Isiteleka semboni kashukela ezweni siyaqhubeka
WUBONISWA MOHALE
IZINYUNYANA zezisebenzi zemboni kashukela eNingizimu Afrika zithi isiteleka esiqale ngesonto elidlule sizoqhubeka zize zithole ezikufunayo.
Lezi zisebenzi ezingaphansi kweFood and Allied Workers Union (iFawu), i-Association of Mineworkers and Construction Union ne-Uasa zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-13%. Zifuna isibonelelo semali yokugibela esiwuR1 000 nesezindlu esiwuR1 500.
Izingxoxo zifinyelele kwangqingetshe ngesonto elidlule ngemva kokuthi abaqashi bemboni kashukela iSugar Manufacturing and Refining Employers’ Association bethe bazokwazi ukunyusa amaholo ngo-5,4% kuphela.
Lesi siteleka sithinta izisebenzi zemboni kashukela ezweni kusukela KwaZulu-Natali, eMpumalanga kuya kwezinye izindawo ezinezigayo zomoba.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/28/abalimi-bomoba-bafuna-kunyuswe-intela-kashukela-waphesheya/
Umkhulumeli we-Uasa uNksz u-Abigail Moyo uthe izisebenzi ziteleke ngoba amaholo awahambisani nezindleko zokuphila. Ubalule ukuthi amanani okudla, akagesi, awemali yokugibela nawezindlu akhuphukile kodwa amaholo awakhuphukanga ngendlela efanele.
“Izingxoxo ziqale ngoFebhuwari kanti asikwazanga ukuvumelana. Sifinyelele kwangqingetshe izisebenzi zathi zifuna ukusebenzisa ilungelo lazo lokuteleka. Isiteleka siqale ngomhlaka-15 futhi sizoqhubeka kuze kube abaqashi bazinika izimfuno zazo. Sicela umqashi ukuthi abuyele ezingxoxweni ukuze sizothola isisombululo esivuna zonke izinhlaka,” kusho yena.
Iphini likamengameli weFawu uMnu uNkululeko Mthethwa uthe izisebenzi bezifuna amaholo anyuke ngo-6% kodwa emva kokuthi umqashi engafunanga ukunyusa amaholo ngemali ezokwenza umehluko babone kungcono ukuthi bafune u-13%.
Uthi umxazululi weCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration uzamile ukungenelela kodwa abaqashi bemboni kashukela abazange bafune ukusebenzisana nezinyunyana.
“Sizimisele ukubuyela ezingxoxweni kanti nezimfuno zethu zibewukuthi amaholo anyuka ngo-7% kodwa nomqashi kufanele asebenzisane nathi. Siyafuna ukuthi imboni ivikeleke kushukela ovela phesheya futhi sifuna siphele isiteleka esiphazamisa umsebenzi wezigayo eziwu-12 KwaZulu-Natali naseMpumalanga,” kusho yena.
Kuze kubemanje abaqashi bemboni kashukela bebengakaphawuli ngalolu daba.

