Intsha yaseKZN izoxhaswa ngoR100 million
WUTHOBILE ZWANE
INTSHA enamabhizinisi yaKwaZulu-Natali izohlomula esikhwameni sikaR100 million sokuxhasa amabhizinisi ayo.
Lesi sibopho senziwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu uThamsanqa Ntuli engqungqutheleni yezinsuku ezimbili iYouth in Business Summit, eqale eDurban Exhibition Centre eThekwini, eKZN, izolo. Inhloso yale ngqungquthela wukunika intsha ithuba lokuxoxisana ngqo nohulumeni.
Uthe intsha kufanele yazise uhulumeni ukuthi ikusasa ilibona kanjani ukuze ixhaswe ngendlela efanele.
“Siwuhulumeni neziphathimandla sikhona ukuzokwenza loku kube yimpumelelo,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi intsha yaseKZN inamandla okudala amathuba emisebenzi, nokungakho kufanele ihlangane nohulumeni ibonisane nawo ngekudingayo.
“(Isikhwama) sesikhule sisuka kuR60m kuya kuR100m. Futhi intsha isazohlomula kuloR100m wango-2023 kuya ku-2025,” kusho uNtuli.
Le ngqungquthela inike intsha ithuba lokuxoxa nabaphathi bemikhakha ehlukene nezinhlaka zikahulumeni ngezindlela eziningi ezingasetshenziswa ukuthuthukisa isifundazwe.
Iwu-1 000 intsha yakuzo zonke izifunda zesifundazwe. Bekungekho nesisodwa isihlalo ebesingenamuntu kule ngqungquthela.
Intsha iphume ngobuningi kwiYouth in Business Summit eThekwini izolo
Omunye wabaziqhenya ngokuhlomula kuhulumeni wuNkk uLindiwe Mdlalose, omunye wabasunguli beBlack Waters Solutions, efaka amapitsi neminye imisebenzi yokuhlinzeka ngamanzi kuhulumeni nasembonini ezimele.
“Okuhle kakhulu leyo mali uhulumeni uyayibona ukuthi iya kuphi. Sinayo yonke iminyango engasho ukuthi sisebenzile nayo ukuthi amanzi ethu ayasebenza. Ngiyafisa nabanye abafisa ukukhulisa amabhizinisi ukuthi basebenzise leli thuba babhalisele ukuxhaswa,” kusho yena.
Omunye okhulume kule ngqungquthela yiphini leMeya, uNks uZandile Myeni, ovumelane nondunankulu ngokuthi uhulumeni uneqhaza elikhulu ekukhuliseni amabhizinisi.
“Kuyiqiniso ukuthi uhulumeni uphethe ingxenye enkulu yemali ekuthengeni nasekuthengiseni futhi sikholelwa ekutheni singakusebenzisa loko njengethuluzi lokugqugquzela intsha ukuthi ibeyingxenye yezamabhizinisi. Uma sinika abantu abasha abasemabhizinisini ngamathuba siqinisekisa ukukhulisa umnontho,” kusho yena.
Uhulumeni uphinde waveza amathuba emisebenzi nokuxhasa imicimbi engase ibekhona eminyangweni kahulumeni wesifundazwe.
UNtuli ekhuluma kwiYouth in Business Summit
UNtuli ukhulume nangezinselelo intsha yaleli zwe ebhekene nazo, okuwukungasebenzi, izidakamizwa nokucwila otshaleni. Uthe kufanele lezi zihlava zisukunyelwe.
Ekhuluma ngezemfundo, uthe kusenezingqinamba ngamakhono kodwa okungasiza wukufaka izifundo zomnotho ezikoleni ukuze intsha ibenamakhono adingekayo ukuphatha amabhizinisi.
“Okunye wukuqhakambisa ezokuxhumana. Kungagqugquzela intsha esemabhizinisini ukuze incintisane namanye amazwe omhlaba kwezohwebo,” kusho undunankulu.
Undunankulu ubalule intsha engasebenzi, ingqalasizinda nokuxhasa intsha ewosomabhizinisi abasafufusa njengezinye yezinto ezisemqoka ezinhlelweni zalesi siShayamthetho sesikhombisa.
“Babalelwa ku-1 000 abantu abasha abamele intsha ezikhungweni ezihlonziwe esifundazweni nobuholi besifundazwe nobuholi bomkhandlu, izinhlaka zosomabhizinisi, abaxhasi nosomabhizinisi abazimele,” kwengeza uNtuli.
Kulo mcimbi uhulumeni uveze amathuba okuqasha nokuxhasa ngaphakathi eminyangweni yonke yesifundazwe namathuba ehlukene.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/20/sizovuselela-umnotho-ofaka-uwonkewonke-uramaphosa/