Month: April 2026
Umasipala usukumela ubuhixihixi bokukhokhela somabhizinisi
EMVA kokwanda kwamahlebezi okuthi osomabhizinisi abasebenzisana noMasipala waseThekwini ukulungisa ingqalasizinda yamanzi bazovalela izakhamuzi zalo masipala amanzi ngoba bengakhokhelwe, imeya uMnu uCyril Xaba ibize isithangami sabezindaba ukucacisa ngokukhokhelwa kwabo. Lesi sithangami besiseCity Hall, enkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.
I-Eskom nezisebenzi bagcine bevumelene ngokunyusa amaholo ngo-7%
WUBONISWA MOHALE KUQHILIKA izihlathi kwizisebenzi zase-Eskom ngemva kokuthi izinyunyana zazo zivumelene nomqashi ukunyusa amaholo ngo-7% yize amandla emali ewu-3%. Izinyunyana zezisebenzi zase-Eskom eziwu-75% iNational Union of Mineworkers (iNUM) neSolidarity zisayine … Read More
Okwenzeka eChina kuzobanomphumela omkhulu eNingizimu Afrika
NGOLWESINE iChina izoshicilela imiphumela yomnotho wayo yekota yokuqala yonyaka. Le miphumela ibalulekile njengoba iChina izibekele umgomo wokukhulisa umnotho ngo- 4.5% kuya ngo-5%. Imiphumela yokukhula komnotho yekota yokuqala ibalulekile ngoba yiyona ezokhombisa ukuthi ngabe izokwazi yini ukufinyelela kulowo mgomo.


























































