Isimo esibi semigwaqo siseyinselelo emabhizinisini amancane naphakathi nendawo eLimpopo njengoba kusondela ukhetho. Isithombe: wuGoogle

Osomabhizinisi abancane bafuna izinsiza ezisebenzayo ngaphambi kokhetho

WU-AFHULUFHEDZWAHO OLGA MULAUDZI

NJENGOBA kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangoNovemba 4, osomabhizinisi baseLimpopo bathi bafuna omasipala abaletha izinsiza ngendlela efanele nabadala indawo evumela amabhizinisi ukuthi akhule, kunokwethembisa izinto eziningi ngesikhathi semikhankaso yokhetho.

Omasipala banomsebenzi wokuletha izinsiza ezibalulekile ezidingwa amabhizinisi nsuku zonke, njengemigwaqo, amanzi, ukuqoqa udoti, izinhlelo zokuthuthukisa umnotho wendawo nokuseka osomabhizinisi.

Uma lezi zinsiza zingasebenzi ngendlela efanele, osomabhizinisi bagcina sebebhekene nezindleko eziphezulu, ukuphazamiseka komsebenzi nokuncipha kwamathuba okukhulisa amabhizinisi abo. Ukusebenza kukamasipala akuyona nje into yokuphatha kukahulumeni kodwa kuthinta impilo yebhizinisi yansuku zonke.

NgokomNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane, ngo-2023 iNingizimu Afrika ibinamabhizinisi amancane, naphakathi nendawo angabawu-2.69 million , aseka cishe ngemisebenzi ewu-11.9 million. Loku kukhombisa ukubaluleka kwalo mkhakha ekukhuliseni umnotho nasekuqinisekiseni amathuba omsebenzi.

Unobhala weMakhado Business Forum uMnu u-Abby Lehola uthi enye yezinselelo ezinkulu amabhizinisi amancane naphakathi nendawo abhekene nazo wukungatholi ukusekwa okwanele, ikakhulu emnyangweni obheke ukuthuthukisa umnotho wendawo, i-Local Economic Development (iLED).

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/05/osomabhizinisi-abasebenzela-emakhaya-bafisa-omasipala-babaxhase-kangcono/

“Inselelo enkulu ebhekene namabhizinisi amancane naphakathi nendawo wukungasekwa, ikakhulu emnyangweni weLED. Kuyashoda ukwaziswa ngamathuba akhona futhi amabhizinisi awawatholi ngokulinganayo amathuba ebhizinisi,” kusho yena.

ULehola uthe ukungatholakali kwezinsiza ngendlela efanele, okwenza abatshalizimali badikibale futhi kuqede ithemba ngomnotho wendawo.

“Uma udoti ungaqoqwa ngesikhathi, nezinkinga zokuthutha indle zihlale isikhathi eside zingalungiswa kodwa bese zilungiswa ngesikhathi sokhetho kuphela, kwenzekani uma ukhetho seluphelile? Ngabe kuzomele silinde olunye ukhetho ukuze zilungiswe?” kubuza yena.

Uthe omasipala kufanele bagxile ekuthuthukiseni amabhizinisi asemalokishini nasemakhaya, baqinisekise ukuthi osomabhizinisi bendawo bathola amathuba, ulwazi nosizo lokukhulisa amabhizinisi abo.

“Akufanele nithathe izinqumo ezisithintayo ngaphandle kokusifaka,” kusho yena. Unxuse ukuthi kusungulwe isigcawu samabhizinisi amancane naphakathi nendawo lapho osomabhizinisi nomasipala bezohlangana khona baxazulule izinkinga ezibhekene namabhizinisi.

Umshayeli wetekisi waseDzwerani uMnu uLutendo Mandinda uthi: “Uma imigwaqo inemigodi, sisebenzisa imali eningi ekulungiseni izimoto nasekuthengeni uphethroli. Kubanzima kubakhiqizi ukufika kithina, nasemakhasimendeni kubanzima ukufinyelela kwizinsiza. Imigwaqo engcono ingasiza abashayeli bezokuthutha, amabhizinisi nomphakathi wonke.”

UMandinda uthe isimo esibi semigwaqo ngenye yezinkinga ezinkulu ezithinta ibhizinisi lakhe. Uthe imigwaqo esigodini sakubo sekunesikhathi eside lingekho itiyela futhi igcwele imigodi kanti izikhukhula ekuqaleni kwalo nyaka zenze isimo sabasibi kakhulu.

Uthe ukulungisa imigwaqo kunganciphisa izindleko zamabhizinisi futhi kwenze kubelula kubantu abaletha izimpahla nakumakhasimende ukufika kule ndawo.

Umnikazi weMashau Supermaket uMnu Nephalama Thendo uthe ubhalisele ukuvota ngoba unethemba lokuthi omasipala bazozilalela kangcono izidingo zamabhizinisi amancane naphakathi nendawo.

“Ngibhalisele ukuvota ngoba nginethemba loshintsho. Amabhizinisi amancane naphakathi nendawo adinga omasipala abalalelayo nabenza indawo evumela amabhizinisi ethu ukuthi akhule,” kusho yena.

Uthe imithetho nezinqubo eziningi amabhizinisi okufanele ahambisane nazo kwenza kubenzima ukuthi asimame.

“Uma amabhizinisi amancane ethatha isikhathi esiningi egcwalisa amaphepha kunokugxila ekukhuliseni amabhizinisi awo, umsebenzi wawo uyaphazamiseka.”

UThendo ucele omasipala ukuthi benze lula izinqubo zamabhizinisi, baphucule ukuxhumana futhi baqinisekise ukuthi amabhizinisi amancane naphakathi nendawo athole amathuba okuhweba nezinhlelo zokusekwa ngokulinganayo.

Ephendula ngezikhalo zosomabhizinisi, undunankulu waseLimpopo, uDkt uPhophi Ramathuba, uthe ukulungisa imigwaqo, ukuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi, ukudala amathuba emisebenzi nokuletha usizo komasipala kuseyizinto ezibalulekile kuhulumeni wesifundazwe. “Abantu baseLimpopo bafuna amanzi, imigwaqo nemisebenzi kuphela,” kusho yena.

Uvumile ukuthi isifundazwe sisasele emuva ngengqalasizinda, ikakhulu ngemva kwezikhukhula ezisanda kubakhona. Uthe sekukhethwe imisebenzi yemigwaqo ewu-21, kanti eminye ewu-17 kulindeleke ukuthi aqale kulo nyaka wezimali.

Umkhulumeli weLimpopo Economic Development Agency (iLEDA) uMnu uLeo Gama uthe omasipala baneqhaza elibalulekile ekwakheni indawo eyenza amabhizinisi amancane naphakathi nendawo asimame.

Uthe iLEDA iyaqhubeka nokusebenzisana nomasipala ngezinhlelo zezinda zomnotho ezikhethekile ama-special economic zone ukuheha abatshalizimali nokuvulela amabhizinisi endawo amathuba, yize kunezinselelo zengqalasizinda nokushoda kwezimali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page