Akusekho ukudideka ngenkampani ezimele ezosabalalisa ugesi, kuloba uBusi Mavuso
NGOLWESIHLANU umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wamukele futhi uvumelane nombiko wokuqala wethimba eliphathiswe umsebenzi wokuhlela kabusha inkampani ephehla ugesi, i-Eskom Restructuring Task Team.
Wumbiko lona ocacise kahle umbono wenkampani ezimele ezosabalalisa ugesi i-independent transmission system operator (i-ITSO). Ngikuthakasela kakhulu loku.
I-Business Leadership South Africa kade isho futhi kuze kwafika lapho iqophisana khona ne-Eskom uqobo njengoba siloku sigcizelela ukuthi ukubakhona kwenkampani ezimele esabalalisa ugesi yiyona kuphela indlela yokubanemboni kagesi encintisana kahle.
Inkampani ezothatha bonke abantu abaphehla ugesi ngendlela efanayo, kwehle amanani ngokuhamba kwesikhathi futhi kunike abatshalimali isiqiniseko abasidingayo ukufaka imali. Umengameli useqede konke ukudideka ngalo mgomo futhi ngeke kusaloku kuphikiswana.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/29/asikwazi-ukudembesela-ngezinguquko-ezinqala-kuloba-ubusi-mavuso/
I-ITSO iyisisekelo semboni kagesi encintisanayo. Ngaphandle kwayo, i-Eskom izolawula ukuphehla ugesi nengqalasizinda nokufana nokuthi inkampani eyodwa yamabhanoyi ilawule izikhumulo zamabhanoyi. Abaphehli bakagesi abazimele ngeke bakwazi ukuncintisana ngaphansi kwemibandela efanele, ukutshala imali entsha kuzonqindeka kanti nesithembiso samanani kagesi aphansi sizogcina ngokubayiphupho.
NgoLwesihlanu umengameli ugcizelele ukuthi ukuguqula imboni kagesi kufanele kwakhe isisekelo sokukhulisa umnotho weNingizimu Afrika. Ngiyavumelana naye. Ukusungula i-ITSO ngendlela efanele yiyonandlela yokusifeza leso sithembiso.
Umbiko wethimba ngesigaba sokuqala uphakamise izinyathelo ezingenziwa ngaphambi kokuqedela ukuhlukanisa i-Eskom ngokuphelele. Liphakamise ukuthi kuqiniswe ukuzimela kweNational Transmission Company SA (iNTCSA), inkampani esungulwe njengoba kuhlukaniswa i-Eskom, ngokuthi ibenamabhodi azimele, kungabibikho abantu abazohlala kwibhodi layo futhi baphinde bahlale nakwele-Eskom.
Kufanele futhi ibhodi yeNTCSA iziqokele yona isikhulu esiphezulu nezinye izikhulu zale nkampani. I-Eskom kufanele iyeke iNTCSA kubeyiyona eyenza zonke izinqumo eziqondene nemboni kagesi futhi kufanele kubenemali ebekwe eceleni ukuseka lo msebenzi.
Zinhle lezi ziphakamiso. Zakha isisekelo senkampani i-ITSO ezogcina iyiphethe. Kungijabulisile ukuthi umbiko uyakhuluma nangale nto ekhathazayo yokuthi i-Eskom kungenzeka iqhubeke nokubaneqhaza ezinqumweni ezenziwa mayelana nokusabalalisa ugesi – iziphakamiso mayelana nokuhlukanisa abantu abaphatha le nkampani nokuthi izimele geqe kuzokuqeda loko.
Lezi ziphakamiso zibalulekile ekuletheni izinguquko ezinqala. Ukuthatha izintambo kweNTCSA ngokugcwele kuphendlela iSouth African Wholesale Electricity Market (iSawem), okufanele iqale ukusebenza kule kota indlela.
Sekuvele kubambezelekile ukuqala kweSawem, imvume kamengameli neziphakamiso zethimba kususa izingqinamba. Sekufanele ukuthula le nkampani kuqhubeke ngendlela okuhlelwe ngayo.
Imvume kamengameli yihle kakhulu kwabafisa ukutshala imali. Ukungabaza ngokuthi ngabe iNingizimu Afrika izoqhubeka yini nokuthula izinguquko ezinqala kubakhathaze kakhulu abaphehli bakagesi abazimele namakhasimende asebenzisa ugesi omningi. Lolo valo selehle kakhulu. Sekuzobanemboni kagesi ezimele futhi esimeme. Abatshalimali sebengazihlela kahle.
Ngifisa ukuncoma umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse, owusihlalo waleli thimba, namanye amalungu ngalo mbiko wesigaba sokuqala. Wenze kwanenqubekelaphambili ngesikhathi esimqoka kanti nomengameli usisebenzisile ukucacisa izinto.

Uyancomeka umsebenzi kaPieterse nabalingani bakhe
Leli thimba selihlanganisa umbiko wesigaba sesibili ozobheka indlela okufanele izinto zenziwe ngayo, nokudingeka ezinyangeni ezintathu. Kufanele uhlonishwe lo mnqamulajuqu.
Kubalulekile manje ukuthi i-Eskom ihambisane nezincomo zombiko. Akusekho ukuthi kuloku kuqoshiswana ngalo mgomo. Ngiyazi ukuthi ukuphothula yonke into kuzobawumdanti futhi ukuguqula into enkulu kangaka kudinga ubunyonico. Nokho akuzona izinkinga ezingeke zixazululeka lezi. Kunenqwaba yezibonelo iNingizimu Afrika engabukela kuzona.
I-Eskom kufanele ibambe iqhaza ngendlela ebonakalayo kulesi sigaba sesibili. Ithimba lithe isikweletu somasipala yiyona ngozi enkulu kakhulu ngokuhamba kwesikhathi kanti liphakamise ukuthi kubekhona ikomiti elizosebenza ukuxazulula le nkinga. Sihle lesi siphakamiso futhi siyaphuthuma.
I-Eskom isikweletwa womasipala imali engaphezu kwangoR114 billion. Kukhona imizamo ekhona njengamamitha asebenza ngobuchwepheshe besimanje, izivumelwano ezithinta indlela imali yomasipala eyabiwa ngayo kodwa zonke lezi zinto zisagqagqane. Ikomiti elibheke loku lizoqinisekisa ukuthi kuyabanjiswana.


