Ulincele emndenini ibhizinisi ungoti wezokuxhumana
WUSLINDILE KHANYILE
WAZITHENGELA iselula yakhe yokuqala esemncane ngoba wayenemali eyanele, kwazise wayevamile ukubamba amatoho emabhizinisini ezihlobo. Enye indlela ayenza ngayo imali wukuncintisana nabafowabo ngokuhlanza indlu yakubo ngoba abazali babo babebaholela ngalo msebenzi.
Yilezi zinto zombili ezatshala umqondo wokuzisebenza kuNksz uLondiwe Mbhele, oneminyaka eyisithupha avula iNudge Unltd, inkampani yezokuxhumana, yaseGoli, eGauteng. Uthi nokukhula ebona abantu abasebenzayo emndenini wakhe kwasheshe kwamfundisa ukuthi umuntu kufanele asebenze kubekhona into ayenzayo.
“Yingakho ngathatha nesinqumo sokuthi ngeke ngifunde ngokugcwele uma sengifundela umsebenzi ngoba ngangibona ukuthi ngingasebenza. Ngaya e-Unisa ngoba ngathi uma ngibuka indlela okufundwa ngayo (kwezinye izikhungo) ngabona ukuthi ngeke ingilungele. Ngenza i-Communications e-Unisa ngibe ngisebenza,” kukhumbula yena.
Ngalesi sikhathi wayesahlala eThekwini, KwaZulu-Natali, lapho akhulela khona nakuba azalwa eMnambithi. Uthi isinqumo sokuthuthela eGauteng yisona esashintsha izinto empilweni yakhe.
“Ngiwumuntu owayethanda amaphephabhuku nemfashini. Kwakuyisikhathi lesi soKhanyi Dhlomo futhi ngangibuka izinhlelo zemfashini nakwithelevishini, ngizibone nami sekuyimina owenza lo msebenzi,” kusho yena.
Emva kokusebenzela i-consultancy uma efika eGauteng, washintsha umsebenzi wasebenzela iziko elishicilela izindaba zobuchwepheshe i-ITWeb, eyayineziko lemfashini i-I-fashion agcina esewumhleli wayo. Izinto eziningi ngokuxhumana ngobuchwepheshe azifunda kulo msebenzi uyazisebenzisa namhlanje ukujabulisa amakhasimende eNudge Unltd.
“Ngesikhathi ngisasebenza ngase ngivele ngiqalile ukuzisebenza kancane kancane. Kuthe uma kushintsha izinto, amaphephabhuku ewa, nathi sathinteka kodwa ngase ngivele ngazi ukuthi yini engikwazi ukuyenza kahle. Nasekukholweni kuye kuthiwe uphetheni esandleni, loko okuphethe esandleni yikona okufanele ukusebenzise, kukungenisele imali.
“Sisebenzisa ezokuxhumana ukulekelela amakhasimende adlulise umyalezo wawo noma akhangise ngokushesha. Sisebenzisa ubuciko futhi senza kubenemiphumela ebonakalayo. Seloku kwathi nhlo ngiyiciko futhi mhlawumbe ukube ngangikhule ngesikhathi izikole zobuciko seziyinto ejwayelekile, ngangiyofunda khona,” kusho uNksz uMbhele.
Uthi basebenza namakhasimende kuzo zonke izimboni futhi bayawalekelela nasuke enezinkinga edinga ukubhula umlilo nokuvuselela isithunzi sawo.
Isibalo sabantu asebenzisana nabo siyahluka kuye nokuthi yimuphi umsebenzi abasuke bewenza ngaleso sikhathi. Uthi enye yezinto ezimsizile ukukhulisa inkampani yakhe wukubambisana nezinkampani ezinkulu ezenza umsebenzi awenzayo, ezimnika ingxenye ethile yomsebenzi ezisuke ziwutholile, kungabe kuhulumeni noma enkampanini enkulu.
“Ukubanobudlelwano obuhle nabantu yinto ebalulekile kakhulu futhi yiyona ndlela nami engaqala ngayo ngesikhathi ngisazisebenza eceleni, ngisaqashiwe. Kwake kwakhona umhlobo wami owayefuna ukufakelwa izingqwembe. Ngangingakwazi okunye okwakudingeka ukuthi kwenziwa kanjani, kodwa ngacwaninga ngase ngiyawenza umsebenzi futhi wayithakasela indlela engenza ngayo.
“Ngiyabakhuthaza osomabhizinisi abancane ukuthi bangakunqeni ukubambisana nezinkampani ezinkulu ngoba kukhona eminye imisebenzi ongeke uyithole uma uyizama uwuwena uwedwa. Kulula futhi ukuthi uma umsebenzi umkhulu, sicazelene wona, umuntu nomuntu enze akwazi ukukwenza kangcono. Okumqoka kukona konke loku wukuba nobudlelwano obuhle nabantu. Balandelele abantu, awuzehlisi isithunzi uma wenza njalo,” kugcizelela yena.
Yize esebenzisana kahle nabanye abantu kodwa uNksz uMbhele uthi yikho kanye futhi loko okubuye kumlethele izinselelo ezinkulu ebhizinisini njengoba ethi kwesinye isikhathi uqondana nabantu abasuke befuna ukumenzela phansi.
“Uthi usabathe ubone ukuthi lo muntu ufuna ukuqeda ngawe, ufuna nje uphelelwe yisinkwa. Isikhathi esiningi umuntu usizwa yigama asezakhele lona ngoba imvamisa abantu baye babone ukuthi akukwazi ukuthi singenza leyo nto esisolwa ngayo ngoba basuke bewazi umsebenzi wethu. Ngesikhathi ngiqala ukuqondana naleyo nto, ngathuka kakhulu ngoba ngangingayilindele,” kusho uNksz uMbhele.
Uthe angathanda ukuthi kubenenkampani ezovala igebe phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni ukuze kulungiswe izinto ezihlupha osomabhizinisi njengobugebengu namabhange athe aqinisa isandla kubantu.
Nakuba iNudge Unltd kuyiyo aqala ngayo futhi egxile kuyona, kodwa usezinhlelweni zokunabela kwezinye izimboni. Usanda kusungula inkampani eqoqa udoti, yize ingakaqali ukusebenza ngokugcwele.
Uzimisele futhi ukubuyela ebhizinisini ayenalo kudala, ibhizinisi lemfashini nokuhlobisa izakhiwo.
- Facebook: Nudge Unltd