‘Yihlelele ingakafiki imali’
Kuleli sonto ku-SAZIWAYO NEMALI sixoxa noZodumo Shange, umlingisikazi wemidlalo yethelevishini. Usezakhele igama ngokulingisa emidlalweni esingabala kuyo Umkhokha no-Sibongile and the Dlaminis
DARRAN MABUZA
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangiphiwa leyo ncane ukuthi ngikwazi ukuyiphatha esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Unyaka angisawukhumbuli kodwa ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Kumele uyisebenzele ukuze ubenayo, ayizi kalula.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngo-2008, ngamukela abantu, ngihola uR800.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ukudla kwasekhaya ngayo yonke ngangashiya ngisho isenti ngoba ngangijatshuliswa wukuthi nami sengiyakwazi ukusiza ekhaya.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngashintsha isimo sokuphila sasekhaya nami ngikwazi ukuziqhenya ngekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Nginesandla esiphayo, loko kwenza ukuthi ngisebenzise imali ngokweqile ngithi ngiyasiza.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyini?
Ngake ngafisa ukulidlala kodwa ngaba nenhlanhla sengithi ngiyalidlala, lavele landiza ngasinda.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Kubalulekile ukuthi wenze uhlelo lokusebenzisa imali ngisho ingakafiki esandleni sakho, ungathi uma isifikile uyisebenzise ngokumosa nokunganaki.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingavula ibhizinisi elizongingenisela enye imali ngoba esikhathini esiphila kuso kubalulekile uthi ubenezinye izindlela zokwenza imali.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kubalulekile ukubeka imali ngoba sithola imisebenzi yesikhashana futhi kuyenzeka ukuthi uphele lowo msebenzi ungenawo omunye. Ngokubeka imali uzokwazi ukuphila uze uthole omunye.