinto komasipala, kuloba uBusi Mavuso

NGIMANGELE ngesonto elidlule ngesikhathi umqondisi-jikelele emNyangweni wamaNzi nokuThutha iNdle uMnu uSean Phillips ekhuluma “ngendlela izinto eziqhubeka nokubheda ngakhona” mayelana nokuhlinzeka amanzi komasipala abaningi.  

Ukugwetshwa komuntu wokuqala ngokugwamanda amandla ombuso kubuyisa ithemba, kuloba uBusi Mavuso   

YIZE izinto zitotoba kodwa isiqala ukubonakala inqubekelaphambili ngokuthi abantu baphendule ngezinto abazenzile eNingizimu Afrika. Ukugwetshwa kowayeyilungu lePhalamende le-ANC uVincent Smith iminyaka eyisikhombisa kusho ukuboshwa komuntu wokuqala ngecala lokugwamanda amandla ombuso ngemva kweminyaka kulindwe ubulungisa.

Akumangazi okukhonjiswa wucwaningo ngesimo seNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO lwezakhamuzi zamazwe awu-25, okubalwa kuwona amathathu ase-Afrika, luveza imininingwane emqoka ngokuthi izakhamuzi zala mazwe zisibona kanjani isimo sawo. Elinye lamazwe amathathu yiNingizimu Afrika. Lolu cwaningo luveza isimo sakuleli zwe, esingamangazi nokho uma kubhekwa okwenzeka ezweni.

ISabelomali sikhombisa ukuthi idlangile inhlupheko eNingizimu Afrika futhi bayingcosana abakhokhintela, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISABELOMALI esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana izolo sicacisa inhlupheko eNingizimu Afrika, ikakhulu isibalo sabantu abathembele osizweni lukahulumeni.

Kuhamba kahle ngokuphatha imali. Sekushoda iSabelomali esizokhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

I-INTERNATIONAL Monetary Fund (i-IMF) isigcizelele umyalezo okade amabhizinisi ewudlulisa wokuthi izinguquko ezinqala eNingizimu Afrika zingawukhulisa umnotho ngendlela ebonakalayo, inqobo nje uma izwe lizoqhubeka ngomgqigqo eliqale ngawo.  

Usekhulumile umengameli, manje akusukunyelwe indaba yokukhiqiza, kuloba uBusi Mavuso 

NJENGOBA isidlulile iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe ngoLwesine oludlule, osekufuneka manje wukuphuthumisa ukwenza izinto umengameli uCyril Ramaphosa azimemezelile nokubhekana nangazishongo.

Mkhulu umsebenzi ohlalele uhulumeni ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIMO samathuba omsebenzi eNingizimu Afrika asisihle neze. Noma sekuyindabizekwa kakhulu lena kodwa ukujula kwayo kuqhakanjiswa kabusha yimininingwane ngesimo semisebenzi eNingizimu Afrika ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA).

Ukuhlehlela emuva kwezinguquko zikagesi kungase kuxoshe abatshalimali, kuloba uBusi Mavuso  

UMBIKO weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) obuyekeza ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala oshicilelwe ngesonto elidlule utshengise ukuthi ikhona inqubekelaphambili yonke indawo ngaphandle kwasembonini kagesi. 

Impumelelo yezinguquko zeNingizimu Afrika iletha ithuba njengoba izinto zimapeketwane emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

I-WORLD Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule inike iNingizimu Afrika isigcawu esikhulu sokutshengisa ukuthi izinguquko ezenzayo zithela izithelo ezibonakalayo.

INingizimu Afrika kufanele iyeke ukwanda ngomlomo ngezindaba zomhla kodwa  iqale ngokuqinisa izikhwepha, kuloba uJabulani Sikhakhane

IQUKETHE isifundo esikhulu kwiNingizimu Afrika inkulumo kandunankulu waseCanada uMnu uMark Carney, ayithule ngoLwesithathu kwiWorld Economic Forum, umhlangano waminyaka wonke obaseDavos, eSwitzerland. 

Ukuvala kwenkampani kagwayi wumphumela wokungayisukumeli indaba yokulwa nezimpahla zomgunyathi, kuloba uBusi Mavuso

IZIMPAHLA eziwumbombayi ziqeda imisebenzi. Isimemezelo esenziwe yiBritish American Tobacco (iBAT) sokuthi izovala ifemu yayo okuwukuphela kwayo eNingizimu Afrika kulo nyaka kutshengisa ukuthi uma imigomo ixega nokugcina imithetho, ezokukhiqiza ezisemthethweni zicekeleka phansi.

Yize izwe selibuswa ngentando yabantu, abantu abamnyama basahlala kude nezizinda zomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGEMVA kweminyaka ewu-30 iNingizimu Afrika yangena ngaphansi kombuso lapho nabantu bomdabu benamalungelo agcwele izwe alikenzi mehluko otheni ukuguqula indlela uhulumeni wobandlululo ahlela ngayo inhlalo nemisebenzi yabantu abamnyama.

Sisethubeni lokuqala kahle ekade sakugcina ngezinto eziseqhulwini ezintathu, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika iqala u-2026 ngamanani ezimpahla zomkhiqizo aphezulu, ugesi ongacimi, isimo sezimali esizinzile nemalimboleko ephansi, okudala isisekelo esiqinile somnotho kule minyakeni eyishumi edlule.

