Abaphikisa izinguquko ezinqala balahlekisela izwe ngemisebenzi kanti kufanele kuphele loko, kuloba uBusi Mavuso
IZIBALO ezimbi ngokuntuleka kwemisebenzi ezishicilelwe ngesonto elidlule ziyinkomba yenkinga ebhebhethekayo, ikakhulu entsheni. Wuphawu lokuhluleka ukukhulisa umnotho ngezinga elanele ukwakha imisebenzi.
Izimbangela zaloku aziyona imfihlo. Kusukela kwezokuthutha kuye kugesi, abatshalimali balinde ukuthi izinto zinyakaze ukuze baqale batshale imali. Ayikho into eyodwa evimbe loko, kunaloko kufanele sitshengise ukuthi sizimisele kwesizibophezele kukho siyizwe, ukuthi sizimisele ukwenza izinguquko ezizokhulisa umnotho.
Kunalokho kunezimpawu eziningi ezikhombisa ukuthi sishaya ngonyawo lonwabu ekulandeleleni kwesizibophezele kukhona. Ukulwa kwe-Eskom nokuhlukanisa ingqalasizinda yokusabalalisa ugesi ukuze ibeyingxenye yenkampani ezimele i-Independent System Operator (i-ITSO) yisibonelo esicacile saloku.
Ngivamile ukuthi ukuhlela kabusha yinto ebucayi, ikakhulu kwabakweletwa yi-Eskom, abanezigidi ngezigidi abazifake kule nkampani. Yebo, le ngqalasizinda isemabhukwini e-Eskom futhi isetshenzisiwe ukuboleka lezi zigidi. Ngeke (ababoleke i-Eskom imali) bafune ukuthi leyo ngqalasizinda eyenze bakwazi ukuboleka le nkampani bese ivele ingabibikho ngenxa yokuhlukaniswa kwenkampani.
Yinto ezwakalayo leyo kanti amalungelo abantu ababolekise ngemali nabanye abatshalimali kulolu hlelo kufanele ahlonishwe. Kodwa amabhange nabanye ababolekisa ngemali engikhuluma nabo, bazimisele ukuxoxisana ngaloku. Kudingeka nje ukuthi iqale ingxoxo. Ibhodi ye-Eskom ayikwenzi loku, yileyo-ke inkinga.
Kunomehluko ukuvuma ukuthi into ibucayi nokusebenzisa lobo bucayi ukulwa noshintsho. Ibhodi ye-Eskom ezimisele ngempela ukuthola isisombululo kule nkiyankiya ngabe iyaxoxisana namabhange, yenze iziphakamiso.
Kunaloko, izimpawu zitshengisa ukudembesela nokugxila kwizingqinamba kunezisombululo ngethemba lokuthi uzogcina uphelile umdlandla kosopolitiki, nokuzokwenza yonke le nto ithathe isikhathi eside kakhulu.
Inyanga nenyanga izinto zibambezeleka kusho ukubambezeleka kwemali engatshalwa nemisebenzi engakhiwa. Ababoleke i-Eskom imali abanankinga nezinguquko, iningi labo lifuna ukubona umnotho weNingizimu Afrika ukhula. Okuqeda ithemba labo, akuzona izinguquko kodwa wukungenziwa kwazo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/18/sizoya-enkantolo-uma-kususwa-usihlalo-webhodi-ye-eskom-inyunyana/
Angithembi ukuthi lobu buholi obukhona e-Eskom buzimisele ngempela ukubona izinguquko ziphumelela. Engidinga ukukubona yibhodi elikhuluma ngezixazululo kunezingqinamba, elixoxisana namabhange ukuthola isisombululo nelibheka lesi simo esibucayi likholwa wukuthi umphumela kuzoba yimboni kagesi ekwazi ukuncintisana, ethembekile futhi enogesi obiza kahle. Asikuboni lokho.
I-National Union of Mineworkers (iNUM) isiye enkantolo ukuyovimba izinguquko ngoba ithi “zizobulala i-Eskom.” Azilona iqiniso lezo zinsolo. Amabhange ngeke awuvume umphumela ongacekela phansi ukusebenza kwenkampani. Imali ayifakile ngeke iwavumele enze lokho.
Ingozi enkulu kwi-Eskom akukona ukuyihlukanisa kodwa wuR114 billion ekweletwa wona omasipala, isikweletu esiqhubekayo nokunyuka. Ukulungisa lokho kufanele kubeyisisekelo sohlelo lokuhlukanisa kabusha i-Eskom kanti iBusiness Leadership South Africa kade yayikusho loku.
Kungangcono uma iNUM ingathatha umdlandla wayo iwufake enkingeni yesikweletu somasipala kunokulwa nezinguquko okuzanyaw ukuyilungisa. Osomabhizinisi sebesebenze kakhulu ne-Eskom beyiseka ukuthi ivuselele izinto futhi bazoqhubeka nokwenza lokho. Ukuzibophezela kwethu ekusimamiseni i-Eskom ngeke kushintshe.
Khonamanjalo, ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa uzobaseNkantolo yokuDlulisa amaCala kuleli sonto eyophikisa isinqumo seNkantolo eNkulu esivimbe ukuthenga amalahle amasha, savuna izinhlangano eziningi ezingenzi inzuzo ezilwela ukuvikela imvelo.
Angiboni ukuthi loku kuwukusebenzisa isikhathi sikangqongqoshe nemali yomphakathi kahle. Uhlaka olusha lwendlela ugesi ozoxutshwa ngayo alusho lutho ngamalahle, ngakho ungqongqoshe ulwela into uhulumeni ongeke uyisebenzise. Ugesi ngeke usaphehlwa ngamalahle, akekho ozoxhasa leyo misebenzi ngemali. Amalahle awubuchwepheshe obudala.

URamokgopa uyochitha isikhathi enkantolo ngokuyolwa impi yamalahle
Isikhathi nomdlandla kangqongqoshe kufanele ngabe kusetshenziselwa izinto ezimqoka njengokuxoxisana namabhange nge-ITSO nokucacisa kahle isikhathi sokwethula iSouth African Wholesale Electricity Market kule kota okuzotshengisa ukuthi osopolitiki basazimisele ukuqhubeka nezinguquko ngisho izinkampani zilwa nazo.
Sikhohlwa wukuthi iNingizimu Afrika yake yayizwe elizifezayo izethembiso. Umphumela waloko kwabawukukhula komnotho ngo-5%, ukukleliswa kahle ngababolekisa ngemali nezinga labaswele imisebenzi eliphansi kakhulu kuneliyikhona manje. Izinto ziqale ukubheda emva kuka-2008 ikakhulu ngesikhathi kuphethe (uMnu uJacob) Zuma.
Siyatotoba ukubuyisela izinto kokujwayelekile. Izinguquko ezizokwenza okuvunyelwene ngazo futhi ziyaqhubeka. Sisethubeni lokuqala izimboni ezintsha ezingasungula imisebenzi eminingi njengekagesi ovuselelwayo ethembisayo kodwa sisengozini yokuxosha abatshalimali ngokungalandeleli umgomo okuvunyelwene ngawo.
Abaphikisana nathi ukuthi izinto zenzeke yiqeqebane elisezinkampanini, izinyunyana nakuhulumeni elingenankinga nokuthatha ngonyawo lonwabo ngesikhathi izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zilinde imisebenzi engekho. Kufanele silwe naloko futhi sigxile ekwenzeni okufanele ukukhulisa umnotho.


