Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso uncoma ikhabhinethi entsha. Isithombe: Sithunyelwe

‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’

YINTATHELI YOMBELE

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ihalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu. 

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Kuthathe isikhathi eside kodwa isimemezelo sayizolo ebusuku sesivumelwano sikaHulumeni woBumbano nekhabhinethi kuyisiqalo esisha. Ekugcineni, usuyaqala ngempela uhulumeni omusha kodwa impumelelo yawo incike ezivumelwaneni ezisayinwe ngenyanga edlule. Izivumelwano ziyisisekelo. Ukuqina kwazo nezinhlangothi zonke eziqonda imisebenzi yazo yikona okuzosho ukusebenza kahle kwalo hulumeni wobumbano.

“Ubukhulu bale khabhinethi kaHulumeni woBumbano kwenza sikhathazeke ngeSabelomali, ukusebenza ngendlela efanele nokukwazi ukulawula kahle kube kubhalansiswa izinto ezifunwa ngabantu abahlukene ababumbe uhulumeni nezinye izinhlaka.”

I-BLSA iyakuncoma ukuqhubeka komsebenzi okuhambisana nokuphinde kuqokwe uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana. Ukuzethemba, ukuzimisela, ukuqonda ipolitiki, amava akhe nokwazi ukuzuza abatshalimali yinto enhle emnyangweni ethinta umnotho futhi kuhle nangokwentuthuko nokukhula komnotho. 

Ukuqokwa kukaNgqongqoshe uParks Tau ukuhola umNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana kubalulekile kanti siyinhlangano yamabhizinisi sikubheke ngabomvu ukubona imigomo ezokhulisa umnotho nezinguquko ezizolungisa izinselelo zomnotho zaseNingizimu Afrika kwenze umnotho uzinze futhi nabatshalimali babenethemba ngalo mnyango omqoka. 

Kunenqubekelaphambili ngokulungisa inkinga kagesi ezweni kanti izinhlangano zamabhizinisi zisebenzisane kahle noNgqongqoshe uKgosientsho Ramokgopa ewuNgqongqoshe kaGesi. 

Ukwengeza umNyango wamaNdla kuzosiza ukweseka uhlelo lokushintshela kugesi ovuselelwayo futhi kuphendla indlela yokushintsha imboni kagesi. 

Bonke abantu baseNingizimu Afrika bazobheka oNgqogqoshe wamaPhoyisa, owobuLungisa nokuThuthukisa umThethosisekelo nowokuHlumelelisa iziMilo ukuthi basebenzisane ukulwa nobugebengu nenkohlakalo, okungenye yezinto amabhizinisi abambisene nohulumeni kuzona. 

Eminye iminyango emqoka ukufukula iNingizimu Afrika ukuze ifinyelele lapho kunemisebenzi futhi kukhula umnotho ofaka wonke umuntu ngowezoLimo, owoMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya nowezangaPhandle. 

Ukusebenza kwale minyango yomithathu kuzobhekwa ngeso elibukhali ngabavoti 

ngokwezinyathelo ezozithatha ukuqinisa ukusebenza kukahulumeni. Kunethemba lokuthi lezi zinhlelo ezikhona ezizokhulisa umnotho zizophothunyiswa.  

I-BLSA incoma ukugcizelela kukaMengameli uRamaphosa ukuthi kufanele kuphuculwe indlela uhulumeni osebenza ngayo njengenye yezinto uHulumeni woBumbano ozozibeka eqhulwini. 

“Abaphathi abanamakhono nokucacisa kahle imisebenzi kuzobamqoka. Sithemba ukuthi ongqongqoshe kuhulumeni wobumbano bazokuqikelela ukuqoka izisebenzi zikahulumeni eziwaziyo umsebenzi futhi ezizinikele, ezizowohlonipha umsebenzi ikakhulukazi abaqondisi-jikelele namaphini abo ukuhola iminyango kahulumeni. Ukuqokwa kwalaba abantu kumqoka ukuxazulula izinkinga nokwenza imisebenzi. Wonke umuntu oqokwayo ukuphatha kuhulumeni yithuba lokuqinisa indlela okuphathwa ngayo.

“Simagange ukuxoxisana nekhabhinethi entsha. INingizimu Afrika idinga abaholi abaqotho, abanamakhono afanele, amava futhi abazinikele ukwenza izinguquko ezifanele ukubuyisela izwe empumelelweni ukuze kusizakale zonke izakhamuzi. Manje yisikhathi sokufingqa imikhono,” kusho uNksz uMavuso.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/15/uramaphosa-osephindwe-waqokwa-angaphuthumisa-izinguquko/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page