INingizimu Afrika iya kwiWEF ishayela phezulu

ITHIMBA elizomela iNingizimu Afrika kwiWorld Economic Forum (iWEF) lithi kuningi okuhle elizokwazi ukukhangisa izwe ngakho kubatshalimali eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo. Nokho livumile ukuthi ziseningi izinselelo ezidinga ukulungiswa ezweni.

Ayisukunyelwe eyefemu yokusansimbi – ungqongqoshe 

SEKUNXUSWE uNgqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ukuthi aphinde axoxisane ne-Arcelor Mittal South Africa ukugwema ukuvalwa kwamafemu ayo amabili ezweni, nokuzosho ukuthi abantu abawu-3 500 bazophelelwa ngumsebenzi.

Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso

UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”

Umgomo wokuhweba kufanele ugxile ekuphuculeni indlela esincintisana ngayo namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso 

KUNGABE yimiphi imigomo yezimboni uhulumeni wobumbano ozoyiqhakambisa? Ngimangazwe wucwaningo lweBhange loMhlaba obelubheka indlela iNingizimu Afrika eqhuba ngayo ekuhwebeni namazwe aphesheya oluveze ukuthi isalele emuva ekukhuliseni umnotho.

‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iwahalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu.

‘URamaphosa akafathuzanga ngongqongqoshe beminyango yomnotho’

YINTO enhle ukubuyiswa kongqongqoshe abaningi abebephethe iminyango ethinta umnotho namabhizinisi ngoba loku kuzokwenza umnotho weNingizimu Afrika uzinze futhi okunye okukhuthazayo wukuthi ngabantu abawaziyo umsebenzi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page