IKhomishini yoKhetho ithule uhlelo lokubhalisela ukuvota lweWhatsapp
WUBONISWA MOHALE
IZAKHAMUZI zaseNingizimu Afrika ezisadinga ukubhalisela ukuvota zizobhalisa ngezindlela ezihlukene njengoba inhlangano engamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) isithule uhlelo lokubhalisela ukuvota lweWhatsapp.
Izolo isikhulu esiphezulu se-IEC uMnu uSy Mamabolo simemezele ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezifuna ukubhalisela ukuvota nokulungisa imininingwane yazo zizokwazi ukwenza loku kuWhatsapp.
“Sifuna ukusondeza izinsiza kubantu ngokusebenzisa inkundla yokuxhumana esetshenziswa yizigidi zabantu baseNingizimu Afrika iWhatsapp. Abantu bazokwazi ukubhalisa nokulungisa imininingwane yabo kusukela manje kuze kubewumhlaka-7 wango-Agasti,” kusho yena.
Uthe kuphephile ukusebenzisa le nkundla ngoba benza isiqiniseko sokuthi bavikela imininingwane yabantu ngokusebenzisa i-one time pin authentication.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/03/usuku-lokuvota-luzokwaziwa-maduze-ungqongqoshe/
Abafuna ukubhalisela ukuvota nokuqinisekisa imininingwane yabo bangathumela u-Hi enambeni kaWhatsapp ethi 0600 88 0000, bese belandela imiyalelo.
UMamabolo uthe bazoqinisekisa ukuthi nezinkundla zabo zokuthola izinsiza ze-IEC ngisho ungena-data ziyasebenza njengoba zike zanobuhixihixi. Uthe bangaphezu kwango-29 million abantu abasohlwini lokuvota okhethweni oluzoba ngomhlaka-4 wangoNovemba.
Ugqugquzele abantu ukuthi babhalise manje ngoba kuzovala ukubhalisela ukuvota uma ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosini Hlabisa eseshicilele usuku lokuvota.
Mayelana nezinhlelo zokubhalisela ukuvota ebezingempelasonto, uMamabolo uthe iKwaZulu-Natali izihola phambili ngentsha ebhalisile njengoba iwu-137 046, kulandele eyaseMpumalanga Kapa ewu-78 405 bese kuza eyaseGauteng ewu-78 405.
Uthe abanye abantu basathanda ukuyobheka imininingwane yabo eziteshini zokuvota eziseduze nabo, nakuba bekwazi ukubhalisa online. Bawu-1 555 318 abantu abaye eziteshini zokuvota eziseduze nabo kanti bawu-238 733 abangene online.
Abantu abangene online kakhulu ngabaseGauteng abawu-86 492, kulandele abaseKZN abawu-41 334, kwathi eNtshonalanga Kapa bawu-33 783. Uthe isibalo sabavoti sinyuke ngabawu-2.1m kusukela ngo-2024, nakuba sekushone abawu-884 000.
UMamabolo uphethe ngokuthi uma sekushicilelwe usuku lokuvota bazoshicilela izinsuku ezibalulekile ezihambisana nokhetho, okukhona olokushicilela amagama abaqokiwe, ukuqinisekisa uhlu lwabavoti nokushicilela zonke izinhlelo zangosuku lokuvota.


