Seluzoba ndawonye usizo lwamabhizinisi amancane kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZIZOHLANGANISWA izinhlaka zikahulumeni ezeseka amabhizinisi asafufusa. Lesi ngesinye sezinguquko esimenyezelwe kwiSabelomali esibheka iminyaka emithathu i-Medium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) yango-2023.

Uhulumeni uzoluma aphephethe ngeSabelomali kule minyaka emithathu ezayo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzonyusa isikweletu futhi kunezinhlelo azonciphisa kuzona ukubhekela izindleko zokukhuphula imiholo yezisebenzi nokwelula isibonelelo esisiza abantu abangasebenzi esethulwa ngesikhathi seCOVID-19 onyakeni wezimali wango-2023/24.

ISabelomali esijwayele ‘ukungashaywa ndiva’ singahle sithinte amanani okudla, uR350 nenkohlakalo kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

YIZE iSabelomali esizokwethulwa ngesonto elizayo singavamile ukuba nezimemezelo ezinqala kodwa abanye abahlaziyi bomnotho bathi sibhekwe ngabomvu ngenxa yesimo somnotho nezinkulumo ezihlongoza ukuthi uhulumeni uzonciphisa ezindaweni eziningi ukuzama ukubhalansisa izinto.

UGodongwana uxwayisa ngomphumela wemiholo yezisebenzi zikahulumeni emnothweni wezwe. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page