Umqondisi wokuShushisa omusha kufanele alethe ithemba emphakathini nasemabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

KUNESINQUMO esibalulekile esizothinta imboni yamabhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo. Umengameli uqoke ikomiti okufanele likhethe umqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi omusha. 

Impumelelo yeG20 ikhombisa okungenziwa yiNingizimu Afrika osekuqinisa isisekelo, kuloba uBusi Mavuso 

ININGIZIMU Afrika kufanele iziqhenye ngendlela eyenze ngayo imihlangano yeG20. Imicimbi yangesonto elidlule efaka nengqungquthela yeB20 kwase kulandela iG20 Leaders Forum ikhombise umhlaba ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma ezokuthutha zisebenza kahle, ingqalasizinda esezingeni nokubaluleke kakhulu – indlela esengamela ngayo ezepolitiki nayo yonke imicikilisho ehambisana nokusebenzisana namanye amazwe. 

Yinkulu inselelo yamazwe asathuthuka ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE ase-Afrika abhekene nenkinga enkulu yokuthi wubani ozokhokhela izindleko zokulungiselela ukubhekana noshintsho kwisimo sezulu. Lolu shintsho luhambisana nokwanda kwezikhukhula kwezinye izindawo, kuthi kwezinye isomiso.

Amehlo omhlaba azobe ethe njo kwiNingizimu Afrika njengoba ukukleliswa kabusha kuqinisekisa izinguquko ezenzekayo, kuloba uBusi Mavuso 

YISONTO elikhulu leli eNingizimu Afrika, njengoba kubuthene abaholi abahlukene bakwamanye amazwe amakhulu emhlabeni emihlanganweni yeG20 futhi osomabhizinisi bazohlangana engqungqutheleni iB20. 

ISabelomali kufanele siqinisekise inqubekelaphambili kodwa kusaxega kwingqalasizinda, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALI esithulwa phakathi nonyaka wezimali i-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS), esizothulwa namhlanje, ingelinye ithuba lokuthi uhulumeni utshengise ukuthi ungakanani umsebenzi osuwenziwe ukuphucula indlela okuphathwa ngayo imali ezweni.

Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso 

UKUTHULWA kombiko wekota yesibili nge-Operation Vulindlela ngesonto elidlule kuyisikhumbuzo somsebenzi obalulekile ewenzayo kodwa futhi nokuthi usengakanani umsebenzi okufanele wenziwe.

Ukuphuma kwi-grey list kunezifundo esingazisebenzisa kwezinye izinguquko, kuloba uBusi Mavuso 

KUFANELE sijatshulelwe isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi iNingizimu Afrika isiphumile ohlwini okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force (iFATF). 

Yinto engathi shu uhlelo olusha oluhlongozwa ngomasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane 

AKUKHO mehluko otheni ozokwenziwa wuhlelo olusha lomNyango weziMali lokuzama ukufukula ukusebenza komasipala emadolobheni amakhulu ayisishiyagalombili aseNingizimu Afrika. 

Ukuphela kwe-Agoa yithuba lokuqala kabusha eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso 

UKUPHELA kwesivumelwano sokuhwebelana ebesivuna amazwe athile e-Afrika uma ehweba neMelika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa) ekupheleni kwenyanga edlule kuyizinkomba zokushintsha kwezinto phakathi kobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika.

Sidinga izinto ezizosisiza ngisho singasabhekene nenselelo yentela ebanjwa ezimpahleni, kuloba uBusi Mavuso

UMNOTHO womhlaba uyasimama uma izinto zicace kahle. Uma kungasenzeki amabhizinisi kufanele ashintshe indlela enza ngayo noma kuphele ngawo. 

Usizo lokuthi uhulumeni ubaxhasa kangakanani abampofu lukalwa yisimo sepolitiki nesomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

ZIBALULEKILE izikali zamazinga enhlupheko ezweni. Zibayizikali zenqubekelaphambili yezwe; ukuthi liyasimama noma cha. Futhi ziwusizo olukhulu kuhulumeni ekusunguleni izinhlelo zokuxhasa abantu abahluphekayo.

Ziyethembisa izingxoxo ngezohwebo neMelika kodwa asikwazi ukulinda izixazululo zangaphandle, kuloba uBusi Mavuso 

IMIZAMO yokulungisa ubudlelwano bethu bokuhwebelana neMelika iqinile njengoba ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau evakashele khona ngesonto elidlule futhi kunamalungiselelo okuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa aye khona kuleli sonto. 

Imboni yokugembula eNingizimu Afrika ikhula ngesivinini, nokho kuletha usizi kweminye imindeni, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUKHULA kwemboni yokugembula kukhomba ukwanda kobunzima obuthwelwe ngabantu baseNingizimu Afrika njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe. 

Isimo sezulu ngenye yezingozi ezinkulu emnothweni waseNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu okuhambisana nokwanda kwezikhukhula noma isomiso kuzokwenza amabhange aseNingizimu Afrika angabimagange ukubolekela izinkampani ezithathwa ngokuthi ukusebenza kwazo kusengcupheni ngenxa yalezi zinguquko.

Ukudlanga kobugebengu kunqinda ukukhula komnotho eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMINININGWANE ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto ngesimo sezokuphepha ezweni ikhomba ukuthi siyanda isibalo sabantu abazizwa bengaphephile ezindaweni abahlala kuzo, ikakhulu uma sekuhlwile.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page