Akubanjiswane ukwandisa intsha kwezokuvakasha: Africa’s Travel Indaba
WUSIMANGALISO NTSHANGASE, UTHOBILE ZWANE NONOMONDE ZONDI
KUFANELE amazwe ase-Afrika abambisane ukugqugquzela intsha yaleli zwekazi ukuvakashela amanye amazwe.
Zisho kanje izikhulumi ebezibhunga ngendlela intsha ebuka ngayo ezokuvakasha ngosuku lokuqala lwe-Africa’s Travel Indaba izolo. Le ngqungquthela ngeyezinsuku ezintathu.
Lo mbukiso wezokuvakasha uvulwe ngokusemthethweni wuNgqongqoshe wezokuVakasha uNkk uPatricia De Lille e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.
Isikhulu sokukhangisa eSouth Africa Tourism uNkk uThembisile Sehloho sithe ukungazi ngezinhlelo ezikhona ngesinye sezizathu ezinkulu ezenza intsha ingavakashi.
“Okunye, abanye abantu babona ukuvakasha kuyinto yomntakabani. Kufanele sikhangise izindawo zethu ngokubambisana njengokuthi sibenezinhlelo zokushintshana lapho mhlawumbe intsha yaseGhana iza eNingizimu Afrika bese kuthi eyethu ivakashele khona,” kusho yena.
Isikhulu esiphezulu sokukhangisa eSouth African Tourism uNkk uThembisile Sehloho uthi ukuvasha akuyona eyomntakabani
Kulo nyaka indikimba yombukiso ithi “Unlimited Africa”, okusho ukuthi izwekazi linamathuba angenamkhawulo. UNkk uDe Lille uthe le ngqikithi iyichaza kahle i-Afrika enezindawo, amasiko nezinto ezihlukene ongazenza namathuba okusimama.
“I-Africa’s Travel Indaba igcizelela ukubaluleka kokwazana, ukubambisana nokuba nobudlelwano namanye amazwe. Ingesinye sezigcawu okufanele siqhubeke nokuzisebenzisa ukugqugquzela ubuhle bezokuvakasha e-Afrika,” kusho uNkk uDe Lille.
Kulo mbukiso, abantu bakwamanye amazwe bathola ithuba lokuxoxisana ngqo nabakhangisi nokubheka amathuba amasha amabhizinisi abo. Bawu-1 261 abakhangisi abakhona basemazweni awu-25 e-Afrika kanti abangosomabhizinisi bangaphezu kuka-1 000 kanti bavela emazweni wu-55. Emazweni ase-Afrika kukhona amabili amasha, iGuinea ne-Eritrea.
Yize i-Afrika igcwele intsha kodwa ucwaningo olwenziwe yiStatistics South Africa luveze ukuthi kwintsha eyishumi, eyisithupha ayikaze ivakashele ezinye izindawo ezwekazi.
Umbiko owashicilelwa yiBhange loMhlaba ngonyaka odlule wathi: “Namhlanje, i-Afrika yilona kuphela izwekazi lapho u-70% wabantu bengaphansi kweminyaka ewu-30. Ngo-2035, bangaphezu kuka-400 million abantu abancane abazobe sebelungele ukusebenza.”
Umkhangisi one-podcast futhi ovakashayo uNks uNompumelelo Vundla uthe akwanele okwenziwayo ukutshengisa abantu ukuthi bangazivakashela kanjani izindawo.
“Sesifikile isikhathi sokuthi sikhulume ngezindaba eziqhakambisa ubuhle bezwekazi lethu futhi siyeke ukuqhakambisa amazwe angaphandle kwase-Afrika. Izwekazi lethu lidinga ukuvakashelwa futhi laziwe yithina ngaphezu kwabanye abantu,” kusho yena.
Usomabhizinisi onebhizinisi lobuchwepheshe, i-Asante Solutions, uMnu uMuhle Ndwalane ugcizelele ukubaluleka kokubambisana kwamazwe ase-Afrika. Uthe ukuvakasha akusiko okokuzijabulisa kuphela kodwa uma abantu bevakasha kufanele baxhumane nabanye abantu futhi bakhe ubudlelwano obuzobasiza ngomuso.
“Asenzeni ucwaningo futhi sihlaziye ukuze sithole ukuthi yini eyenziwa ngamazwe angaphandle kwe-Afrika ukuheha izivakashi eziningi bese sikusebenzisa. Ngesikhathi intsha ivakashela amanye amazwe kufanele yakhe ubudlelwano nabanye abantu ukuze izobona isidingo sokuqhubeka nokuvakasha,” kusho yena.
UNkk uDe Lille uqhakambise osekuzuziwe kusukela nge-Indaba yangonyaka odlule, okubalwa ukuthi iKhabhinethi iphasise umhlahlandlela wemboni i-Tourism Sector Master Plan necebo lokuvuselela imboni kusukela kwaphela i-COVID-19.
“Siphinde sethula isikhwama esingu-R1.2 billion, iTourism Equity Fund ukweseka ukukhula kosomabhizinisi abasafufusa kwezokuvakasha,” kusho yena.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube uthe lo mbukiso wenzeka ngesikhathi isifundazwe silungiselela ukuhlomula ekuvuselelweni kwemboni yezokuvakasha.
“Sihlangana ngesikhathi imboni yezokuvakasha eke yacekelwa phansi yiCOVID-19 isivuselelekile njengoba ekupheleni kuka-2023 ibisiku-90% walapho eyayikhona ngaphambi kobhubhane. Loku kufakazelwa nayiWorld Tourism Organisation elinganise ukuthi bawu-1.2 billion abantu abavakashile emhlabeni ngo-2023, okunyuke ngo-34% uma kuqhathaniswa nango-2022 noma ngabantu abawu-325 million,” kusho uNkk uDube-Ncube.
Ulinganise ukuthi i-Africa’s Travel Indaba ingenise uR3bn emnothweni wesifundazwe phakathi kwango-2004 nango-2022.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/11/kuhlomule-amabhizinisi-amakhulu-namancane-embukisweni-wezokuvakasha-intatheli-yombele-iyabika/