UNksz uLebogang Mashigo, umnikazi we-Eggsellent by Lebo, edayisa amaqanda yaseKwaggafontein, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Ahamba ubuthaphuthaphu amaqanda owaqala enesizungu

WUSIZAKELE NDULI

INTOKAZI yaseKwaggafontein, eMpumalanga, eyaqala ibhizinisi kancane kancane ngo-2019 futhi ichitha isizungu isinebhizinisi elivuthiwe. 

Ngonyaka olandelayo uNksz uLebogang Mashigo wabhalisa ibhizinisi i-Eggsellent by Lebo kanti manje usenepulazi lezinkukhu ezizalela amaqanda. 

“Kwadingeka ukuthi ngithole indlela yokuqala kancane ngakhele ikusasa. Ukukhiqiza ngendlela yezinga eliphezulu nokuqhubeka kanjalo kuyabiza. Ngangingenayo ingqalasizinda yokuqala ibhizinisi ngokuzenzela umkhiqizo kodwa ngakwazi ukuqala ngidayisa umkhiqizo engiwuthengile,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-33. 

UNksz uMashigo uthi uke wathwala kanzima kufanele athwale izindleko zebhizinisi lisaqala. Ngaleso sikhathi kwadingeka ukuthi enze abantu bangakubo bakholelwe emkhiqizweni wakhe njengoba iningi labo lalikholelwa ezinkampanini ezinkulu. 

Manje umkhiqizo we-Eggsellent by Lebo utholakala ezitolo ezimbili okungesiKwaMhlanga nasePhola Mall eKwaggantein futhi idayisa amaqanda ezikoleni okuhlala abafundi ngaphakathi kuzona, amabhizinisi amancane okungawezindawo zokulala nezitolo zekota zaseMpumalanga nabantu.

Ngaphambi kokuqala ibhizinisi, uNksz uMashigo wayephethe iNuBreed Music Institute, inhlangano engenzi inzuzo esebenzisana nabaculi ukufundisa izingane ngomculo. Ngemva kokukhulelwa ngo-2018, wabuyela kubo ngoba edinga usizo lukanina ngemva kweminyaka emibili ehlala eGoli, eGauteng. 

Waqala kanjalo ezama ukuchitha isizungu emva kokuphathwa wukhwantalala, kwagcina kuba yibhizinisi. “I-Eggsellent angiyiqalanga ngenhloso. Ngangithi ngithatha amashansi ngokudayisa amaqanda. Kwathi ngokubona ithuba, ngasebenzisa konke enganginakho ukuqhubeka,” kusho yena.  

Izitaki zamaqanda e-Eggsellent by Lebo sezilungele ukubuthwa ngamakhasimende

Nakuba enezisebenzi ezine eziqashwe ngokugcwele okwamanje kodwa uhlela ukuqasha abanye abantu abayishumi uma eseqede ukwakha amahhoko amabili azomumatha izinkukhu eziwu-15 000 lilodwa. Uthemba ukuthi kuzoqedwa ukwakha ngo-Okthoba kulo nyaka.

“Ngizama ukubuyisela emphakathini. Nokho angiphi abantu imali, ngibanika ulwazi. Ngo-2020 ngaxhashwa ngoR50 000 yiNYDA (yiNational Youth Development Agency) nakolunye uhlelo oluthuthukisa osomabhizinisi ngolwazi. Ngo-2023 ngathola olunye usizo olwangisiza ukuchumisa ibhizinisi lami. Konke loko kwenzeka ngosizo lomNyango wezoLimo waseMpumalanga,” kusho uNksz uMashigo. 

Selokhu asungula i-Eggsellent by Lebo uloku edlondlobale njalo. Kwezinye zezinto asesizuze ngebhizinisi lakhe yisivumelwano seminyaka emihlanu asenze nomunye weminyango yohulumeni.

“Akudingeki ukuthi njalo uqale ngokuba wumlimi noma umfuyi. Kunaloko ungaqala ngokuthenga, udayise umkhiqizo othile bese ukhulisa imakethe yakho. Ungathi usenza njalo, ube uthola umuntu ozokuchushisa ngamasu okuchuma noma uvolontiye epulazinini elithile ukuze ufunde ukuthi izinto zenziwa kanjani. Kudingeka ubekezele futhi uphokophele ukuze uchume kule ndima,” kusho uNksz uMashigo. 

  • Facebook: Eggsellent by Lebo

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/01/25/uneziqu-eziyinyama-usebenze-ehhovisi-labameli-nasemabhizinisini-omndeni-kodwa-manje-unepulazi-lezinkukhu-zohlobo-lo-mfuyi-uxoxe-nolanga-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page